INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Mashi 2014

Kulo magazini, funda uzwe ukuthi ungawulondoloza kanjani umoya wokuzidela nombono omuhle. Singabanakekela kanjani asebekhulile esikholwa nabo kanye nalabo abayizihlobo zethu?

Ukufinyelela Izinhliziyo Zezihlobo Ezingebona OFakazi

Singafundani endleleni uJesu aphatha ngayo izihlobo zakhe? Singaxoxa kanjani ngokholo lwethu namalungu omkhaya akwenye inkolo—noma angakholwa nhlobo?

Indlela Yokulondoloza Umoya Wokuzidela

Sibhekene nesitha esiyiqili esingaqeda umoya wethu wokuzidela. Lesi sihloko sizosibonisa ukuthi isiphi leso sitha nokuthi singalisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuze silwe naso.

Indlela Yokulondoloza Umbono Omuhle

Kungani abantu abaningi behlushwa imizwa engakhi? Lesi sihloko sibonisa indlela esingasebenzisa ngayo iBhayibheli ukuze silondoloze umbono omuhle ngathi ngokwethu.

Ukukhulekela Komkhaya—Ningakwenza Yini Kujabulise Ngokwengeziwe?

Bheka indlela ukukhulekela komkhaya okwenziwa ngayo emazweni amaningi ukuze ubone ukuthi ikuphi ongakuzama.

Yazisani Asebekhulile Abaphakathi Kwenu

Hlola indlela uNkulunkulu ababheka ngayo asebekhulile. Iziphi izibopho abantwana abadala abanazo kubazali babo asebekhulile? Amabandla angabazisa kanjani asebekhulile abaphakathi kwawo?

Ukunakekela Asebekhulile

Abazali abakhulayo nezingane ezindala bangaxoxa ngamalungiselelo nezinqumo ezithile ngaphambi kokuba kufike “izinsuku eziyinhlekelele.” Bangahlangabezana kanjani nezinye zalezi zinselele?

Ingabe Izwi Lakho ‘LinguYebo Libe LinguCha’?

AmaKristu kufanele agcine izwi lawo futhi akufanele nanini azithole ethi ‘yebo kube kungucha.’ Kuthiwani uma kudingeka sihoxise? Funda esibonelweni soMphostoli uPawulu.