Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INQABAYOKULINDA No. 2 2017 | Isipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele—Ingabe Uzosamukela?

UCABANGANI?

Yisiphi isipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asiphe sona?

IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.”Johane 3:16.

Le Nqabayokulinda ikhuluma ngesizathu esenza ukuba uNkulunkulu athumele uJesu emhlabeni ukuze azosifela nokuthi thina singakubonisa kanjani ukwazisa ngaleso sipho.

 

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Isipho Esiyingqayizivele

IBhayibheli lichaza isipho senani eliphezulu elingenakuqhathaniswa, esinganikeza abasamukelayo ukuphila okuphakade. Sikhona yini isipho esibaluleke ukudlula lesi?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Isipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele—Kungani Siyigugu Kangaka?

Yini eyenza isipho esithile sibe yigugu kunesinye? Ukucabanga ngalokho kungasenza sisazise nakakhulu isihlengo.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Uzokubonisa Kanjani Ukwazisa Ngesipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele?

Indlela uKristu asithanda ngayo isishukumisela ukuba senzeni?

Ingabe Ukungashadi Kuyimfuneko Ezikhonzini EzingamaKristu?

Ezinkolweni ezithile kuyimfuneko ukuba abaholi noma abefundisi bangashadi. Kodwa ithini imiBhalo ngale ndaba?

Ukuphunyuka Ebugqilini—Endulo Nanamuhla

Endulo, abantu bakaNkulunkulu baphunyuka ebugqilini. Ngokudabukisayo, izigidi zabantu zihlupheka ngenxa yalokhu kuntuleka kobulungisa.

Thola Injabulo Ngokupha

Ukupha kusiza wena, kusize nabanye. Kwenza abantu babambisane futhi babe nobungane. Ungaba kanjani umuphi ojabulayo?

Lithini IBhayibheli?

IBhayibheli lithi, ‘izinsuku zokugcina’ ziyoba “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Ingabe lawo mazwi achaza isikhathi esiphila kuso?

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet