Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungabi Namagqubu

Ungabi Namagqubu

Dawuniloda:

  1. 1. Kubuhlungu uk’bamb’ igqubu.

    Kuba uthwalo osindayo.

    Ngifis’ ukukhululeka.

    Uma kunguw’ ophathwe kabi,

    Kuba lukhun’ ukuthethelela,

    Bese ubamba amagqubu.

    (PRE-CHORUS)

    Kungcono ng’thandaze njengamanje.

    UJah wabona konke okwenzeka.

    Futhi ng’yazi uzong’siza

    (CHORUS)

    Ng’thethelele.

    Min’ anginawo amandla.

    “Baba, Ngicela ung’size

    Ngingabi nagqubu.

    Ngenze ngik’lingise,

    Ngithethelele, ngikudlulise.

    Baba, Ngicela ung’size;

    Ngingabi nagqubu.

    Ng’thethelele.”

  2. 2. Ngiyazama ukuk’dlulisa,

    Ingqond’ ivel’ ik’buyise.

    Ngifis’ ukukukhohlwa konke.

    Ngazi kahle uk’thethelela

    Kush’ uk’ngalokh’ ucabanga ngakho,

    Ulokh’ usindwa umthwalo.

    (PRE-CHORUS)

    Kungcono ng’thandaze njengamanje.

    UJah wabona konke okwenzeka.

    Futhi ng’yazi uzong’siza

    (CHORUS)

    Ng’thethelele.

    Min’ anginawo amandla.

    “Baba, Ngicela ung’size;

    Ngingabi nagqubu,

    Ngenze ngik’lingise,

    Ngithethelele, ngikudlulise.

    Baba, Ngicela ung’size;

    Ngingabi nagqubu.

    Ng’thethelele.”

    Ng’thethelele.

    Ng’thethelele.

    Ng’thethelele.