Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

Ingabe Yilokhu UNkulunkulu Ayekuhlosile?

Ungase uzibuze ukuthi kungani kunezinkinga eziningi kangaka namuhla. Ingabe bewazi ukuthi iBhayibheli lithi ushintsho lwangempela luyeza nokuthi ungazuza kulo?

ISAHLUKO 1

Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?

Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyakukhathalela wena luqobo? Funda ngobuntu bakhe nendlela ongasondela ngayo kuye.

ISAHLUKO 2

IBhayibheli—Incwadi Evela KuNkulunkulu

IBhayibheli lingakusiza kanjani ukuba ubhekane nezinkinga zakho? Kungani ungazethemba iziprofetho zalo?

ISAHLUKO 3

Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

Ingabe injongo kaNkulunkulu yomhlaba oyipharadesi iyoke igcwaliseke? Uma kunjalo, nini?

ISAHLUKO 4

Ungubani UJesu Kristu?

Thola ukuthi kungani uJesu enguMesiya othenjisiwe, lapho avela khona nokuthi kungani eyiNdodana kaJehova ezelwe yodwa.

ISAHLUKO 5

Isihlengo—Isipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke

Siyini isihlengo? Ungazuza kanjani kuso?

ISAHLUKO 6

Bakuphi Abafileyo?

Thola okushiwo iBhayibheli ngokuthi abafileyo bakuphi nokuthi kungani abantu befa.

ISAHLUKO 7

Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile

Wake washonelwa umuntu omthandayo? Ungakwazi ukuphinde umbone? Thola ukuthi iBhayibheli lifundisani ngovuko.

ISAHLUKO 8

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Abantu abaningi bayawazi uMthandazo WeNkosi. Isho ukuthini inkulumo ethi: “Umbuso wakho mawuze”?

ISAHLUKO 9

Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”?

Cabanga ngendlela izenzo nezimo zengqondo ezisizungezile ezifakazela ngayo ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” iBhayibheli elazibikezela.

ISAHLUKO 10

Izidalwa Zomoya—Indlela Ezisithinta Ngayo

IBhayibheli likhuluma ngezingelosi namademoni. Ingabe lezi zidalwa zomoya zikhona ngempela? Zingakuthinta ukuphila kwakho?

ISAHLUKO 11

Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

Abaningi bacabanga ukuthi uNkulunkulu kumelwe asolwe ngokuhlupheka okusemhlabeni. Ucabangani wena? Funda lokho uNkulunkulu akushoyo ngezizathu zokuhlupheka.

ISAHLUKO 12

Ukuphila Ngendlela Ejabulisa UNkulunkulu

Singakwazi ukuphila ngendlela ejabulisa uJehova. Empeleni, ungaba umngane wakhe.

ISAHLUKO 13

Umbono KaNkulunkulu Ngokuphila

UNkulunkulu ukubheka kanjani ukukhipha isisu, ukumpontshelwa igazi nokuphila kwesilwane?

ISAHLUKO 14

Indlela Yokwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise

Uthando olwaboniswa nguJesu luyisibonelo esingalingiswa abayeni, amakhosikazi, abazali nezingane. Yini esiyifundayo kuye?

ISAHLUKO 15

Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu

Cabanga ngezici eziyisithupha ababonakala ngazo labo abasenkolweni yeqiniso.

ISAHLUKO 16

Melela Inkolo Yeqiniso

Yiziphi izinselele ongabhekana nazo lapho uxoxa nabanye ngezinkolelo zakho? Ungakwenza kanjani lokho ngaphandle kokubacasula?

ISAHLUKO 17

Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo

Ingabe uNkulunkulu uyalalela lapho uthandaza? Ukuze uphendule lowo mbuzo, kudingeka uqonde okufundiswa iBhayibheli ngomthandazo.

ISAHLUKO 18

Ubhapathizo Nobuhlobo Bakho NoNkulunkulu

Iziphi izinyathelo ezidingekayo ukuze ufanelekele ubhapathizo lobuKristu? Thola ukuthi lufanekiselani nokuthi kufanele lwenziwe kanjani.

ISAHLUKO 19

Hlala Othandweni LukaNkulunkulu

Singalubonisa kanjani uthando nokubonga ngakho konke uNkulunkulu asenzele khona?

ISITHASISELO

Igama likaNkulunkulu—Ukusetshenziswa Kwalo Nencazelo Yalo

Izinguqulo eziningi zeBhayibheli ziye zalikhipha igama likaNkulunkulu. Kungani? Ingabe kubalulekile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu?

ISITHASISELO

Indlela Isiprofetho SikaDaniyeli Esibikezela Ngayo Ukufika KukaMesiya

Kusasele iminyaka engaphezu kuka-500, uNkulunkulu wembula isikhathi esinembile uMesiya ayezofika ngaso. Funda ngalesi siprofetho esithakazelisayo!

ISITHASISELO

UJesu Kristu—UMesiya Othenjisiwe

UJesu wazigcwalisa zonke iziprofetho zeBhayibheli eziphathelene noMesiya. Hlolisisa eBhayibhelini lakho ubone ukuthi imininingwane yalezi ziprofetho yagcwaliseka yonke.

ISITHASISELO

Iqiniso NgoYise, INdodana, NoMoya Ongcwele

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu ikhona eBhayibhelini. Kuyiqiniso yini lokho?

ISITHASISELO

Isidlo SeNkosi Sakusihlwa—Umkhosi Odumisa UNkulunkulu

AmaKristu ayalwa ukuba agubhe iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Kufanele sigujwe nini futhi kanjani?

ISITHASISELO

“Umphefumulo Nomoya”—Asho Ukuthini Ngempela La Magama?

Abaningi bacabanga ukuthi ngemva kokufa ingxenye ethile engabonakali yomuntu iyawushiya umzimba futhi iqhubeke iphila. Lisitshelani iZwi likaNkulunkulu?

ISITHASISELO

Liyini IShiyoli NeHayidese?

Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zisebenzisa igama elithi “ithuna” noma “isihogo” lapho zihumusha elithi iShiyoli nelithi iHayidese. Asho ukuthini ngempela la magama?

ISITHASISELO

Usuku Lokwahlulela—Luyini?

Funda indlela uSuku Lokwahlulela oluyoba isibusiso ngayo kuso sonke isintu esithembekile.

ISITHASISELO

U-1914—Unyaka Obalulekile Eziprofethweni ZeBhayibheli

Yibuphi ubufakazi obuseBhayibhelini bokuthi u-1914 wawungunyaka obalulekile?

ISITHASISELO

Ubani UMikayeli Ingelosi Eyinhloko?

IBhayibheli lisitshela ukuthi ingubani le ngelosi eyinhloko enamandla. Funda okwengeziwe ngayo nokuthi yenzani manje.

ISITHASISELO

Ukuthola Ukuthi “IBhabhiloni Elikhulu” Liyini

Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ikhuluma ngowesifazane obizwa ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu.” Ingabe ungowesifazane ongokoqobo? Lithini iBhayibheli ngaye?

ISITHASISELO

Ingabe UJesu Wazalwa Ngo-December?

Cabanga ngesimo sezulu sangesikhathi sonyaka uJesu azalwa ngaso. Kusitshelani lokho?

ISITHASISELO

Kufanele Yini Sigubhe Amaholide?

Uyini umsuka wamaholide amaningi athandwayo lapho uhlala khona? Izimpendulo zingakumangaza.