Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini

Le ncwadi ikhuluma ngezinto ezenzeka endulo, kusukela ekudalweni kwezinto kuye ekuzalweni kukaJesu nasenkonzweni yakhe, kuhambe njalo kuze kuyofika eMbusweni kaNkulunkulu.

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Le ncwadi ingasetshenziswa kanjani?

UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba

IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba. Kodwa uyazi ukuthi iyiphi ingelosi ayidala kuqala ngaphambi kwayo yonke enye into?

UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala

UNkulunkulu wadala indoda yokuqala nowesifazane wokuqala wababeka ensimini yase-Edene. Wayefuna ukuba bakhulise umndeni futhi benze wonke umhlaba ube yipharadesi.

U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu

Yini eyayihlukile ngesihlahla esisodwa esasisensimini yase-Edene? Kungani u-⁠Eva adla isithelo saso?

Intukuthelo Yamenza Umbulali

UNkulunkulu wawamukela umnikelo ka-Abela kodwa akawamukelanga okaKhayini. Lapho uKhayini ekubona lokho, wathukuthela kakhulu wenza into embi.

Umkhumbi KaNowa

Izingelosi ezehla ezulwini zashada nabesifazane, abazizalela iziqhwaga eziyimidondoshiya. Kwakugcwele ubudlova emhlabeni. Kodwa uNowa wayehlukile​—⁠wayemthanda uNkulunkulu futhi emlalela.

Kwasinda Abantu Abangu-8

Imvula yana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40. UNowa nomndeni wakhe babesemkhunjini isikhathi esingaphezu konyaka. Ekugcineni, uNkulunkulu wathi abaphume.

UMbhoshongo WaseBhabhele

Abantu abathile banquma ukwakha idolobha nombhoshongo ofika emazulwini. Kungani uNkulunkulu anquma ukubenza bakhulume izilimi ezingafani?

U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu

Kungani u-⁠Abrahama noSara bashiya ikhaya labo baba onozulane ezweni laseKhanani?

Ekugcineni Bathola Indodana!

UNkulunkulu wayezosigcwalisa kanjani isithembiso sakhe ku-Abrahama? Isithembiso sasizogcwaliseka ngayiphi indodana ka-Abrahama​—⁠u-Isaka noma u-⁠Ishmayeli?

Khumbula UmkaLoti

UNkulunkulu wenza ukuba kune umlilo nesibabule eSodoma naseGomora. Kungani lawo madolobha abhujiswa? Kungani kufanele sikhumbule umkaLoti?

Ukuvivinywa Kokholo

UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: ‘Ngicela uthathe indodana yakho okuwukuphela kwayo wenze ngayo umnikelo oshiswayo entabeni yaseMoriya.’ U-⁠Abrahama wayezosabela kanjani kulolu vivinyo lokholo?

UJakobe Wathola Ifa

U-Isaka noRebheka babenabafana abangamawele u-⁠Esawu noJakobe. Ngenxa yokuthi u-⁠Esawu wayeyizibulo, wayezothola ifa eliyigugu. Kungani alidayisa ukuze athole isitshulu?

UJakobe No-Esawu Bayaxolelana

Ingelosi yambusisa kanjani uJakobe? Futhi waxolelana kanjani no-Esawu?

Isigqila Esasilalela UNkulunkulu

UJosefa wenza okulungile kodwa washushiswa kanzima. Kungani?

UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa

Ngisho noma uJosefa ayehlala kude nomndeni wakhe, uNkulunkulu wabonisa ukuthi akamkhohliwe.

Kwakungubani UJobe?

Walalela ngisho noma kwakunzima.

UMose Wakhetha Ukukhonza UJehova

UMose wasindiswa icebo elihlakaniphile likamama wakhe.

Isihlahla Esivuthayo

Kungani umlilo ungasishisanga isihlahla?

Izinhlupho Zokuqala Ezintathu

UFaro walethela isizwe sakhe inhlekelele ngoba wayengafuni ukuvumela ama-Israyeli ahambe.

Izinhlupho Eziyisithupha Ezalandela

Zazihluke kanjani kwezintathu zokuqala?

Inhlupho Yeshumi

Le nhlupho yayinzima kangangokuba ekugcineni uFaro wagoba uphondo.

Isimangaliso OLwandle Olubomvu

Izinhlupho eziyishumi azimbulalanga uFaro kodwa wasinda yini olwandle olubomvu?

Isifungo Esenziwa kuJehova

Lapho ama-Israyeli esekamu eNtabeni iSinayi enza isithembiso esikhethekile kuNkulunkulu.

Asephula Isithembiso Sawo

Ngesikhathi uMose esayolanda Imiyalo Eyishumi, abantu benza isono esibi kakhulu.

Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo

Leli tende elikhethekile lalinomphongolo wesivumelwano.

Izinhloli Ezingu-12

Umbiko kaJoshuwa nokaKhalebi wawuhlukile kowezinhloli eziyishumi ezaziyohlola izwe laseKhanani.

Bavukela UJehova

UKhora, uDathani, u-⁠Abhiramu nabanye abangu-250 bavukela uMose no-Aroni. UJehova uthumela ama-Israyeli esebenzisa induku ka-Aroni.

Imbongolo KaBhalami Iyakhuluma

Imbongolo yabona othile owayengabonakali kuBhalami.

UJehova Wakhetha UJoshuwa

UNkulunkulu wanika uJoshuwa iziqondiso ezingasisiza nanamuhla.

URahabi Wafihla Izinhloli

Zadilika izindonga zaseJeriko. Kodwa indlu kaRahabi ayidilikanga nakuba izindonga zayo zazixhumene nezinye izindlu zaseJeriko.

UJoshuwa NabaseGibheyoni

UJoshuwa wathandaza kuNkulunkulu: “Langa, yima!” Wawuphendula yini uNkulunkulu umthandazo wakhe?

Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi

Ngemva kokufa kukaJoshuwa, ama-Israyeli aqala ukukhulekela izithombe. Ukuphila kwawo kwaba nzima, nokho uNkulunkulu wasebenzisa uMahluleli uBharaki, umphrofethikazi uDebora noJayeli nesikhonkwane setende lakhe ukuze awasize.

URuthe NoNawomi

Abesifazane ababili abangabafelokazi babuyela kwa-Israyeli. Omunye walaba besifazane, uRuthe, wasebenza emasimini, lapho abonwa khona uBhowazi.

UGideyoni Unqoba AbakwaMidiyani

Ngemva kokuhlukunyezwa abakwaMidiyani, ama-Israyeli ancenga uJehova ukuba awasize. Ibutho likaGideyoni elincane lalinqoba kanjani ibutho lesitha elalinamasosha angu-135 000?

UHana Wathandazela Ukuthola Indodana

U-Elkana uthatha uHana, uPhenina nabantwana ukuze bayokhonza uJehova eShilo. Lapho befika khona, uHana wathandazela ukuthola indodana. Ngemva konyaka, uSamuweli wazalwa!

Isithembiso SikaJefta

Yisiphi isithembiso esenziwa uJefta futhi kungani asenza? Yasabela kanjani indodakazi kaJefta lapho izwa ngesithembiso sikayise?

UJehova Ukhuluma NoSamuweli

Amadodana oMpristi Ophakeme u-⁠Eli ayekhonza njengabapristi etabernakele, nokho ayengayilaleli imithetho kaNkulunkulu. USamuweli wayehlukile nakuba ayemncane. UJehova wakhuluma naye.

UJehova Wenza USamsoni Waba Namandla

UNkulunkulu wenza uSamsoni waba namandla ukuze akwazi ukulwa namaFilisti, kodwa uSamsoni wenza iphutha futhi amaFilisti ambamba.

Inkosi Yokuqala Yakwa-Israyeli

UNkulunkulu wanika ama-Israyeli abahloli abangabahluleli kodwa wona afuna inkosi. USamuweli wagcoba uSawule ukuba abe inkosi kamuva uJehova uyamlahla uSawule. Kungani?

UDavide NoGoliyati

UJehova ukhetha uDavide ukuba abe inkosi elandelayo yakwa-Israyeli, uDavide wakubonisa ukuthi wayekufanelekela ukuba yinkosi.

UDavide NoSawule

Kungani enye ya la madoda izonda enye, le ezondwayo yasabela kanjani?

UJonathani Unesibindi Futhi Uqotho

Indodana yenkosi iba umngane omkhulu kaDavide.

Isono SeNkosi UDavide

Isinqumo esibi siholela ezinkingeni eziningi.

Ithempeli LikaJehova

UNkulunkulu wasamukela isicelo seNkosi uSolomoni.

Umbuso Uhlukana Phakathi

Ama-Israyeli amaningi ayeka ukukhulekela uJehova.

Uvivinyo ENtabeni IKarmeli

Ubani uNkulunkulu weqiniso? UJehova noma uBhali?

UJehova Waqinisa U-⁠Eliya

Ucabanga ukuthi angakuqinisa nawe?

Indodana Yomfelokazi Ivuka Ekufeni

Izimangaliso ezimbili emzini owodwa!

INdlovukazi Ekhohlakele Iyajeziswa

UJezebeli uhlela ukuba kubulawe uNaboti ongumIsrayeli ukuze ebe insimu yakhe yamagilebhisi! UJehova wabuqaphela ububi bakhe.

UJehova Uvikela UJehoshafati

Inkosi elungile uJehoshafati ithandaza kuNkulunkulu lapho uJuda ehlaselwa izitha.

Iqhawe Nentombazanyana

Intombazanyana engumIsrayeli itshela inkosikazi kaNahamani ngamandla kaJehova, okwaholela ekutheni uNahamani elapheke.

Ibutho LikaJehova Lomlilo

Indlela u-⁠Elisha abona ngayo ukuthi ‘baningi abanathi kunabo.’

Isibindi SikaJehoyada

Umpristi othembekile umelana nendlovukazi embi.

UJehova Wambekezelela UJona

Kwenzeka kanjani ukuba omunye umprofethi kaNkulunkulu agwinywe inhlanzi enkulu? Waphuma kanjani? Futhi uJehova wamfundisa siphi isifundo?

Ingelosi KaJehova Ivikela UHezekiya

Izitha zamaJuda zithi uJehova ngeke abavikele abantu bakhe, kodwa bashaye phansi kwashunqa uthuli!

UJosiya Uyawuthanda Umthetho KaNkulunkulu

UJosiya waba inkosi yakwaJuda lapho eneminyaka engu-8 futhi wasiza abantu ukuba bakhonze uJehova.

UJehova Uthuma UJeremiya Ukuba Ayoshumayela

Lokho umprofethi osemusha akusho kwawacasula amadoda amadala akwaJuda.

IJerusalema Liyabhujiswa

AmaJuda aqhubeka nokukhonza onkulunkulu bamanga, ngenxa yalokho uJehova uyawalahla.

Abafana Abane Balalela UJehova

AmaJuda ayesemasha ayezimisele ukuba qotho kuJehova, ngisho naseBhabhiloni.

Umbuso Ozohlala Phakade

UDaniyeli uchaza iphupho elixakile likaNebukhadinezari.

Benqaba Ukukhothamela Isithombe

UShadiraki, uMeshaki no-Abedinego benqaba ukukhothamela isithombe seNkosi segolide.

Umbuso Onjengesihlahla Esikhulu

Iphupho likaNebukhadinezari libikezela ikusasa lakhe.

Umbhalo Osodongeni

Avela nini la mazwi angaqondakali futhi asho ukuthini?

UDaniyeli emgodini wamabhubesi

Thandaza kuJehova nsuku zonke njengoDaniyeli!

U-Esteri Usindisa AmaJuda

Ngisho noma ayengumuntu wakwelinye izwe futhi eyintandane, wagcina eyindlovukazi.

U-Ezra Ufundisa UMthetho KaNkulunkulu

Ngemva kokuba ama-Israyeli elalele u-⁠Ezra, benza isithembiso esikhethekile kuNkulunkulu.

Izindonga ZaseJerusalema

UNehemiya wathola ukuthi izitha zakhe zihlela ukumhlasela. Kungani ayengesabi?

U-Elizabethi Uba Nomntwana

Kungani umyeni ka-Elizabethi atshelwa ukuthi ngeke akwazi ukukhuluma kuze kuzalwe ingane?

UGabriyeli Uvakashela UMariya

Wamtshela umyalezo owashintsha ukuphila kwakhe.

Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu

Abelusi abezwa isimemezelo basabela ngokushesha.

UJehova Uvikela UJesu

Inkosi ekhohlakele yayifuna ukuba uJesu abulawe.

UJesu Esemusha

Wabamanga kanjani abafundisi ethempelini?

Izifundo Zezingane EziseBhayibhelini

UJohane wakhula waba umprofethi. Wafundisa ukuthi uMesiya uyeza. Yini abantu abayenza lapho bezwa umyalezo wakhe?

UJesu Uba UMesiya

Wayesho ukuthini uJohane lapho ethi uJesu uyiWundlu likaNkulunkulu?

UDeveli Ulinga UJesu

UDeveli walinga uJesu kathathu. Yiziphi lezo zilingo ezintathu? UJesu wasabela kanjani?

UJesu Uhlanza Ithempeli

Kungani uJesu axosha izilwane ethempelini futhi wagumbuqela amatafula abashintshi bemali?

Owesifazane Emthonjeni Wamanzi

Owesifazane ongumSamariya uyamangala lapho uJesu ekhuluma naye. Kungani? Yini uJesu ayitshela owesifazane angakaze ayitshele muntu?

UJesu Washumayela NgoMbuso

UJesu umema abanye babafundi bakhe ukuba babe abadobi babantu. Kamuva, waqeqesha abalandeli bakhe abangu-70 ukuba bashumayele izindaba ezinhle.

UJesu Wenza Izimangaliso Eziningi

Nomaphi lapho uJesu ayeya khona, abantu abagulayo babeza kuye futhi wayebelapha. Waze wavusa nentombazanyana eyayifile.

UJesu Ukhetha Abaphostoli Abangu-12

Ubakhethela ukuthi benzeni? Usawakhumbula yini amagama abo?

INtshumayelo YaseNtabeni

UJesu ufundisa isixuku esihlangene izifundo ezibalulekile.

UJesu Ufundisa Abafundi Bakhe Ukuthandaza

Yiziphi izinto athi abafundi bakhe abaqhubeke bezicela?

UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla

Lesi simangaliso sibonisani ngoJesu nangoJehova?

UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi

Ucabanga ukuthi abaphostoli bazizwa kanjani lapho bebona lesi simangaliso?

UJesu Welapha NgeSabatha

Kungani abantu bengakuthandi lokho akwenzayo?

UJesu Uvusa ULazaru

Lapho uJesu ebona uMariya ekhala, naye wakhala. Kodwa baphinde bajabula.

Isidlo SikaJesu Sokugcina

UJesu unika abafundi bakhe iziqondiso ezibalulekile ngesikhathi edla isidlo sakhe sokugcina ekanye nabo.

UJesu Uyaboshwa

UJuda Iskariyothe uhola abantu abaningi abaphethe izinkemba nezinduku eNsimini yaseGetsemene ukuze babambe uJesu.

UPetru Uphika UJesu

Kwenzekani egcekeni lendlu kaKayafase? Kwenzekani kuJesu ngaphakathi endlini?

UJesu Ufela EGolgotha

Kungani uPilatu avumela uJesu wabulawa?

UJesu Uyavuswa

Yiziphi izinto ezimangazayo ezenzeka ngemva kokuba uJesu ebulewe?

UJesu Ubonakala Kubadobi

UJesu wenzani ukuze bambone?

UJesu Ubuyela Ezulwini

Nokho, ngaphambi kokwenza lokho, unikeza abafundi bakhe iziqondiso ezibalulekile.

Abafundi Bathola Umoya Ongcwele

Yimaphi amandla umoya ongcwele obanika wona?

Ayikho Into Eyangabavimba

Abaholi benkolo ababulala uJesu manje bazama ukuvimba abalandeli bakaJesu. Kodwa ngeke bakwazi.

UJesu Ukhetha USawulu

USawulu wayehlukumeza amaKristu ngonya kodwa lokho kwashintsha.

UKorneliyu Uthola Umoya Ongcwele

Kungani uNkulunkulu ethumela uPetru endlini yale ndoda engeyena umJuda?

UbuKristu Busakazekela Emazweni Amaningi

Umphostoli uPawulu ushumayela emazweni akude.

Ujele Uthola Iqiniso

Le ndaba ikhuluma ngedemoni, ukuzamazama komhlaba nenkemba. Funda ukuze uthole.

UPawulu NoThimothewu

Basebenza iminyaka eminingi njengabangane nanjengezikhonzi.

UPawulu Uthunyelwa ERoma

Uhambo lunezingozi eziningi, kodwa abukho ubunzima obungavimba lo mphostoli.

UJohane Uthola IsAmbulo

UJehova umnika imibono echaza lokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo.

“UMbuso Wakho Mawuze”

IsAmbulo sibonisa indlela uMbuso kaNkulunkulu uyoshintsha ngayo ukuphila emhlabeni.