“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”

Le ncwadi izokusiza ukuba uqhubeke usebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakho ngaleyo ndlela uzigcine othandweni lukaNkulunkulu.

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova inxusa bonke abathanda uJehova ukuba balandele isibonelo sikaJesu, owahlala othandweni lukaYise.

ISAHLUKO 1

“Yilokhu Okushiwo Uthando NgoNkulunkulu”

Ngendlela elula, iBhayibheli lichaza indlela ongabonisa ngayo ukuthi uyamthanda uNkulunkulu.

ISAHLUKO 2

Ungawulondoloza Kanjani Unembeza Omuhle?

Kungenzeka yini ube nonembeza omuhle kodwa ongahlanzekile phambi kukaNkulunkulu?

ISAHLUKO 3

Thanda Labo Abathandwa UNkulunkulu

UJehova akakhethi noma ubani ukuba abe umngane wakhe, nathi kufanele sibe njalo.

ISAHLUKO 4

Kungani Kufanele Sihloniphe Igunya?

ImiBhalo iveza izindawo ezintathu eziyinhloko ekuphileni uNkulunkulu asiyala ukuba sihloniphe igunya kuzo.

ISAHLUKO 5

Indlela Yokuzigcina Sihlukile Ezweni

IZwi likaNkulunkulu liveza izindlela ezinhlanu okumelwe sizigcine sihluke ngazo ezweni.

ISAHLUKO 6

Indlela Yokukhetha Ezokuzijabulisa Ezakhayo

Imibuzo emithathu engakusiza ukhethe ngokuhlakanipha.

ISAHLUKO 7

Ingabe Ukuphila Ukwazisa NjengoNkulunkulu?

Ingabe kukhona okunye okuhilelekile ngaphandle kokuthi ungabulali muntu?

ISAHLUKO 8

UNkulunkulu Uyabathanda Abantu Abahlanzekile

IBhayibheli lingakusiza ugweme imikhuba engakwenza ube ongcolile phambi kukaJehova.

ISAHLUKO 9

“Balekelani Ubufebe”

Unyaka ngamunye izinkulungwane zamaKristu zenza ubufebe. Ungakugwema kanjani ukubanjwa yilolu gibe?

ISAHLUKO 10

Umshado—Isipho Esivela KuNkulunkulu Onothando

Ungawulungiselela kanjani umshado ophumelelayo? Uma usushadile, ungawenza kanjani umshado wakho uhlale njalo?

ISAHLUKO 11

“Umshado Mawuhlonishwe”

Imibuzo eyisithupha yokuzihlola ingakusiza ukuba wenze umshado wakho ube ngcono.

ISAHLUKO 12

Khuluma ‘Okwakhayo’

Ukukwazi ukukhuluma kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Ingabe amazwi akho ayabalimaza abanye noma ayabakha? Funda ukusebenzisa isipho sokukhuluma ngendlela uJehova ayeyihlosile.

ISAHLUKO 13

Imikhosi Engamjabulisi UNkulunkulu

Eminye imikhosi namaholidi engase ibonakale idumisa uNkulunkulu empeleni iyamcasula.

ISAHLUKO 14

Thembeka Ezintweni Zonke

Ngaphambi kokuba uthembeke kwabanye, kunesinyathelo okumelwe usithathe kuqala.

ISAHLUKO 15

Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima

Izimpendulo zemibuzo emihlanu eyinhloko zingakusiza ubone ukuthi uwamukele yini umsebenzi othile noma cha.

ISAHLUKO 16

Melana NoDeveli Namaqhinga Akhe

Siyavuma ukuthi uSathane unamandla, kodwa siyakugwema ukuba sigxilise izingqondo zethu kuwo. Kungani?

ISAHLUKO 17

‘Zakheni Okholweni Lwenu Olungcwelengcwele’

Izinyathelo ezintathu zingakusiza uqinise ukholo lwakho ukuze uhlale othandweni lukaNkulunkulu.

ISITHASISELO

Indlela Yokuphatha Umuntu Osusiwe

Ingabe kuyadingeka ngempela ukuba singaxhumani nhlobo nabo?

ISITHASISELO

Kunini Futhi Kungani Kufanele Uthwale Ekhanda?

IBhayibheli liveza izinto ezintathu ezingakusiza uphendule.

ISITHASISELO

Ukushayela Ifulege Indesheni, Ukuvota, Nenkonzo Yomphakathi

Yiziphi iziqondiso ezingokomBhalo ezingakusiza ugcine unembeza ohlanzekile kule ndaba?

ISITHASISELO

Izingxenyana Zegazi Nezinqubo Zokuhlinza

Ngokuthatha izinyathelo ezimbalwa ezilula, ungabhekana ngokuphumelelayo nezinselele zokwelashwa.

ISITHASISELO

Indlela Yokuyeka Umkhuba Wokushaya Indlwabu

Ungawunqoba kanjani lo mkhuba ongcolile?

ISITHASISELO

Umbono WeBhayibheli Ngesehlukaniso Nokuhlala Ngokwahlukana

NgokweBhayibheli, kunini lapho umuntu ohlukanisile ekhululeke khona ukuba aphinde ashade?

ISITHASISELO

Ukuxazulula Izingxabano Zezindaba Zebhizinisi

Ingabe umKristu angambophisa omunye umKristu?