INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014

Funda ngemibiko evelele evela eSierra Leone naseGuinea, futhi ujabulele okuhlangenwe nakho okukhuthazayo okuvela nakwamanye amazwe.

Isihloko sonyaka ka-2014

Isihloko sethu sonyaka ka-2014 sithi “UMbuso Wakho Mawuze.”—Mathewu 6:10

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Uzokhuthazwa yincwadi emnandi neyakhayo ngokomoya evela eNdikimbeni Ebusayo

Inhlangano Eqhubekela Phambili

Siyabonakala isiqondiso sikaJehova mayelana nokuthutha indlunkulu isuke eNew York City.

I-JW.ORG—‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’

Ingosi yethu iwusizo ekufinyeleleni abantu bazo ‘zonke izizwe’ ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.

Bayayazisa I-Watchtower ONLINE LIBRARY

Abasebenzisa leli thuluzi leBhayibheli eliyigugu bathumela izincwadi zokubonga.

Ama-video Opopayi Athinta Izinhliziyo Zabalungile

Phawula umphumela omuhle lama video anawo ezinganeni nasemindenini emhlabeni wonke.

Umbukiso Ojabulisayo Wezenzakalo Ezidllule Nezamanje

Funda amanqampunqampu amnandi ombukiso omusha ohlanganisa umlando woFakazi BakaJehova nohlelo lokulandelana kwezikhathi zobuKristu.

Umbiko Wezomthetho

Le mibiko evela emazweni angu-12 ibonisa ukuthi oFakazi BakaJehova bayaqhubeka bethweswa amacala aphathelene nenkululeko yokukhulekela.

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

OFakazi benza imizamo emikhulu yokwakha izindawo ezihloniphekile zokukhulekela nokuba khona emihlanganweni.

Ukunikezelwa Kwamagatsha

Jabulela amanye amaqampuqampu alezi zenzakalo zomhlaba wonke.

I-Afrika

E-Afrika, abantu bamukela iqiniso leBhayibheli, futhi linethonya elinamandIa ekuphileni kwabo. Funda ngesidakwa esasibhema ogwayi abangu-60 ngosuku.

Amazwekazi AseMelika

Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa ukuthi ukusiza abantu ngezindlela ezingokoqobo nokuxoxa nabo ngeqiniso leBhayibheli naphezu kokuphikiswa kungaba nemiphumela emihle.

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

Ukuphikelela emsebenzini wokushumayela kunomvuzo. Funda ngomzamo owenziwa ukuze kusizwe indoda eyimpumputhe, eyisithulu neyisimungulu ukuba iqonde ukuthi uNkulunkulu uyayikhathalela.

EYurophu

Ukucwaswa kubangelwa ukungabi nolwazi oluyiqiniso. Funda indlela uhlelo lomsakazo olwaqeda ngayo ukucwaswa koFakazi BakaJehova.

E-Oceania

Ukubhala izincwadi enye yezindlela yokusakaza iqiniso leBhayibheli eChristchurch, eNew Zealand. Kungani abanye bebiza lezi zincwadi ngokuthi “Izincwadi ezivela kuNkulunkulu?”

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeSierra Leone NeGuinea

Funda okwengeziwe ngala mazwe, abantu bakhona, inkolo nolimi.

Kusukela Ngo-1915 Kuya Ku-1947 Izinsuku Zokuqala(Ingxenye 1)

Ngo-1915 kwafika inceku kaJehova yokuqala ebhapathiziwe eFreetown. Abaningi babenesithakazelo eBhayibhelini.

Kusukela Ngo-1915 Kuya Ngo-1947 Izinsuku Zokuqala (Ingxenye 2)

Abefundisi babenze icebo lokuthulisa abantu bakaNkulunkulu, kodwa uJehova ‘wayebuyisele kubo ukulimaza kwabo.’

Kusukela Ngo-1915 Kuya Ku-1947 Izinsuku Zokuqala (Ingxenye 3)

Ibandla laseFreetown laba ‘matasa kakhulu ngezwi.’

“Uzokufa Ungakapheli Unyaka”

Kabili ngesonto uZachaeus Martyn wayehamba amakhilomitha angu-8, ekhuphuka abuye ehle entabeni eya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Yini eyamqinisekisa ukuthi uthole iqiniso leBhayibheli?

Babembiza Ngokuthi “Bible” Brown

UWilliam R. Brown washumayela kuyo yonke iCaribbean Islands naseNtshonalanga Afrika. Funda ukuthi kungathi ayenomuzwa wokuthi unelungelo eliphakeme kunawo wonke umuntu angaba nawo.

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye 1)

Umsebenzi wokushumayela wawuzokwanda kakhulu. Izithunywa zevangeli zathunyelwa ukuyosheshisa ukwanda.

Babefuna Ukuyibukela

Ngo-1956 kwabukiswa ifilimu ethi ‘The New World Society in Action’ eFreetown, eSierra Leone. Ingabe babezofika abantu bazoyibukela?

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye  2)

OFakazi BakaJehova baziwa kulo lonke elaseSierra Leone ngokuthi bangabantu abawuhloniphayo umshado.

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha abaningi ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye 3)

Kungani abezombusazwe be-Poro bethula isiphakamiso ePhalamende sokuba kuvalwe umsebenzi woFakazi BakaJehova?

Izinhlangano Eziyimfihlo

Izinhlangano eziyimfihlo ezigcwele eNtshonalanga Afrika zinaliphi ithonya ekuphileni kwamadoda nomame?

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye  4)

Ukuze amabandla asize abantu bathuthuke ngokomoya, aqhuba amakilasi okufundisa ukufunda nokubhala. Njengoba abantu abengeziwe babefunda ukufunda, sakhula isidingo sokuhunyushwa kwezincwadi.

Babezodlula Ngokuveza Ibheji

Izihambeli zomhlangano ezingenamaphepha afanele okuhamba, noma i-passport, zawuwela kanjani umngcele zangena eGuinea ziya emhlanganweni?

UJehova Wangifukula

UJay Campbell, owayenovendle, wayefuna ukuya esifundweni seBhayibheli sebandla. Wathi uzoya khona ehamba ngamapulangwe ayezenzele wona. Waphumelela?

Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-2001 ‘Isithando Sokuncibilikisa Sokuhlupheka’—Isaya 48:10 (Ingxenye 1)

Naphezu kwempi, oFakazi nabanye abantu banikezwa usizo lwezinto ezibonakalayo nenduduzo engokomoya. Yini eyabasiza babonisa ukuqina nesibindi?

Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-2001 ‘Isithando Sokuncibilikisa Sokuhlupheka’—Isaya 48:10 (Ingxenye  2)

Njengoba impi iqhubeka, oFakazi BakaJehova “baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.”

Ngangiyingane Eyisosha Manje Ngiyiphayona Elivamile

Isosha elincane eliyivukela-mbuso likhumbula imfudumalo elamukelwa ngayo lapho liya emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Lashukunyiswa yini ukuba lishintshe?

Saphunyuka Emasosheni Angamavukela-mbuso

Naphezu kokubulawa kwabantu nezinxushunxushu ePendembu, kungani oFakazi abaningi basinda lapho kugqashuka impi ngo-1991?

Indoda YeNqabayokulinda

Omunye woFakazi BakaJehova wasebenza njengesithunywa ngesikhathi sempi yombango. Wayelihambisa kanjani iposi nezinye izinto eConakry, eGuinea, ezisusa eFreetown?

Okungcono Kunamadayimane

UTamba Josiah wayesebenza ezimayini zedayimane engakabi uFakazi KaJehova. Kungani enomuzwa wokuthi wathola okuyigugu kunamadayimane?

Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 1)

Ngemva kwempi yombango, kwamiswa amabandla, kwakhiwa amaHholo OMbuso, kwathunyelwa amaphayona akhethekile ezindaweni ezazinoFakazi abambalwa.

Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 2)

Namuhla oFakazi BakaJehova kuwo womabili la mazwe bayaqiniseka ukuthi basebaningi kakhulu abantu abazokwamukela izindaba ezinhle.

Sasizimisele Ukukhonza UJehova

UPhillip Tengbeh nomkakhe babaleka ngesikhathi amasosha angamavukela-mbuso ecekela phansi idolobha lakubo iKoindu. Bezimisele ukukhonza uJehova, bakha amaHholo OMbuso amahlanu.

Ngayithanda ISierra Leone

UCindy McIntire wayesekhonze njengesithunywa sevangeli e-Afrika kusukela ngo-1992. Ulandisa izizathu ezenza akuthande kangaka ukushumayela eSierra Leone.

Eminyakeni Eyikhulu Edlule—Ngo-1914

U-1914, unyaka abaFundi BeBhayibheli ababelokhu bewumemezela, wawusufikile.