Fundisa Izingane Zakho

Bazali, sebenzisani lezi zindaba ukuze nifundise izingane zenu izifundo eziyigugu eziseBhayibhelini.

Isethulo

Okushiwo incwadi kaDuteronomi kungaba isiqondiso kuwe njengoba ukhulisa izingane zakho.

ISIFUNDO 1

Imfihlo Esijabulayo Ukuyazi

IBhayibheli likhuluma ngemfihlo ekhethekile ebizwa ngokuthi “imfihlo engcwele.” Ungathanda ukwazi okwengeziwe ngale mfihlo?

ISIFUNDO 2

URebheka Wayefuna Ukujabulisa UJehova

Yini esingayenza ukuze sifane noRebheka? Funda le ndaba, uthole okwengeziwe ngaye

ISIFUNDO 3

URahabi Wayenokholo KuJehova

Funda le ndaba uzwe ukuthi uRahabi nomndeni wakubo basindiswa kanjani lapho iJeriko libhujiswa.

ISIFUNDO 4

Yenza Ubaba Wayo NoJehova Bajabula

Yisiphi isithembiso indodakazi kaJefta eyasigcina? Singayilingisa kanjani?

ISIFUNDO 5

USamuweli Waqhubeka Enza Okuhle

Ungamlingisa kanjani uSamuweli wenze izinto ezinhle noma abanye abantu benza izinto ezimbi?

ISIFUNDO 6

UDavide Wayengesabi

Funda le ndaba emnandi eseBhayibhelini ukuze uthole ukuthi yini eyenza uDavide waba nesibindi kangaka.

ISIFUNDO 7

Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?

UJehova wathini ku-Eliya ngesikhathi ezizwa enesizungu? Ufundani kulokho okwenzeka ku-Eliya?

ISIFUNDO 8

UJosiya Wayenabangane Abalungile

IBhayibheli lisitshela ukuthi kwakunzima kakhulu ngoJosiya ukuba enze okulungile. Thola ukuthi abangane bakhe bamsiza kanjani.

ISIFUNDO 9

UJeremiya Akayekanga Ukukhuluma NgoJehova

Nakuba abantu babehlekisa ngaye futhi bamcasukela, kungani uJeremiya aqhubeka ekhuluma ngoNkulunkulu?

ISIFUNDO 10

UJesu Wayelalela Ngaso Sonke Isikhathi

Akulula ngaso sonke isikhathi ukulalela abazali bakho. Bona indlela isibonelo sikaJesu esingakusiza ngayo.

ISIFUNDO 11

Babhala NgoJesu

Funda ngababhali beBhayibheli abangu-8 abaphila ngesikhathi esifanayo noJesu nababhala ngokuphila kwakhe.

Umshana KaPawulu Wayenesibindi

Le nsizwa yasindisa ukuphila kukamalume wayo. Yenzani?

ISIFUNDO 13

UThimothewu Wayefuna Ukusiza Abantu

Ungakuthola kanjani ukuphila okumnandi nokujabulisayo njengoThimothewu?

ISIFUNDO 14

UMbuso Oyobusa Umhlaba Wonke

Kuyoba njani lapho uJesu esebusa umhlaba? Ungathanda ukuba khona lapho?