Dlulela kokuphakathi

Kusho Ukuthini Ukuba “UmSamariya Olungile”?

Kusho Ukuthini Ukuba “UmSamariya Olungile”?

Impendulo yeBhayibheli

Inkulumo ethi “umSamariya Olungile” ivame ukusetshenziswa lapho kukhulunywa ngomuntu osiza abantu abahluphekile. Le nkulumo isuselwa endabeni, noma emfanekisweni owenziwa uJesu ukuze abonise ukuthi umakhelwane omuhle uyabasiza abanye kungakhathaliseki ukuthi bavela kuliphi izwe noma isizinda. a

Kulesi sihloko

 Uthini umfanekiso “womSamariya Olungile”?

Ake siyikhe phezulu le ndaba kaJesu: Umuntu ongumJuda wayesuka eJerusalema eya eJeriko. Endleleni, wabanjwa yizigebengu zathatha izinto zakhe, zamshaya, zamshiya esezoshona.

Umpristi ongumJuda kamuva nomunye umholi wenkolo ongumJuda bamdlula lo muntu olimele, nakuba bembonile. Nakuba nabo babengamaJuda, akekho kubo owama ukuze asize lo muntu.

Ekugcineni, kwaqhamuka umuntu wakwesinye isizwe. WayengumSamariya. (Luka 10:33; 17:16-18) Waba nesihawu, wabhandisha amanxeba akhe. Wamyisa endlini yezihambi. Wamnakekela ubusuku bonke lowo muntu. Ngakusasa, wakhokhela umuntu ozomnakekela lo mJuda, wathembisa nokukhokhela noma yiziphi izindleko ezingaba khona.—Luka 10:30-35.

 Kungani uJesu alandisa lo mfanekiso?

Le ndaba uJesu wayeyixoxela umuntu owayecabanga ukuthi ngabantu bohlanga lwakhe kanye nenkolo yakhe kuphela abangomakhelwane bakhe. UJesu wayefuna ukumfundisa isifundo esibalulekile—kwakudingeka azi ukuthi “umakhelwane wakhe” akuwona amaJuda akubo kuphela. (Luka 10:36, 37) Le ndaba yafakwa eBhayibhelini ukuze kuzuze wonke umuntu ofuna ukujabulisa uNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:16, 17.

 Sifundani kulo mfanekiso?

Le ndaba isifundisa ukuthi umakhelwane omuhle ulubonisa ngezenzo uzwela. Wenza okuthile uma ebona umuntu ohluphekile—kungakhathaliseki ukuthi uvela kusiphi isizinda, uhlanga noma izwe. Umakhelwane weqiniso uphatha abanye ngendlela naye angathanda ukuphathwa ngayo.—Mathewu 7:12.

 Ayengobani amaSamariya?

AmaSamariya ayehlala eNyakatho yaseJudiya. Ayehlanganisa inzalo evela emishadweni exubile phakathi kwamaJuda nabangewona amaJuda.

Ngekhulu lokuqala C.E., amaSamariya ayesenenkolo yawo. Ayemukela izincwadi zokuqala ezinhlanu zemiBhalo YesiHebheru kodwa ayevame ukungazemukeli ezinye.

AmaJuda amaningi ngosuku lukaJesu ayengawafuni amaSamariya futhi ekugwema ukuhlangana nawo. (Johane 4:9) Amanye amaJuda ayelisebenzisa ngomqondo wokwedelela igama elithi “umSamariya.”—Johane 8:48.

 Yenzeka ngempela yini indaba “yomSamariya Olungile”?

IBhayibheli alisho ukuthi umfanekiso womSamariya usekelwe entweni eyenzeka ngempela yini noma cha. Noma kunjalo, uJesu wayevame ukusebenzisa amasiko nezindawo ezaziwayo lapho efundisa ukuze abamlalele bakuqonde kalula akushoyo.

Imininingwane eminingi evela kule ndaba iyiqiniso. Ngokwesibonelo:

  • Umgwaqo osuka eJerusalema uye eJeriko—ongamakhilomitha angu-20—unomehlelo oyikhilomitha. Lokhu kuhambisana nokushiwo endabeni ukuthi lo muntu “wayehla evela eJerusalema” eya eJeriko.—Luka 10:30.

  • Abapristi namaLevi ababehlala eJeriko babevame ukusebenzisa lo mgwaqo lapho beya eJerusalema.

  • Izigebengu zazivame ukucasha ehlane kulo mgwaqo, zicuthele abantu ezingabahlasela—ikakhulukazi abahamba bodwa.

a Umfanekiso “womSamariya Olungile” uphinde waziwe ngokuthi umfanekiso “woMakhelwane OngumSamariya.”