Dlulela kokuphakathi

INGABE KWADALWA?

Ubisi Lukamama

Ubisi Lukamama

 Ibhuku lababelethisi lithi, “ubisi lwethini alusoze lwafana ncamashi nobisi lwebele.” Esinye sezizathu esenza ubisi lukamama lube olungcono kakhulu ingoba umzimba wakhe uyalishintsha kuye ngokwezidingo zosana lwakhe.

 Cabanga ngalokhu: Njalo lapho umama encelisa, ubisi lwakhe luyashintshashintsha kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Lapho usana luncela, ekuqaleni ubisi lusuke lunamaprotheni, amavithamini, amaminerali namanzi amaningi, kuyilapho ekugcineni lusuke selunamafutha amaningi, enza usana luzizwe lwanelisekile. Ubisi lukamama luze lushintshe kuye ngokweminyaka yomntwana nesikhathi sonyaka.

 Obisini lukamama, amazinga amanye ama-hormone, anjenge-melatonin, ayanyuka ebusuku, kuyilapho amazinga amanye ama-hormone enyuka emini. Lokhu kushintshashintsha kwamazinga ama-hormone kwenza umntwana azele noma aphaphame kuye ngokuthi isiphi isikhathi sosuku, okusiza usana lube nesikhathi esiqondile sokulala nesokuvuka.

 Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokubeletha, umama ukhiqiza ubisi oluthi alube phuzi olubizwa ngokuthi i-colostrum. I-colostrum igayeka kalula futhi inomsoco omningi, ngisho nencane nje engena esiswini sosana iluzuzisa kakhulu. I-colostrum inenqwaba yamasosha omzimba abalulekile avikela usana ezifweni. Ngaphezu kwalokho, isebenza njengomuthi, osiza ekuhlambululeni isisu sosana.

 Omama abadingi ukukhathazeka ngokuba nobisi olwanele, ngisho nalapho benamawele, ngoba ngokwemvelo ubisi lwabo luyanda kuye ngokwesidingo.

 Ucabangani? Ingabe ubisi lukamama, nezakhi zalo ezimangalisayo, kwazivelela? Noma ingabe kwadalwa?