Dlulela kokuphakathi

Iqembu Labahumushi BeSpanishi Lithuthela ESpain

Iqembu Labahumushi BeSpanishi Lithuthela ESpain

UJesu wathi izindaba ezinhle zoMbuso zaziyoshunyayelwa kubantu emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Kusukela ngo-1909, izincwadi zeBhayibheli zoFakazi BakaJehova ziye zahunyushelwa olimini lweSpanishi, ukuze abantu emhlabeni wonke bezwe isigijimi soMbuso ngolimi lwabo. Manje iSpanishi siwulimi lwesibili olukhulunywa kakhulu emhlabeni wonke ngemva kwesiShayina, futhi bacishe babe yizigidi ezingu-500 abantu abakhuluma iSpanishi emhlabeni wonke.

“ISpanishi siwulimi olukhulunywa emazweni amaningi anamasiko ahlukahlukene,” kusho uWilliam, oyilungu leqembu labahumushi beSpanishi. “Umgomo wethu ukuhumusha ngendlela ezothinta izinhliziyo zabantu abanezizinda ezihlukahlukene, amazinga emfundo angafani nezindlela zokuphila ezihlukahlukene.” Ukuze likwazi ukuhlangabezana nezimfuneko zabo bonke laba bantu, iqembu labahumushi lihlanganisa abantu abavela e-Argentina, eColombia, e-El Salvador, eGuatemala, eMexico, ePuerto Rico, e-United States, e-Uruguay, eVenezuela kanye nabantu abankaba yabo iseSpain.

Kwaphela amashumi eminyaka oFakazi BakaJehova behumusha iSpanishi e-United States ngosizo lwabahumushi abangoFakazi ababese-Argentina, eMexico naseSpain. Nokho ngo-1993, iqembu labahumushi beSpanishi lathuthela ePuerto Rico, okwenza abahumushi bakwazi ukusebenza besendaweni eyodwa.

Ngo-March 2012 kwanqunywa ukuba uMnyango Wabahumushi BeSpanishi uphinde uthuthe, kulokhu usuthuthela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseSpain. U-Edward uyakhumbula, “Kwakungadingeki nje kuphela ukuba kuthuthwe abantu, izinto zethu nemishini kodwa kwakudingeka sithuthe nenye ingxenye enkulu yomnyango wethu​—umtapo wezincwadi wabahumushi.” Lo mtapo unezincwadi ezingu-2 500 kuhlanganise nezinguqulo eziningi zeBhayibheli leSpanishi.

Bamukelwa ngemfudumalo eSpain

Ngo-May 29, 2013, amalungu oMnyango Wabahumushi BeSpanishi afika ekhaya lawo elisha futhi amukelwa ngemfudumalo umkhaya waseBethel yaseSpain. Abahumushi, izincwadi nemishini kunqamule uLwandle i-Atlantic, kodwa ngenxa yokuhlela okuhle nokusebenza ngokuzikhandla, abantu abafunda izincwadi zoFakazi zeSpanishi ababonanga ziphazamiso ekunyathelisweni kwezincwadi zabo. “Okusemqoka yisigijimi soMbuso,” kusho u-Edward, “futhi sifuna sifundwe abantu abaningi ngangokunokwenzeka abakhuluma iSpanishi.”