Dlulela kokuphakathi

Siyini Isihluthulelo Sokuba Nomndeni Ojabulayo?

Siyini Isihluthulelo Sokuba Nomndeni Ojabulayo?

Ucabanga ukuthi . . .

  • uthando?

  • imali?

  • enye into?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

‘Abajabulayo yilabo abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!’—Luka 11:28, IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele.

LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE

Ungathola uthando lwangempela.—Efesu 5:28, 29.

Uthole inhlonipho yangempela.—Efesu 5:33.

Ube nokulondeka kwangempela.—Marku 10:6-9.

SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?

Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezimbili:

  • UNkulunkulu unguMsunguli womndeni. IBhayibheli lithi ‘iqanjwe ngoJehova uNkulunkulu yonke imindeni.’ (Efesu 3:14, 15) Ngamanye amazwi, ilungiselelo lomndeni likhona ngenxa yokuthi uJehova walidala. Kungani lokho kubalulekile?

    Cabanga ngalokhu: Uma udla ukudla okumnandi futhi ufuna ukwazi ukuthi kufakwe ziphi izithako, ubungabuza bani? Kunengqondo ukuthi ubungabuza umuntu okuphekile.

    Ngokufanayo, ukuze sazi izithako zokuphila komndeni okujabulisayo, senza kahle ngokubuza uJehova uMsunguli welungiselelo lomndeni.—Genesise 2:18-24.

  • UNkulunkulu uyanikhathalela. Kuwukuhlakanipha ngemindeni ukufuna iseluleko sikaJehova, asinikeza ngeZwi lakhe. Ngani? “Ngoba uyanikhathalela.” (1 Petru 5:6, 7) UJehova unifunela okungcono kakhulu—futhi iseluleko sakhe sihlale sisebenza!—IzAga 3:5, 6; Isaya 48:17, 18.

CABANGA NGALOKHU

Ungaba kanjani umyeni, umfazi noma umzali okahle?

IBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo encwadini yabase-EFESU 5:1, 2 neyabaseKOLOSE 3:18-21.