Dlulela kokuphakathi

Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!

Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!

Kingdom News No. 37

Isigijimi Somhlaba Wonke

Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!

▪ Iyini inkolo yamanga?

▪ Iyoqedwa kanjani?

▪ Kuyokuthinta kanjani wena?

Iyini inkolo yamanga?

Ingabe bukuphatha kabi ubugebengu obenziwa egameni lenkolo? Ingabe ziyakucasula izimpi, ubuphekula nenkohlakalo yabantu abathi bakhonza uNkulunkulu? Kungani inkolo ibonakala iyimbangela yezinkinga eziningi kangaka?

Akufanele kusolwe zonke izinkolo, kodwa inkolo yamanga. Umuntu ohlonishwa kakhulu enkolweni, uJesu Kristu, wabonisa ukuthi inkolo yamanga iveza imisebenzi emibi, njengoba nje “imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi.” (Mathewu 7:15-17) Yiziphi izithelo ezivezwa inkolo yamanga?

Inkolo Yamanga . . .

IZIGAXA EZIMPINI NAKWEZOMBUSAZWE: Iphephabhuku i-Asiaweek lithi: “E-Asia nakwezinye izindawo, abaholi abanxanele izikhundla bayithonya ngokwedelela imibono yabantu engokwenkolo ukuze kuzuze bona.” Ngenxa yalokho, leli phephabhuku liyaxwayisa: “Sekusele kancane izwe liwohloke.” Umholi wenkolo oqavile e-United States wathi: “Kumelwe ubulale amaphekula ngaphambi kokuba ukubulawa kwabantu kuphele.” Abulawe kanjani? Uthi: “Mawabulawe wonke egameni leNkosi.” Ngokuphambene nalokhu, iBhayibheli lithi: “Uma umuntu ethi: ‘Ngiyamthanda uNkulunkulu,’ kodwa abe ezonda umfowabo, ungumqambimanga.” (1 Johane 4:20) UJesu waze wathi: “Qhubekani nithanda izitha zenu.” (Mathewu 5:44) Zingaki izinkolo ozaziyo ezinamalungu alwa izimpi?

ISAKAZA IMFUNDISO YAMANGA: Iningi lezinkolo lifundisa ukuthi umphefumulo noma umoya uyingxenye ethile yomuntu engabonakali nesindayo lapho kufa umzimba wenyama. Ngale mfundiso, eziningi zalezi zinkolo zixhaphaza amalungu azo, ziwakhokhise imali ukuze zithandazele imiphefumulo yabangasekho. Nokho, iBhayibheli linemfundiso ehlukile. “Umphefumulo owonayo—yiwo oyokufa.” (Hezekeli 18:4) “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) UJesu wafundisa ukuthi abafileyo bayovuswa—isenzo esingadingekile uma abantu benomphefumulo ongafi. (Johane 11:11-25) Ingabe inkolo yakho ifundisa ukuthi umphefumulo awufi?

IVUMELA UKUZIPHATHA OKUBI KOBULILI: Kwamanye amazwe, amasonto agcoba ongqingili babe abefundisi, akhuthaze nohulumeni ukuba bagunyaze imishado yabantu bobulili obufanayo. Ngisho namasonto akulahlayo ukuziphatha okubi abayekile abaholi benkolo abaye banukubeza izingane ngokobulili. Lifundisani kodwa iBhayibheli? Lisho ngokucacile: “Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda . . . ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Zikhona yini izinkolo ozaziyo ezikuvumelayo ukuziphatha okubi kobulili?

Ikusasa liziphatheleni izinkolo eziveza izithelo ezibolile? UJesu waxwayisa: “Yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa iphonswe emlilweni.” (Mathewu 7:19) Yebo, inkolo yamanga iyoqedwa nya! Kodwa iyoqedwa kanjani futhi nini? Umbono oyisiprofetho olotshwe encwadini yeBhayibheli yesAmbulo, isahluko 17 no-18, uyaphendula.

Iyoqedwa kanjani inkolo yamanga?

Bona lo mfanekiso ngeso lengqondo. Isifebe sihlezi phezu kwesilo esesabekayo. Isilo sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi. (IsAmbulo 17:1-4) Simelela bani lesi sifebe? Sinethonya “phezu kwamakhosi omhlaba.” Sigqoke okunsomi, sishunqisa impepho, futhi sicebe kakhulu. Ngaphezu kwalokho, ngokusebenzelana kwaso nemimoya ‘sidukisa zonke izizwe.’ (IsAmbulo 17:18; 18:12, 13, 23) IBhayibheli liyasisiza sibone ukuthi lesi sifebe siyinhlangano yenkolo yomhlaba wonke. Asifanekiseli inkolo eyodwa, kodwa zonke izinkolo eziveza izithelo ezibolile.

Isilo esigitshelwe isifebe sifanekisela izinhlangano zomhlaba zezombusazwe. * (IsAmbulo 17:10-13) Inkolo yamanga igibele lesi silo sezombusazwe, izama ukuthonya izinqumo zaso nokusilawula.

Nokho, ngokushesha kuzokwenzeka isimanga. “Izimpondo eziyishumi owazibona, nesilo sasendle, lezi ziyosizonda isifebe zisenze incithakalo zisihambise nqunu, ziyoyidla ziyiqede inyama yaso futhi zisishise ngomlilo siphele.” (IsAmbulo 17:16) Izinhlangano zomhlaba zezombusazwe ziyoyijikela ngokukhulu ukuzuma inkolo yamanga, ziyiqothule ngokuphelele! Yini eyobangela lokhu? Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo iyaphendula: “UNkulunkulu ukufake ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze umqondo wakhe.” (IsAmbulo 17:17) Yebo, uNkulunkulu uzokwenza inkolo yamanga iphendule ngenxa yazo zonke izenzo ezinengekayo ezenze egameni lakhe. Ebonisa ukulunga okuphelele, uyosebenzisa amashende ayo ezombusazwe njengethuluzi lakhe lokuyahlulela.

Yini okumelwe uyenze uma ungafuni ukuthola amachaphazelo lapho inkolo yamanga yahlulelwa? ‘Phumani kuyo, bantu bami,’ kuncenga isithunywa sikaNkulunkulu. (IsAmbulo 18:4) Ngempela, manje isikhathi sokubaleka enkolweni yamanga! Kodwa ungabalekelaphi? Awunakubalekela emfundisweni yokuthi uNkulunkulu akekho, ngoba ikusasa layo nalo lifile. (2 Thesalonika 1:6-9) Isiphephelo sangempela yinkolo yeqiniso. Ungayibona kanjani inkolo yeqiniso?

Indlela yokubona inkolo yeqiniso

Yiziphi izithelo ezinhle okufanele zivezwe inkolo yeqiniso?—Mathewu 7:17.

Inkolo Yeqiniso . . .

INOTHANDO: Abakhulekeli beqiniso “abayona ingxenye yezwe,” abahlukanisiwe uhlanga noma amasiko futhi ‘banothando phakathi kwabo.’ (Johane 13:35; 17:16; IzEnzo 10:34, 35) Kunokuba babulalane, bazimisele ukufelana.—1 Johane 3:16.

ITHEMBELA EZWINI LIKANKULUNKULU: Esikhundleni sokufundisa ‘amasiko nemiyalo yabantu njengezimfundiso,’ inkolo yeqiniso isekela izimfundiso zayo eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (Mathewu 15:6-9) Ngani? Ngoba “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.”—2 Thimothewu 3:16.

IQINISA IMIKHAYA FUTHI IBAMBELELA EMITHETHWENI EPHAKEME YOKUZIPHATHA: Inkolo yeqiniso ifundisa amadoda ukuba “athande omkawo njengemizimba yawo siqu,” isize amakhosikazi ukuba ahlakulele ‘inhlonipho ejulile ngabayeni bawo,’ ifundise nezingane ukuba ‘zilalele abazali bazo.’ (Efesu 5:28, 33; 6:1) Ngaphezu kwalokho, labo abasezikhundleni kumelwe baziphathe ngendlela eyisibonelo.—1 Thimothewu 3:1-10.

Ikhona yini inkolo ekwenzayo lokhu? Incwadi ethi Holocaust Politics, eyanyatheliswa ngo-2001, ithi: “Ukube bebebaningi abantu abenza lokho oFakazi BakaJehova abakushumayelayo nabakwenzayo, ngabe akubanga khona ukuQothulwa Kwesizwe [SamaJuda] futhi ukubulawa kwabantu ngobuningi ngabe akuselona uhlupho emhlabeni.”

Ngempela, emazweni angu-235, oFakazi BakaJehova abagcini nje ngokushumayela ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha—baphila ngayo. Siyakukhuthaza ukuba ucele oFakazi BakaJehova bakusize ufunde lokho uNkulunkulu akufunayo kuwe ukuze umkhulekele ngendlela ayamukelayo. Manje yisikhathi sokuthatha isinyathelo. Ungabe usalibala. Ukuphela kwenkolo yamanga kuseduze!—Zefaniya 2:2, 3.

Uma ufuna ukwaziswa okwengeziwe ngesigijimi esisekelwe eBhayibhelini esishunyayelwa oFakazi BakaJehova, zizwe ukhululekile ukubabhalela ekhelini elingezansi.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi Hlalani Nilindile! Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

[Umbhalo waphansi]

^ Ukuze uthole incazelo enabile ngale ndaba, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

Inkolo yamanga inethonya “phezu kwamakhosi omhlaba”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

‘Phumani kuyo, bantu bami’