Dlulela kokuphakathi

Ulibona Linjani Ikusasa?

Ulibona Linjani Ikusasa?

Ingabe leli zwe . . .

  • liyohlala linje?

  • lizoba libi kakhulu?

  • lizoba ngcono?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“UNkulunkulu . . . uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4, IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele.

LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE

Uyoba nomsebenzi ojabulisayo nowanelisayo.—Isaya 65:21-23.

Ngeke kusaba khona ukugula nakho konke ukuhlupheka.—Isaya 25:8; 33:24.

Uzophila phakade ngenjabulo nomndeni wakho nabangane.—IHubo 37:11, 29.

SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?

Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezimbili:

  • UNkulunkulu unamandla okugcwalisa izithembiso zakhe. EBhayibhelini, nguJehova uNkulunkulu kuphela ‘uMninimandla Onke,’ onamandla angenamkhawulo. (IsAmbulo 15:3) Ngakho uyakwazi ukugcwalisa isithembiso sokushintsha leli zwe libe ngcono. IBhayibheli lithi, “kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”—Mathewu 19:26.

  • UNkulunkulu uyafisa ukugcwalisa izithembiso zakhe. Ngokwesibonelo, uJehova uyakulangazelela ukuvusa abafileyo.—Jobe 14:14, 15.

    IBhayibheli libuye lithi iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, yaphulukisa abagulayo. Kungani abaphulukisa? Yingoba wayefuna ukubasiza. (Marku 1:40, 41) UJesu wabubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaYise ngokuba nesifiso sokusiza abaswele.—Johane 14:9.

    Ngakho singaqiniseka ngokuthi uJehova noJesu bafuna ukusisiza ukuba sithole ikusasa elijabulisayo!—IHubo 72:12-14; 145:16; 2 Petru 3:9.

CABANGA NGALOKHU

UNkulunkulu uzolenza kanjani leli zwe libe ngcono?

IBhayibheli liphendula lo mbuzo kuMATHEWU 6:9, 10 nakuDANIYELI 2:44.