Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingoma 148

Wanikela NgeNdodana Yakho Ezelwe Yodwa

Wanikela NgeNdodana Yakho Ezelwe Yodwa

(Joh. 15:13)

  1. O Baba, Jehova,

    Sasingenathemba.

    Is’hlengo sinike

    Bonke ithemba!

    Siz’nikela kuwe,

    ‘Ze sibe abakho.

    Sizotshel’ abanye,

    Benz’ intando yakho.

    (CHORUS)

    Usiph’ iNdodana,

    Namuhla sihuba

    Ingoma yaphakade,

    ngob’ usiphe iNdodana.

  2. Umusa nesihe,

    Kus’donsela kuwe.

    Sil’thanda kakhulu,

    Igama lakho

    Isiph’ esikhulu

    YiNdodana yakho.

    Yasifela sonke,

    Ukuze siphile.

    (Chorus)

    Usiph’ iNdodana,

    Namuhla sihuba

    Ingoma yaphakade,

    ngob’ usiphe iNdodana.

    (IYAPHELA)

    O Baba, Jehova, siswele amazwi.

    Siyakubonga, ngob’ usiphe iNdodana.