Dlulela kokuphakathi

 Intsha Iyabuza

Ngingubani?

Ngingubani?

UMichael ubona uBrad eza, futhi kumbangela uvalo lokho osekuzokwenzeka. “Mikey, ake uzame lokhu!” kusho uBrad. Ube esevula isandla sakhe, futhi uMichael ubona khona kanye lokho abekulindele—insangu esemanzi esanda kugoqwa. Akafuni ukuyamukela, kodwa futhi akafuni ukubonakala eyimpatha. “Ngiyabonga okwanamhlanje.  . . kulungile angithi?” kusho uMichael ngezwi elithambile.

UJessica ubona uBrad eza, futhi usekulindele okuzokwenzeka. “Jess, ake uzame lokhu!,” kusho uBrad. Ube esevula isandla sakhe, futhi uJessica ubona khona kanye lokho abekulindele—insangu esemanzi esanda kugoqwa. Ngokukhulu ukuzethemba uJessica uyaphendula, “Cha ngiyabonga. Angifuni ukulimaza impilo yami, ngisazowadinga amaphaphu ami. Nangalé nje kwalokho Brad, . . . Bengicabanga ukuthi uhlakaniphe kabi ukuthi ungabhema ugwayi!”

KULEZI zimo ezingenhla, kungani uJessica ekwazi kangcono ukusingatha lesi simo esicindezelayo? Kungenxa yokuthi unokuthile uMichael angenakho. Uyazi ukuthi kuyini lokho? Uyazazi ukuthi ungubani. Cha, akushiwo nje igama nesibongo. Ukwazi ukuthi ungubani kusho umuzwa wangaphakathi okutshelayo ukuthi ungubani nalokho okumelelayo. Uma uhlome ngalolo lwazi, uyakwazi ukumelana nezilingo nokulawula ukuphila kwakho kunokuvumela abanye ukuba bakulawule. Ungakuhlakulela kanjani ukuzethemba okunjalo? Kuyisiqalo esihle ukuqala ngokuphendula imibuzo elandelayo.

1 IZIPHI IZINTO ENGIKWAZI UKUZIMELA?

Okwenza kube nendaba: Ukwazi amakhono akho nezici ezinhle onazo kuyothuthukisa ukuzethemba kwakho.

Cabanga ngalokhu: Abantu banamakhono ahlukahlukene. Ngokwesibonelo, abanye banamakhono kwezobuciko noma emculweni, kuyilapho abanye benamakhono kwezemidlalo. URaquel unekhono lokulungisa izimoto. * Uthi, “Lapho ngineminyaka engu-15, ngazibona ukuthi ngithanda ukuba umakhenikha.”

Isibonelo esiseBhayibhelini: Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngisho noma ngingenalo ikhono ekukhulumeni, ngokuqinisekile angiyena ongenalo olwazini.” (2 Korinte 11:6) Eyiqonda ngokuphelele imiBhalo, uPawulu wakwazi ukuqina lapho abanye bembekela inselele. Akasivumelanga isimo sabo sengqondo esibi ukuba simenze antengantenge.—2 Korinte 10:10; 11:5.

Zihlole. Bhala ngezansi ikhono onalo.

․․․․․

 Manje chaza imfanelo enhle onayo. (Ngokwesibonelo, ingabe uyabakhathalela abanye? uyephana? unokwethenjelwa? wenza izinto ngesikhathi?)

․․․․․

“Ngiyazama ukuba usizo kwabanye abantu. Uma othile edinga ukukhuluma kodwa ngimatasa, ngiyakuyeka engikwenzayo bese ngimlalela.”—UBrianne.

Uma ukuthola kunzima ukubona imfanelo enhle onayo, cabanga ngesici oye wabonisa ukuvuthwa kuso njengoba ukhula, bese usibhala ngezansi.—Ngokwesibonelo, bheka ibhokisi elithi  “Okushiwo Ontanga Yakho.”

․․․․․

2 KUKUPHI LAPHO NGIBUTHAKATHAKA KHONA?

Okwenza kube nendaba: Njengeketanga eliqina kakhulu uma wonke amasongo alo eqinile, ubuwena bungashintsha ngokushesha bube bubi uma uvumela ubuthakathaka bakho bukunqobe.

Cabanga ngalokhu: Akekho umuntu ophelele. (Roma 3:23) Sonke sinemikhuba esingathanda ukuyishintsha. Intombazane egama layo linguSeija yabuza, “Kungani ngivumela izinto eziwubala zingikhathaze? Into ewubala nje ivele ingicasule, bese ngivele ngihluleka ukuzibamba!”

Isibonelo esiseBhayibhelini: UPawulu wayebazi ubuthakathaka bakhe. Wabhala: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.”—Roma 7:22, 23.

Zihlole. Yibuphi ubuthakathaka onabo okufanele ubuqaphe?

․․․․․

“Ngiye ngaphawula ukuthi ngemva kokubuka ifilimu yezothando, ngiyadumala futhi ngifise sengathi ngingathola othile engingathandana naye. Manje sengiyazi ukuthi kufanele ngiyiqaphele indlela engizijabulisa ngayo.”—UBridget.

3 IYINI IMIGOMO YAMI?

Okwenza kube nendaba: Uma uzibekele imigomo, ukuphila kwakho kuba nenjongo. Cishe uyokwazi nokugwema abantu kanye nezimo ezingakuthikameza ekufinyeleleni lokho okuhlosile.

Cabanga ngalokhu: Ungaligibela yini itekisi bese utshela umshayeli ukuthi akalokhu ejikeleza nawe kuze kube yilapho imoto yakhe isiphelelwe uphethiloli? Lokhu bekungaba ubuwula futhi kube yizindleko! Imigomo ikwenza ungalokhu ujikeleza ndawonye. Uphokophelele endaweni ethile futhi uhlelile ukuthi uzofinyelela kanjani kuyo.

Isibonelo esiseBhayibhelini: UPawulu wabhala: “Indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile.” (1 Korinte 9:26) Kunokuba aphile ukuphila okungenanjongo, uPawulu wazibekela imigomo futhi waphila ngokuvumelana nayo.—Filipi 3:12-14.

 Zihlole. Ngezansi, bhala imigomo emithathu ongathanda ukuyifinyelela ngonyaka ozayo.

  1. ․․․․․

  2. ․․․․․

  3. ․․․․․

Manje khetha umgomo owodwa kwengenhla obaluleke kakhulu kuwe, bese ubhala lokho ongakwenza manje ukuze uqale ukuwufinyelela.

․․․․․

“Uma ngingazigcini ngimatasa, ngivele ngizithole ngingasenanjongo. Kungcono ukuba nemigomo nokuthuthukela ekuyifinyeleleni.”—UJosé.

4 YINI ENGIYIKHOLELWAYO?

Okwenza kube nendaba: Uma kungekho okukholelwayo ngeke wenze izinqumo ezicacile. Njengonwabu, uyoshintsha imibala ukuze ufane nontanga yakho—uphawu olucacile lokuthi awuzazi ukuthi ungubani.

Cabanga ngalokhu: IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba ‘azitholele ngokwawo okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.’ (Roma 12:2) Uma izenzo zakho zisekelwe kulokho okukholelwayo, awuzikhohlisi—kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani.

Isibonelo esiseBhayibhelini: Lapho esemusha, umprofethi uDaniyeli “wanquma enhliziyweni” ukuthi uzoyigcina imiyalo kaNkulunkulu, nakuba ayehlukanisiwe nomndeni wakubo nabakhulekeli bakaNkulunkulu. (Daniyeli 1:8) Ngenxa yalokho, akazange ashintshe. UDaniyeli waphila ngokuvumelana nezinkolelo zakhe.

Zihlole. Yini oyikholelwayo? Ngokwesibonelo:

  • Ingabe uyakholelwa kuNkulunkulu? Uma kunjalo, kungani? Yini ekuqinisekisayo wena ukuthi uNkulunkulu ukhona?

  • Ingabe uyakholelwa ukuthi izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha zizuzisa wena? Uma kunjalo, kungani? Ngokwesibonelo, yini ekuqinisekisayo ukuthi ukulalela imithetho kaNkulunkulu ephathelene nocansi kuyokwenza ujabule kakhulu kunokuvumela ukuthonywa indlela yokuphila “yokungabi nandaba” yontanga yakho?

Lena akuyona imibuzo ongavele uyiphendule ngokushesha nje. Zinike isikhathi sokucabanga ngezizathu zezinkolelo zakho. Ngokwenza kanjalo, uyokwazi ukuzivikela.—IzAga 14:15; 1 Petru 3:15.

“Esikoleni, izingane ziyakucindezela uma zibona ukuthi awuqiniseki, futhi ngangingafuni ukungaqiniseki ngezinkolelo zami. Ngakho ngasebenza kanzima ekuboniseni ngokuqinile izizathu zezinkolelo zami. Kunokuba ngithi kubantu, ‘Cha, angikwenzi lokho ngenxa yenkolo yami,’ ngangivame ukuthi ‘angicabangi ukuthi kuyinto elungile ukwenza lokho.’ Yilokhu engangikukholelwa.”—UDanielle.

Ekugcineni, yikuphi wena ongakhetha ukufana nakho—iqabunga elivuthukele phansi futhi elipheshulwa yiwo wonke umoya ovunguzayo noma ukhetha ukufana nesihlahla esikwazi ukumelana neziphepho ezinamandla? Qiniseka ngokuthi ungubani, futhi uyoba njengesihlahla. Lokho kuyokusiza ukuba uphendule umbuzo othi, Ngingubani?

Uma uzazi kahle ukuthi ungubani, uba njengesihlahla esinezimpande ezijulile esikwazi ukumelana neziphepho ezinamandla

^ isig. 8 Amanye amagama ashintshiwe kulesi sihloko.