Dlulela kokuphakathi

 Intsha Iyabuza

Yini Eyenza Umcimbi Ujabulise Ngempela?

Yini Eyenza Umcimbi Ujabulise Ngempela?

Ngezansi, bhala u-✔ eceleni kwento oyithanda kakhulu lapho kunomcimbi wokuzijabulisa.

  • ukudla

  • ukudansa

  • ukudlala imidlalo

  • ukwakha abangane abasha

  • ukubona abangane okade wabagcina

  • okunye ․․․․․

INTSHA eningi iyayithanda imicimbi, futhi akukho okubi ngalokho. NaseBhayibhelini kuyakhulunywa ngemicimbi yokuzijabulisa.

Ingabe bewazi?

  • Amadodana kaJobe ayeba nemicimbi yomndeni.—Job 1:4.

  • UJesu wake waya emcimbini womshado owawunenani elikhudlwana labantu.—Johane 2:1-11.

  • AmaKristu ekhulu lokuqala ayeba nemibuthana emizini yawo.—IzEnzo 2:46, 47.

Akuthandabuzwa ukuthi ukubuthana nabangane kuyajabulisa. Kodwa ngokudabukisayo, eminye imicimbi ayiqabuli neze.

INDABA EYENZEKA: “Ngamenyelwa emcimbini kawonkewonke, okusho ukuthi kwakumenywe noma ubani, futhi wawuzoba sekhaya lomfana othile abazali bakhe ababengekho. Nganquma ukungayi, futhi ngiyajabula ngalokho! Ngosuku olulandelayo, ngezwa kuthiwa kwakugcwele utshwala futhi abanye sebedakiwe. Abafana abathathu baze ngisho baquleka. Kwalwiwa kwaze kwafika amaphoyisa awuvala lowo mcimbi.”—UJanelle.

ISIFUNDO Ungathembeli enhlanhleni yokuthi izinto zizohamba kahle! Kungakhathaliseki ukuthi uhlela umcimbi noma umenywe kothile, qiniseka ukuthi unazo izimpendulo zemibuzo esemakhasini alandelayo. Ngaleyo-ndlela uyokwazi ukuba nezinkumbulo ezinhle—ungazisoli uma umcimbi usuphelile.

 IMICIMBI EYABA YIMPUMELELO

“Ngesikhathi kunomcimbi kubo kamngane wami, unina wayazi ukuthi ngamunye wethu ukuphi. Ngisho nangesikhathi ngiya emotweni ngiyothatha into yokugqoka, wangibuza ukuthi ngiyaphi. Ingabe wayeqaphe ngokweqile? Mhlawumbe. Kodwa akuzange kungiphathe kabi lokho ngoba kungcono ukuthatha isinyathelo ukuze uphephe kunokuzisola kamuva.”—UKim..

“Sengike ngaya emicimbini emihle futhi ngicabanga ukuthi okwenza leyo micimbi yaba yimpumelelo ukuthi kwakunabantu bobudala obuhlukahlukene. Kanti nalabo ababeyihlelile babehlele nemidlalo eminingi, ngakho akekho okwadingeka azibonele ukuthi wenzani.”—U-Andrea.