Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Isimo SikaNkulunkulu

Isimo SikaNkulunkulu

Unaluhlobo luni lomzimba uNkulunkulu?

“UNkulunkulu Ungumoya.”—Johane 4:24.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli lichaza uNkulunkulu njengomuntu womoya. (2 Korinte 3:17) Ngenxa yalokho uphakeme kakhulu kunathi futhi asinakumqonda ngokugcwele. Eyoku-1 Thimothewu 1:17 ithi ‘uyiNkosi engunaphakade, engenakonakala, engabonakali.’ IBhayibheli liphinde lithi: “Akekho umuntu owake wabona uNkulunkulu.”—1 Johane 4:12.

UMdali wethu uphakeme kangangokuthi asikwazi ngisho nokufunisela nje ukuthi unjani. U-Isaya 40:18 uthi: “Ningamfanisa nobani uNkulunkulu, futhi yisiphi isimo eningasibeka eceleni kwakhe?” Ngisho namazulu abonakalayo esabekayo awalutho uma eqhathaniswa noMninimandla onke.—Isaya 40:22, 26.

Nokho, zikhona izidalwa ezihlakaniphile ezingambona uNkulunkulu futhi zize zikhulume naye ubuso nobuso. Kanjani? Ngenxa yokuthi nazo ziyimimoya futhi zihlala ezulwini. (1 AmaKhosi 22:21; Hebheru 1:7) Ngokuphathelene nalezi zidalwa eziphakeme kunabantu, ezibizwa nangokuthi izingelosi, uJesu Kristu wathi: “Zibubona ngaso sonke isikhathi ubuso bukaBaba osezulwini.”—Mathewu 18:10.

 Ingabe uNkulunkulu ukuyo yonke indawo?

“Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini.’”—Mathewu 6:9.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo ngaso sonke isikhathi, njengamandla athile angeyena umuntu. Kunalokho, njengoba kubonisa amazwi kaJesu kuMathewu 6:9 no-18:10, uNkulunkulu ungumuntu—“uBaba”—futhi uhlala ezulwini, ‘indawo yakhe yokuhlala emisiwe.’—1 AmaKhosi 8:43.

Ngasekupheleni kokuphila kwakhe, uJesu wathi: “Ngiyalishiya izwe ngiya kuBaba.” (Johane 16:28) Ngemva kokufa kwakhe enyameni futhi evuswa njengomuntu womoya, uKristu wenyukela “ezulwini ngokwalo, manje ukuba abonakale phambi kukaNkulunkulu.”Hebheru 9:24.

La maqiniso ngoNkulunkulu abalulekile. Ngani? Phakathi kokunye, ngoba uNkulunkulu ungumuntu, singafunda ngaye futhi sisondele kuye. (Jakobe 4:8) Kanti okunye, iqiniso ngoNkulunkulu lisivikela ekukhulekeleni kwamanga, njengokukhulekela izithombe nemifanekiso engaphili. “Bantwanyana, ziqapheni ezithombeni,” kusho eyoku-1 Johane 5:21.

Abantu benziwa kanjani ngomfanekiso kaNkulunkulu?

“UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.”Genesise 1:27.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Njengabantu, singakwazi ukubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu ezinjengothando lwakhe, ubulungisa nokuhlakanipha. Eqinisweni, iBhayibheli lithi: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni.”—Efesu 5:1, 2.

UNkulunkulu wasenza saba nanenkululeko yokuzikhethela, esenza sikwazi ukukhetha okuhle kokubi futhi sibonise uthando kwabanye ngezindlela ezihlukahlukene. (1 Korinte 13:4-7) Sikwazi nokusungula izinto, sijabulele ubuhle futhi sibambe ongezansi ngobuhle bendawo esizungezile. Ngaphezu kwakho konke, sinesidingo esingokomoya, isifiso esingokwemvelo sokufunda ngoMdali wethu nentando yakhe ngathi.—Mathewu 5:3.

Indlela iqiniso leBhayibheli elingakusiza ngayo. Lapho sifunda okwengeziwe ngoNkulunkulu futhi simlingisa, kulapho siphila khona ngendlela ayehlose ukuba siphile ngayo. Ngenxa yalokho, siba nenjabulo eyengeziwe ekuphileni kanye nokwaneliseka kwangempela nokuthula kwangaphakathi. (Isaya 48:17, 18) Yebo, uNkulunkulu uyazi ukuthi izimfanelo zakhe ezenza athandeke zizithinta ngokujulile izinhliziyo zabantu, zidonsele abanhliziyo ziqotho kuye futhi zibabeke endleleni eya ekuphileni okuphakade.—Johane 6:44; 17:3.