Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | LIVELA KUNKULUNKULU YINI IBHAYIBHELI?

IBhayibheli—Ingabe ‘Liphefumulelwe UNkulunkulu’ Ngempela?

IBhayibheli—Ingabe ‘Liphefumulelwe UNkulunkulu’ Ngempela?

UYAKHOLELWA yini ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu? Noma ucabanga ukuthi labhalwa abantu?

Lokhu kudida ngisho nalabo abathi bangamaKristu. Ngokwesibonelo, ngo-2014, e-United States kwenziwa uphenyo ngale ndaba kwaphawulwa ukuthi abantu abaningi abathi bangamaKristu bayavuma ukuthi “kunokuhlobana phakathi kweBhayibheli noNkulunkulu.” Ngakolunye uhlangothi, abambalwa kubo bathi iBhayibheli “liyincwadi yasendulo enezinganekwane, imilando neziqondiso ezibhalwe abantu.” Lokhu kwenza sifune ukuqonda incazelo enembile yegama eliseBhayibhelini elithi ‘ukuphefumulelwa.’—2 Thimothewu 3:16.

KUSHO UKUTHINI UKUTHI “IMIBHALO IPHEFUMULELWE”?

IBhayibheli linezincwadi ezingu-66 ezabhalwa abantu abangu-40 phakathi neminyaka engaba ngu-1 600. Uma labhalwa abantu, pho kungani kuthiwa ‘liphefumulelwe uNkulunkulu’? Ukuthi ‘liphefumulelwe uNkulunkulu, kusho ukuthi uNkulunkulu owayebatshela ukuthi babhaleni. IBhayibheli lithi: “Abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.” (2 Petru 1:21) Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa amandla akhe angabonakali abizwa ngokuthi umoya ongcwele ukuze abatshele lokho okwakufanele bakubhale eBhayibhelini. Singamfanisa nosomabhizinisi ocela unobhala wakhe ukuba ambhalele incwadi. Incwadi akuyona ekanobhala kodwa ekasomabhizinisi ngoba uyena oshoyo ukuthi yini okumelwe ibhalwe.

Ngezinye izikhathi ababhali beBhayibheli babetshelwa yizingelosi ezithunywe uNkulunkulu ukuthi babhaleni, noma babone imibono evela kuNkulunkulu. Kokunye uNkulunkulu wayebatshela ngephupho lokho okwakufanele bakubhale. UNkulunkulu wayebavumela ababhali beBhayibheli ukuba bakubeke ngamazwi abo lokho ayebatshela kona, kodwa ngezinye izikhathi kwakumelwe babhale igama negama alishoyo. Ngaso sonke isikhathi lokho ababekubhala kwakungaveli kubo kodwa kwakuvela kuNkulunkulu.

Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu owayetshela abantu lokho okwakumelwe bakubhale? Phenya ikhasi uthole izinto ezintathu ezingakwenza uqiniseke.