Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Izingelosi

Izingelosi

Siye safunda ngezingelosi ezincwadini, sazibona ezithombeni nasemafilimini. Zingobani izingelosi futhi uyini umsebenzi wazo?

Zingobani izingelosi?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

 

UNkulunkulu waqale wadala izingelosi ngaphambi kokuba adale yonke into esemhlabeni nasemkhathini. Lezi zingelosi zinamandla kakhulu kunabantu futhi zilapho kuhlala khona uNkulunkulu—indawo umuntu angeke akwazi ukuya kuyo nokuyibona. (Jobe 38:4, 7) IBhayibheli libiza lezi zidalwa ezinamandla ngokuthi ‘imimoya’ nangokuthi “izingelosi.”—IHubo 104:4. *

Zingaki izingelosi? Ziningi kakhulu. Izingelosi ezizungeze isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu “zingamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane.” (IsAmbulo 5:11) Lokhu kusho ukuthi kunamakhulu ezigidi ezingelosi.

‘Ngabona . . .  izingelosi eziningi zizungeze isihlalo sobukhosi . . . , isibalo sazo sasingamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane nezinkulungwane zezinkulungwane.’—IsAmbulo 5:11.

Wawuyini umsebenzi wezingelosi endulo?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

 

Izingelosi zazihambisa umyalezo kaNkulunkulu. * EBhayibhelini, kuthiwa zenza imisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo. UNkulunkulu wathumela ingelosi ukuba ibusise u-Abrahama nokuba imvimbe ukuze anganikeli ngendodana yakhe u-Isaka. (Genesise 22:11-18) UMose wabona ingelosi esihlahleni esivuthayo yamtshela umyalezo owashintsha ukuphila kwakhe. (Eksodusi 3:1, 2) Lapho umprofethi uDaniyeli ephonswe emabhubesini, ‘uNkulunkulu wathumela ingelosi yakhe yavala umlomo wezingonyama.’—Daniyeli 6:22.

“Khona-ke ingelosi kaJehova yabonakala [kuMose] elangabini lomlilo phakathi kwesihlahla somunga.”—Eksodusi 3:2.

Zenzani manje izingelosi?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

 

Angeke sikwazi kahle konke okwenziwa yizingelosi namuhla. Noma kunjalo, iBhayibheli libonisa ukuthi zinengxenye ekusizeni abantu abathanda uNkulunkulu ukuba bafunde ngaye.—IzEnzo 8:26-35; 10:1-22; IsAmbulo 14:6, 7.

UJehova wenza ukuba uJakobe abone izingelosi ephusheni zehla zenyuka zinyukela ezulwini. (Genesise 28:10-12) Kungenzeka uJakobe wafinyelela esiphethweni nathi esingafinyelela kuso, sokuthi uJehova uthumela izingelosi zakhe emhlabeni ukuze zisize abantu bakhe abaqotho lapho bedinga usizo.—Genesise 24:40; Eksodusi 14:19; IHubo 34:7.

“Kwakukhona isikhwelo [isitebhisi] simi emhlabeni isihloko saso sifinyelela phezulu emazulwini; futhi, bheka! kwakukhona izingelosi zikaNkulunkulu zehla zenyuka kuso.”Genesise 28:12.

^ isig. 6 IBhayibheli lembula ukuthi eminye yale mimoya yavukela uNkulunkulu futhi libiza lezi zingelosi ezimbi ngokuthi “amademoni.”—Luka 10:17-20.

^ isig. 11 Empeleni, eBhayibhelini, igama lesiHebheru nelesiGreki elithi “ingelosi” lisho “isithunywa.”