Dlulela kokuphakathi

‘Masinikele Umnikelo KaJehova’

‘Masinikele Umnikelo KaJehova’

LAPHO othile ekubonisa umusa, ubonga kanjani? Cabanga ngendlela izikhulu zempi zakwa-Israyeli ezabonisa ngayo ukubonga ngemva kokuba zinqobe abakwaMidiyani. Le mpi yalwiwa ngemva kokuba ama-Israyeli onile ngokuphathelene noBhali wasePheyori. UNkulunkulu wenza ukuba abantu bakhe banqobe, futhi impango yahlukaniswa phakathi kwamabutho angu-12 000 kanye nawo wonke u-Israyeli. Ngokuvumelana nesiqondiso sikaJehova, amabutho anikeza abapristi ingxenye ethile yempango yawo, namanye ama-Israyeli enza ngokufanayo kumaLevi.—Num. 31:1-5, 25-30.

Nokho, izikhulu zempi zafuna ukwenza okwengeziwe. Zathi kuMose: “Izinceku zakho zibalé amadoda empi esiwaphathisiwe futhi akukho neyodwa okubikwé ukuthi ayikho phakathi kwethu.” Zanquma ukunikela ngegolide nangemihlobiso enhlobonhlobo njengomnikelo kaJehova. Ingqikithi yesisindo sezinto zegolide ezanikelwa saba ngaphezu kwamakhilogremu angu-190.—Num. 31:49-54.

 Nanamuhla, abantu abaningi bashukumiseleka ukuba babonise ukubonga ngalokho uJehova aye wabenzela khona. Ngaphezu kwalokho, imizwa enjalo yokubonga ayiboniswa izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele nje kuphela. Ngokwesibonelo, cabanga ngomshayeli webhasi owayehambisa iqembu lezihambeli zomhlangano wezizwe aliyise enkundleni yomhlangano owawuseBologna, e-Italy, ngo-2009. Ngenxa yokuthi wayengumshayeli ocophelelayo futhi enomoya omnene, labo ababegibela ibhasi ayelishayela banquma ukumbhalela ikhadi lokumbonga futhi bamnika nesipho semali kanye nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Esabela kulokho, umshayeli wathi: “Ikhadi ngilamukela ngenkulu injabulo kanye nencwadi, nokho bandla imali ngicela ukungayithathi kodwa nginikele ngayo ukuze niqhubeke nomsebenzi eniwenzayo. Ngisho noma ngingeyena omunye woFakazi BakaJehova, ngiyathanda ukwenza lo mnikelo ngoba ngiqaphelile ukuthi konke enikwenzayo nikwenza ngothando.”

Lapho ushukunyiswa ukwazisa ngalokho uJehova aye wakwenzela kona, enye indlela ongabonisa ngayo ukubonga iwukunikelela umsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova. (Math. 24:14) Izindlela abanye abakhetha ukunikela ngazo zichazwe ebhokisini elikulesi sihloko.