Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungavumeli Lutho Lukudedisele Kude NoJehova

Ungavumeli Lutho Lukudedisele Kude NoJehova

“Zikhetheleni namuhla ukuthi nizokhonza bani.”—JOSH. 24:15.

1-3. (a) Kungani uJoshuwa eyisibonelo esihle somuntu owakhetha kahle ekuphileni? (b) Yini okufanele siyikhumbule lapho kufanele senze izinqumo?

IGAMA elithi “khetha” linamandla kakhulu. Uma umuntu kufanele akhethe, kusuke kukhona okumelwe akhethe kukho futhi enegunya elithile lokulawula indlela ukuphila kwakhe okuyothinteka ngayo. Ngokwesibonelo: Cabanga ngomuntu ohamba endleleni bese efika lapho ihlukana khona ibe ezimbili. Iyiphi ayoyikhetha? Uma ebelibangise endaweni ethile, cishe iyodwa kuzo eyomsondeza emgomweni wakhe kanti enye iyomqhelisa kuwo.

2 IBhayibheli linezibonelo eziningi zabantu ababhekana nesimo esicishe sifane. Ngokwesibonelo, uKhayini kwadingeka anqume ukuthi uzolandela intukuthelo yakhe noma uzoyilawula. (Gen. 4:6, 7) UJoshuwa kwadingeka akhethe phakathi kokukhonza uNkulunkulu weqiniso noma onkulunkulu bamanga. (Josh. 24:15) Umgomo kaJoshuwa kwakuwukuhlale eseduze noJehova; yingakho akhetha indlela eyayimyisa kulolo hlangothi. UKhayini wayengenawo lowo mgomo, futhi wakhetha indlela eyamdedisela kude noJehova.

3 Ngezinye izikhathi singase sibhekane nesinqumo esifana nokuba senhlukana-ndlela. Uma lokho kwenzeka, khumbula ukuthi ulibangisephi, noma ukuthi uyini umgomo wakho—ukukhazimulisa uJehova kukho konke okwenzayo nokugwema noma yini engakwenza uqhele kuye. (Funda amaHebheru 3:12.) Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizohlola izici eziyisikhombisa zokuphila okufanele singazivumeli nakancane zisidedisele kude noJehova.

UMSEBENZI WOKUZIPHILISA

4. Kungani umsebenzi wokuziphilisa ubalulekile?

4 AmaKristu anesibopho sokuzondla wona nemikhaya yawo. IBhayibheli libonisa ukuthi uma umuntu engafuni ukondla abendlu yakhe, mubi kunongakholwayo.  (2 Thes. 3:10; 1 Thim. 5:8) Kusobala ukuthi umsebenzi wokuziphilisa uyingxenye ebalulekile yokuphila, kodwa uma ungaqaphile, ungakudedisela kude noJehova. Kanjani?

5. Iziphi izici ezibalulekile lapho sicabangela umsebenzi esiwuthenjiswayo?

5 Ake sithi ufuna umsebenzi. Uma uhlala ezweni imisebenzi entulekayo kulo, ungase ulingeke ukuba uthathe noma imuphi umsebenzi owutholayo—uvume noma imuphi othenjiswa wona. Nokho, kuthiwani uma lowo msebenzi ungqubuzana nezimiso zeBhayibheli? Kuthiwani uma uzokuhambisa kakhulu futhi uzokwenza ube kude nomkhaya wakho noma isikhathi sawo sizongqubuzana nemisebenzi yebandla? Ingabe kufanele usale usuwuthatha, yize kuwumsebenzi ongafaneleki, ngomuzwa wokuthi kungcono ukusebenza kunokungasebenzi nhlobo? Khumbula ukuthi ukukhetha indlela engafanele kungakuqhelisa kuJehova. (Heb. 2:1) Kungakhathaliseki ukuthi ufuna umsebenzi noma uhlaziya kabusha umsebenzi wakho wamanje, ungazenza kanjani izinqumo ezihlakaniphile?

6, 7. (a) Imiphi imigomo umuntu angase abe nayo ngokuphathelene nomsebenzi wokuziphilisa? (b) Imuphi umgomo oyokusondeza kuJehova, futhi ngani?

6 Njengoba kushiwo ngaphambili, hlale ucabanga ukuthi ulibangisephi. Zibuze, ‘Ngifuna ukuba lo msebenzi ungiyise kuphi?’ Uma ubheka umsebenzi wokuziphilisa njengendlela yokufinyelela umgomo othile—ukuzondla wena nomkhaya wakho enkonzweni kaJehova—uJehova uyoyibusisa imizamo yakho. (Math. 6:33) Isandla sikaJehova asisifushane lapho uphelelwa umsebenzi noma ubhekene nokuwa komnotho okungalindelekile. (Isaya 59:1) “Uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.”—2 Pet. 2:9.

7 Ngakolunye uhlangothi, kuthiwani uma umgomo wakho kumane nje kuwukuceba? Mhlawumbe uzophumelela. Nokho, ngisho noma kuba njalo, khumbula ukuthi “impumelelo” enjalo uyoyithola ngokulahlekelwa okuthile—obungasoze wathanda ukuba kukulahlekele. (Funda eyoku-1 Thimothewu 6:9, 10.) Ukubheka ingcebo nomsebenzi njengokubaluleke kakhulu kuyomane kukudedisele kude noJehova.

8, 9. Yini okufanele abazali bayicabangele ngokuphathelene nesimo sabo sengqondo ngomsebenzi wokuziphilisa? Chaza.

8 Uma ungumzali, cabanga ngendlela isibonelo sakho esizithinta ngayo izingane zakho. Yini eziyibona ibaluleke kakhulu kuwe—umsebenzi wakho noma ubungane bakho noJehova? Uma zibona ukuthi isikhundla, udumo nengcebo kuza kuqala ekuphileni kwakho, kungenzeka yini zikulandele kule ndlela eholela enhlekeleleni? Kungenzeka yini ukuba inhlonipho yazo ngawe njengomzali iphele ngezinga elithile? Omunye umKristu osemusha uthi: “Engikukhumbulayo ngobaba ukuthi ubelokhu ematasa ngomsebenzi wakhe. Ekuqaleni kwakubonakala sengathi usebenza kanzima ngoba efuna ukuba umkhaya wakithi uthole okungcono kakhulu. Wayefuna ukusinakekela kahle. Kodwa eminyakeni yamuva, kukhona okuye kwashintsha. Usesebenza umshawushile, futhi alethe ekhaya izinto eziphambili ezingezona ngempela izidingo. Ngenxa yalokho, sesaziwa ngokuthi singumkhaya ongomaliyavuza kunokuba saziwe njengomkhaya okhuthaza abanye ukuba baphishekele izinto ezingokomoya. Into ebengingayijabulela njalo ukuba ubaba angisekele ngokomoya kunangemali.”

9 Bazali, ningaqheli kuJehova ngokunaka kakhulu umsebenzi wenu wokuziphilisa. Bonisani izingane zenu ngesibonelo senu ukuthi nikholelwa ngempela ukuthi ingcebo enkulu kakhulu esingaba nayo yileyo engokomoya, hhayi yezinto ezibonakalayo.—Math. 5:3.

10. Yini umuntu osemusha angase ayicabangele lapho ekhetha umsebenzi?

10 Uma ungumuntu osemusha ungakwazi kanjani ukukhetha indlela efanele lapho ucabangela uhlobo lomsebenzi wokuziphilisa?  Njengoba sekuxoxiwe, kudingeka wazi ukuthi ukuphila kwakho kuphokophelephi. Ingabe ukuqeqeshelwa lowo msebenzi owucabangelayo nokuwenza kuyokuvumela ukuba uphishekele izithakazelo zoMbuso ngokwengeziwe, noma kuyokudedisela kude noJehova? (2 Thim. 4:10) Ingabe umgomo wakho uwukulingisa ukuphila kwabantu abanjabulo yabo iguquguquka njalo kuye ngemali abanayo ebhange noma ngezinto abanazo? Noma ingabe uyokhetha ukubonisa ukuqiniseka uDavide ayenakho, owaloba: “Ngangiyinsizwa, manje ngikhulile, nokho angizange ngimbone olungileyo eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa”? (IHu. 37:25) Khumbula, enye indlela iyokudedisela kude noJehova, kanti enye iyokuholela ekuphileni okungcono kakhulu ongakuthola. (Funda izAga 10:22; Malaki 3:10.) Iyiphi indlela wena oyoyikhetha? *

UKUZIJABULISA NOKUZILIBAZISA

11. Yini iBhayibheli eliyivumayo ngokuzijabulisa nokuzilibazisa, kodwa yini okufanele siyikhumbule?

11 IBhayibheli alimelene nokuzijabulisa, futhi alichazi ukuzijabulisa nokuzilibazisa njengokuchitha isikhathi. UPawulu wabhalela uThimothewu: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane.” (1 Thim. 4:8) IBhayibheli lize lithi sikhona “nesikhathi sokuhleka . . . nesikhathi sokutshakadula,” futhi likhuthaza ukuba umuntu aphumule ngokwanele. (UmSh. 3:4; 4:6) Nokho, uma ungaqaphile, ukuzijabulisa nokuzilibazisa kungakudedisela kude noJehova. Kanjani? Ingozi enkulu iba sezicini ezimbili—uhlobo lokuzijabulisa olukhethayo nokuthi singakanani isikhathi oyosichitha kukho.

Ukuzijabulisa okuhle nokusesilinganisweni esifanele kuyaqabula

12. Iziphi izici okufanele uzicabangele ngokuphathelene nohlobo lokuzijabulisa nokuzilibazisa okukhethayo?

12 Okokuqala, cabangela uhlobo lokuzijabulisa. Ungaqiniseka ukuthi ungathola izinhlobo eziningi zokuzijabulisa nokuzilibazisa okuhle nokunempilo. Nokho, kuyavunywa ukuthi okuningi kwalokho okutholakalayo kukhuthaza izinto uNkulunkulu azizondayo, ezihlanganisa ubudlova, ukusebenzelana nemimoya nokuziphatha kabi ngokobulili. Ngakho-ke, kudingeka uhlolisise uhlobo lokuzilibazisa nokuzijabulisa ohileleka kulo. Kunaliphi ithonya kuwe? Ingabe kukukhuthaza ukuba ube nomoya wobudlova, wobuzwe noma wokuncintisana nabanye? (IzAga 3:31) Ingabe kuyayiqeda imali yakho? Kungenzeka yini kubakhube  abanye? (Roma 14:21) Hlobo luni lwabangane okukuhlanganisa nabo? (IzAga 13:20) Ingabe kuvusa kuwe isifiso sokwenza izinto ezimbi?—Jak. 1:14, 15.

13, 14. Yini okudingeka uyicabangele ngokuphathelene nesikhathi osichitha uzijabulisa?

13 Cabangela nesikhathi osisebenzisela ukuzijabulisa nokuzilibazisa. Zibuze, ‘Ingabe ngichitha isikhathi esiningi kakhulu ngingcebeleka ngize ngingabi naso isikhathi sezinto ezingokomoya?’ Uma ukhetha ukusebenzisa isikhathi esiningi ngokwedlulele ekuzijabuliseni nasekuzilibaziseni, uyothola ukuthi isikhathi sakho sokuphumula asikwenzi uqabuleke ngendlela obuyilindele. Eqinisweni, labo abagcina ukuzijabulisa kusendaweni yakho bakujabulela ngokwengeziwe. Kungani? Yingoba bayazi ukuthi baye baqala ngokunakekela ‘izinto ezibaluleke kakhulu,’ ngakho, isikhathi sabo sokuzijabulisa asibashiyi benonembeza onecala.—Funda eyabaseFilipi 1:10, 11.

14 Nakuba ukuchitha isikhathi esiningi uzijabulisa kungase kubonakale kumnandi, ukuthatha leyo ndlela kungakudedisela kude noJehova. Udade othile oneminyaka engu-20 ubudala ogama lakhe linguKim wafunda ngokuzibonela. Uthi: “Ngangivame ukuya kuwo wonke amaphathi. Kwakuhlale kunokuthile okukhulu okwenzekayo impelasonto ngayinye—ngoLwesihlanu, ngoMgqibelo nangeSonto. Nokho, manje ngiyabona ukuthi kunezinto eziningi kakhulu ezibaluleke kakhulu umuntu angazenza. Ngokwesibonelo, njengephayona, ngivuka ekuseni ngo-6:00 ngilungele inkonzo yasensimini, ngakho, angikwazi ukuba sembuthanweni wokuzijabulisa kuze kushaye ihora lokuqala noma lesibili ekuseni. Ngiyazi ukuthi akuyona yonke imibuthano yokuzijabulisa emibi, kodwa ingaba isiphazamiso esikhulu. Njenganoma yini enye, kufanele igcinwe isendaweni yayo.”

15. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zizijabulise ngendlela eqabulayo?

15 Abazali banesibopho sokuzinakekela ngokwenyama, ngokomoya nangokomzwelo bona nezingane zabo. Lokho kuhlanganisa nokwenza amalungiselelo okuzijabulisa. Uma ungumzali, ungaqinisi isandla ngokubheka konke ukuzijabulisa njengokubi. Ngesikhathi esifanayo, qapha amathonya amabi. (1 Kor. 5:6) Ngokucabangisisa ngakho, ungakwazi ukuthola ukuzijabulisa nokuzilibazisa okuwuqabula ngempela umkhaya wakho. * Ngaleyo ndlela, wena nezingane zakho niyokhetha indlela eyonisondeza kuJehova.

UBUHLOBO NAMALUNGU OMKHAYA

16, 17. Isiphi isimo esibuhlungu abazali abaningi abaye babhekana naso, futhi sazi kanjani ukuthi uJehova uyabuqonda ubuhlungu ababuzwayo?

16 Isibopho phakathi komzali nengane yakhe sinamandla kakhulu kangangokuba uJehova wasebenzisa lobo buhlobo ukuze achaze indlela ayebathanda ngayo abantu bakhe. (Isaya 49:15) Ngakho-ke, kungokwemvelo ukuba umuntu ezwe ubuhlungu obukhulu lapho ilungu lomkhaya alithandayo lishiya uJehova. Omunye udade ondodakazi yakhe yasuswa ekuhlanganyeleni uthi, “Ngalimala. Ngazibuza, ‘Kungani ishiye uJehova?’ Ngazizwa nginecala futhi ngacabanga ukuthi yimi engangiyimbangela yalokho.”

17 UJehova uyabuqonda ubuhlungu obuzwayo. Naye “wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe” lapho ilungu lokuqala lomkhaya wakhe wabantu, futhi kamuva nabantu abaningi ababephila ngaphambi kukaZamcolo, behlubuka. (Gen. 6:5, 6) Kungase kube nzima ngalabo abangakaze babhekane nobuhlungu obunjalo ukuba baqonde ukuthi kubuhlungu kangakanani. Noma kunjalo, ngeke kube ukuhlakanipha ukuvumela inkambo engafanele yelungu lomkhaya elisuswe ekuhlanganyeleni ukuba ikudedisele kude noJehova. Khona-ke, ungabhekana kanjani nobuhlungu obukhulu obuba khona lapho ilungu lomkhaya lishiya uJehova?

18. Kungani kungafanele abazali bazibeke icala uma ingane ishiya uJehova?

 18 Ungazibeki icala ngalokho okwenzekile. UJehova unike bonke abantu ilungelo lokuzikhethela, futhi ilungu ngalinye lomkhaya elizinikezele labhapathizwa kumelwe ‘lithwale owalo umthwalo.’ (Gal. 6:5) Ekugcineni, uJehova ubheka isoni—hhayi wena—njengesimelwe ukulandisa ngokukhetha kwaso. (Hez. 18:20) Ngaphezu kwalokho, ungabeki abanye icala. Hlonipha ilungiselelo likaJehova lokunikeza isiyalo. Melana noDeveli—hhayi nabelusi abathatha isinyathelo sokuvikela ibandla.—1 Pet. 5:8, 9.

Akuyona into embi ukuba nethemba lokuthi othandekayo uzobuyela kuJehova

19, 20. (a) Bangenzani abazali abanezingane ezisusiwe ekuhlanganyeleni ukuze babhekane ngokuphumelelayo nosizi lwabo? (b) Yiliphi ithemba labo bazali okungekubi ukuba babe nalo?

19 Ngakolunye uhlangothi, uma ukhetha inkambo yokucasukela uJehova, uyozidedisela kude naye. Empeleni, ilungu lomkhaya olithandayo kudingeka libone ukuzimisela kwakho okuqinile ukubeka uJehova kuqala ngaphezu kwanoma yini enye—kuhlanganise nesibopho somkhaya. Ngakho, ukuze ubhekane ngokuphumelelayo nalesi simo, qiniseka ukuthi uzigcina uphila ngokomoya. Ungazihlukanisi nabafowenu nodadewenu abangokomoya abathembekile. (IzAga 18:1) Thululela imizwa yakho kuJehova ngomthandazo. (IHu. 62:7, 8) Ungafuni izaba zokuzihlanganisa nelungu lomkhaya elisusiwe ekuhlanganyeleni, ngokwesibonelo, nge-email. (1 Kor. 5:11) Hlale umatasa ngezinto ezingokomoya. (1 Kor. 15:58) Udade ocashunwe ngenhla uthi, “Ngiyazi ukuthi kumelwe ngihlale ngimatasa enkonzweni kaJehova futhi ngizigcine ngiqinile ngokomoya ukuze lapho indodakazi yami ibuyela kuJehova, ngibe sesimweni sokuyisiza.”

20 IBhayibheli lithi uthando “luthemba zonke izinto.” (1 Kor. 13:4, 7) Akuyona into engalungile ukuba nethemba lokuthi othandekayo wakho uzobuya. Minyaka yonke, kunenqwaba yabantu abenze okubi abaphendukayo futhi babuyele enhlanganweni kaJehova. UJehova akacasuki ngokuthi baphendukile. Kunalokho, “ukulungele ukuthethelela.”—IHu. 86:5.

KHETHA NGOKUHLAKANIPHA

21, 22. Yini ozimisele ukuyenza ngokuphathelene nokusebenzisa inkululeko yakho yokuzikhethela?

21 UJehova unike izidalwa zakhe ezingabantu inkululeko yokuzikhethela. (Funda uDuteronomi 30:19, 20.) Kodwa leyo nkululeko ihambisana nomthwalo wemfanelo omkhulu. UmKristu ngamunye kufanele azibuze: ‘Ngikuyiphi indlela? Ingabe ngiye ngavumela umsebenzi wokuziphilisa, ukuzijabulisa nokuzilibazisa, noma ubuhlobo bomkhaya ukuba kungidedisele kude noJehova?’

22 Uthando uJehova analo ngabantu bakhe alulokothi luphele. Ukuphela kwendlela esingaqhela ngayo kuJehova yilapho sikhetha ukuhamba ngendlela engafanele. (Roma 8:38, 39) Nokho, lokhu kuyinto engagwemeka! Zimisele ukungavumeli lutho lukudedisele kude noJehova. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezinye izici ezine ongabonisa kuzo lokho kuzimisela.

^ isig. 10 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokukhetha umsebenzi, bheka isahluko 38 encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2.