Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Esingasiza Ngayo Ekunakekeleni Izidingo Zabanye

Indlela Esingasiza Ngayo Ekunakekeleni Izidingo Zabanye

“KWAQUBUKA udlame ngemva kokhetho olwaba nemiphumela engazange yamukeleke, futhi izinkulungwane zoFakazi BakaJehova zaphoqeleka ukuba zibaleke emakhaya,” kulandisa uFrançois, umdala wasezweni elithile elisathuthuka. “Ukudla nemithi kwaqala ukuntuleka, futhi okwakusatholakala kwabiza kakhulu. Amabhange avalwa, imali yaphela emishinini yokukhipha imali, kwathi eminye yafa.”

Ngokushesha abazalwane abavela ehhovisi legatsha baqala ukuhambisa imali nezinto eziyizidingo eziphuthumayo koFakazi ababebalekele emaHholo OMbuso akulo lonke lelo zwe. Amaqembu alwayo avimba emigwaqweni, kodwa ngokuvamile, izimoto ezivela egatsheni zazivunyelwa ukuba zidlule ngoba amaqembu alwayo ayebazi oFakazi ukuthi abathathi hlangothi nhlobo.

UFrançois uthi: “Ngolunye usuku sisendleleni eya kwelinye iHholo LoMbuso, amasosha acashile avulela ngenhlamvu ebhekise elolini lethu. Nokho, lezo zinhlamvu zadlula phakathi kwethu. Lapho sibona elinye isosha liza ligijima liqonde kithi, sanyathela amabhuleki ngokushesha sahlehla sabuyela ehhovisi sindiza. Sambonga uJehova ngokusilonda. Ngosuku olulandelayo, abafowethu abangu-130 ababekulelo Hholo LoMbuso bakwazi ukuya endaweni ephephile. Abanye beza ehhovisi legatsha, sabanakekela ngokomoya nangokwenyama kwaze kwaba yilapho isimo sesizinzile futhi.”

UFrançois uthi, “Kamuva, ihhovisi legatsha lathola izincwadi eziningi zivela kubafowethu ezweni lonke bebonga benconcoza. Ukubona indlela abafowabo bakwezinye izindawo ababasiza ngayo kwabenza bamethemba ngokwengeziwe uJehova.”

Lapho abafowethu nodadewethu bebhekene nezinhlekelele zemvelo noma ezibangelwa abantu, asibatsheli ukuba ‘bafudumale futhi basuthe.’ (Jak. 2:15, 16) Kunalokho, silwela ukunakekela izidingo zabo ezingokwenyama. Ngokufanayo, ekhulwini lokuqala, ngemva kokuba bexwayiswe ngendlala eyayiza, “abafundi banquma, yilowo nalowo kubo ngokwalokho umuntu ayenamandla okukwenza, ukuba benze inkonzo ngokuthumela usizo kubazalwane abahlala eJudiya.”—IzE. 11:28-30.

Njengezinceku zikaJehova, sizimisele ukusiza abantu abaswele ngezindlela ezingokoqobo. Noma kunjalo, abantu banaso nesidingo esingokomoya. (Math. 5:3) Ukuze abasize basiqaphele leso sidingo futhi bathathe izinyathelo zokusanelisa, uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba benze abafundi. (Math. 28:19, 20) Ngamunye kithi unikela ngesikhathi esiningi, amandla nangezinto zakhe ekufezeni lowo myalo. Njengenhlangano, enye imali evela eminikelweni siyisebenzisela ukunikeza usizo olungokwenyama, kodwa, imali yeminikelo isetshenziselwa ngokuyinhloko ukuthuthukisa izithakazelo zoMbuso nokusakaza izindaba ezinhle. Ngaleyo ndlela, sibonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane.—Math. 22:37-39.

Labo abasekela umsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova bangaqiniseka ukuthi iminikelo yabo isetshenziswa ngendlela efanele nengcono kakhulu. Ungakwazi yini ukusiza abafowenu abaswele? Ingabe unesifiso sokusekela umsebenzi wokwenza abafundi? Uma kunjalo, “ungabagodleli okuhle labo okubafanele, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.”—IzAga 3:27.