Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufinyelela Izinhliziyo Zezihlobo Ezingebona OFakazi

Ukufinyelela Izinhliziyo Zezihlobo Ezingebona OFakazi

UJESU KRISTU wathi: “Hamba uye ekhaya ezihlotsheni zakho, uzibikele konke uJehova akwenzele khona nesihe abe naso kuwe.” Ngesikhathi esho la mazwi cishe wayeseGadara, eningizimu-mpumalanga yoLwandle LwaseGalile, ekhuluma nomuntu owayefuna ukuba umlandeli wakhe. Amazwi akhe abonisa ukuthi wayeqonda ukuthi ngokuvamile abantu banesifiso sokuxoxela izihlobo izinto ezibathakazelisayo nezibalulekile.Marku 5:19.

Sivamile ukuwubona lo mkhuba nanamuhla, nakuba uvelele kakhulu kwezinye izizwe kunakwezinye. Ngenxa yalokho, lapho umuntu eba umkhulekeli kaNkulunkulu weqiniso, uJehova, ngokuvamile ufuna ukuxoxela izihlobo zakhe ngokholo lwakhe olusha. Kodwa kufanele akwenze kanjani lokhu? Angazifinyelela kanjani izinhliziyo zezihlobo zakhe ezikwezinye izinkolo—noma ezingakholwa nhlobo? IBhayibheli liqukethe iseluleko esihle nesisebenzayo.

“SIMTHOLILE UMESIYA”

Ekhulwini lokuqala, u-Andreya waba phakathi kwabokuqala ukwazi ukuthi uJesu wayenguMesiya. Ubani amtshela ngokushesha ngemva kokuba ekutholile lokhu? “Okokuqala [u-Andreya] wathola umfowabo, uSimoni, wathi kuye: ‘Simtholile uMesiya’ (okusho ukuthi uKristu, uma kuhunyushwa).” U-Andreya wabe eseya noPetru kuJesu, kanjalo emnika ithuba lokuba omunye wabafundi bakaJesu.Joh. 1:35-42.

Ngemva kweminyaka engaba yisithupha lapho uPetru ehlala eJopha, wacelwa ukuba athathe uhambo oluya enyakatho eKhesariya emzini kaKorneliyu, induna yebutho. Obani uPetru abathola bebuthene kuleyo ndlu? “Yebo, uKorneliyu wayebalindele [uPetru nalabo ayehamba nabo] futhi ebizele ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze.” Ngakho uKorneliyu wanika izihlobo zakhe ithuba lokuzwa  uPetru ekhuluma ukuze zenze isinqumo esisekelwe kulokho ezikuzwile.IzE. 10:22-33.

Singafundani endleleni u-Andreya noKorneliyu abaphatha ngayo izihlobo zabo?

U-Andreya noKorneliyu abazange babe nomuzwa wokuthi izihlobo zabo zizozithola lezi zindaba ngandlela-thile. U-Andreya wamyisa ngokwakhe uPetru kuJesu, noKorneliyu wahlela ukuba izihlobo zakhe zibe khona zizozwa lokho uPetru ayezobatshela kona. Kodwa u-Andreya noKorneliyu abazange baziphoqe izihlobo zabo noma bazame ngezindlela zobuqili ukuzenza zibe abalandeli bakaKristu. Uyasibona isifundo esikule ndaba? Siyokwenza kahle ngokwenza okufanayo. Singase sixoxe nezihlobo ngamaphuzu athile futhi sakhe amathuba okuba zizwe amaqiniso eBhayibheli futhi zixhumane nabanye esikholwa nabo. Noma kunjalo, siyayihlonipha inkululeko yazo yokuzikhethela futhi siyakugwema ukuzicindezela okungathandeki. Ukuze sibonise indlela esingasiza ngayo izihlobo zethu, cabanga ngesibonelo sikaJürgen noPetra, umbhangqwana oshadile waseJalimane.

UPetra wafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa. Umyeni wakhe, uJürgen, wayeyisikhulu kwezempi. Ekuqaleni, wayengajabule ngesinqumo somkakhe. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, waqaphela ukuthi oFakazi babeshumayela iqiniso eliseBhayibhelini. Naye wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova, futhi namuhla ungumdala ebandleni lendawo. Manje isiphi iseluleko asinikezayo ngokufinyelela inhliziyo yesihlobo esikwenye inkolo?

UJürgen uyaphawula: “Akufanele sizame ukuphoqelela noma ukugcingca izihlobo zethu ngokholo lwethu. Lokho kungavele kuzenze ziqinise amakhanda ngokwengeziwe. Kungaba ngcono kakhulu uma singadamane siziphonsela amajuphana ngendlela engacunuli. Kuyasiza nokuxhumanisa izihlobo zethu nabazalwane bobudala obufanayo nobazo futhi abathanda izinto ezizithandayo nazo. Ukwenza lokhu kungalinciphisa igebe.”

‘Akufanele sizame ukuphoqa nokugcingca izihlobo zethu.’—uJürgen

Umphostoli uPetru nezihlobo zikaKorneliyu basabela ngokushesha esigijimini seBhayibheli. Abanye ekhulwini lokuqala abathola iqiniso kwabathatha isikhathi esijana ukwenza isinqumo.

KUTHIWANI NGABAFOWABO BAKAJESU?

Izihlobo eziningana zikaJesu zabonisa ukholo kuye ngesikhathi eshumayela obala. Ngokwesibonelo, kubonakala sengathi abaphostoli, uJakobe noJohane, babeyizihlobo zikaJesu, bezalwa uSalome, owayengudadewabo kanina kaJesu. Kungenzeka ukuthi uSalome wayengomunye ‘wabesifazane abaningi, ababekhonza uJesu nabaphostoli ngalokho okungokwabo.’Luka 8:1-3.

Nokho, amanye amalungu omndeni kaJesu awazange asheshe ukubonisa ukholo. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi sekuphele unyaka uJesu ebhapathiziwe, izixuku zabuthana endlini ethile zizomlalela. “Kodwa lapho izihlobo zakhe zizwa ngakho, zaphuma ukuze ziyombamba, ngoba zazithi: ‘Uyahlanya.’ ” Ngemva kwesikhathi esithile, lapho abafowabo bakaJesu ngamzali munye bembuza ngezinhlelo zakhe zohambo oluthile, akazange abaphendule ngokuqondile. Kungani? Ngoba “eqinisweni, abafowabo babengenalo ukholo kuye.”Marku 3:21; Joh. 7:5.

Singafundani endleleni uJesu aphatha ngayo izihlobo zakhe? Akazange acasuke lapho ezinye zithi uyahlanya. Ngisho nangemva kokubulawa nokuvuswa kwakhe, uJesu waqhubeka ezikhuthaza izihlobo zakhe ngokubonakala kuJakobe ongumfowabo ngamzali munye. Kubonakala sengathi lokho kubonakala kwakhe akuzange kusize ekuqinisekiseni uJakobe  yedwa kodwa nabanye abafowabo ngamzali munye ukuthi nembala wayenguMesiya. Ngakho, babenabaphostoli nabanye ekamelweni eliphezulu eJerusalema futhi ngokusobala bamukela umoya ongcwele. Ngokuhamba kwesikhathi, uJakobe noJude, ongomunye wabafowabo bakaJesu ngamzali munye, bathola amalungelo amahle kakhulu.IzE. 1:12-14; 2:1-4; 1 Kor. 15:7.

EZINYE IZIHLOBO ZIDINGA ISIKHATHI ESENGEZIWE

“Kuningi okuhle ongase ukufeze ngokuba nesineke, ube nesineke, yebo ube nesineke kakhulu.”—uRoswitha

Njengasekhulwini lokuqala, ezinye izihlobo namuhla zidinga isikhathi ngaphambi kokuba zingene endleleni eholela ekuphileni. Ngokwesibonelo, cabanga ngoRoswitha, owayengumKatolika okhuthele ngesikhathi umyeni wakhe ebhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova ngo-1978. Ebambelele ngokuqinile ezinkolelweni zakhe, uRoswitha waqale wamphikisa umyeni wakhe. Kodwa ukuphikisa kwakhe kwaya kudamba njengoba iminyaka iqhubeka futhi eqaphela ukuthi oFakazi bafundisa iqiniso. Ngo-2003 naye wabhapathizwa. Wasizwa yini ukuba ashintshe? Kunokuba acasulwe ukuphikisa kwakhe kwasekuqaleni, umyeni wakhe wamnika amathuba amaningi okuba ashintshe umqondo wakhe. Isiphi iseluleko uRoswitha asinikeza sona? “Kuningi okuhle ongase ukufeze ngokuba nesineke, ube nesineke, yebo ube nesineke kakhulu.”

UMonika wabhapathizwa ngo-1974, futhi amadodana akhe amabili aba oFakazi ngemva kweminyaka eyishumi yena ebhapathiziwe. Nakuba umyeni wakhe, uHans, ayengakaze abaphikise, uze wabhapathizwa ngo-2006. Ukhuluma ngalokho okwenzeka kuwo, isiphi iseluleko lo mkhaya osinikezayo? “Namathela ngobuqotho kuJehova, futhi ungayekethisi ezindabeni zokholo.” Yiqiniso, kwakudingeka bamqinisekise njalo uHans ngokuthi bayamthanda. Abakaze futhi balilahle ithemba lokuthi ngolunye usuku uyolwamukela ukholo lwabo.

AMANZI EQINISO AZILETHELA UKUQABULEKA

UJesu wake wachaza isigijimi seqiniso njengesifana namanzi adlulisela ukuphila okuphakade. (Joh. 4:13, 14) Sifuna ukuba izihlobo zethu zithole ukuqabuleka ngokuphuza amanzi amtoti, acwebile eqiniso. Ngokuqinisekile, ngeke sathanda ukuba zixhilwe ngoba ziphoqwa ukuba ziphuze amanzi amaningi ngokushesha. Ukuthi ziyozizwa ziqabulekile noma zixhiliwe kungase kuxhomeke endleleni esizichazela ngayo ukholo lwethu. IBhayibheli lithi “inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule,” libuye lithi “inhliziyo yomuntu ohlakaniphile ibangela ukuba umlomo wakhe ubonise ukuqondisisa, futhi yenezela ukuthonya ezindebeni zakhe.” Singasisebenzisa kanjani lesi seluleko?IzAga 15:28; 16:23.

Inkosikazi ingase ithande ukuchazela umyeni wayo ngokholo lwayo. Uma ‘izindla ngaphambi kokuba iphendule,’ iyowacwecwa amazwi ayo futhi ingakhulumi ngokuphahluka. Akufanele imnikeze umuzwa wokuthi izibona ilungile noma iphakeme kunaye. Amazwi ayo acatshangelwe kahle angase abe aqabulayo nathuthukisa ukuthula. Kunini lapho umyeni wayo ekhululeke futhi engeneka kalula khona? Iziphi izindaba athanda kakhulu ukuxoxa noma ukufunda ngazo? Ingabe unesithakazelo ezindabeni zesayensi, ezombangazwe noma ezemidlalo? Ingalivusa kanjani ilukuluku lakhe ngeBhayibheli ngesikhathi esifanayo iyihloniphe imizwa nemibono yakhe? Ukucabanga ngalezi zindaba kuyoyisiza ukuba ikhulume futhi yenze ngokuqondisisa.

Ukufinyelela izinhliziyo zamalungu omkhaya angakabi oFakazi akuhileli ukuwachazela ngokholo lwethu kancane kancane kuphela. Esikushoyo kufanele kusekelwe ukuziphatha okuhle.

UKUZIPHATHA OKUYISIBONELO

UJürgen okukhulunywe ngaye ngenhla uthi, “Ungaguquguquki ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakho kwansuku zonke. Lena indlela ephumelela kakhulu ekwenzeni isihlobo ukuba sinake futhi siphawule, ngisho noma singase singakusho lokho.” UHans, owabhapathizwa ngemva kweminyaka engaba ngu-30 umkakhe ebhapathiziwe, uyavumelana naye. “Ukuziphatha kobuKristu okuyisibonelo kubalulekile ukuze isihlobo sibone umphumela omuhle weqiniso ekuphileni kwethu.” Izihlobo zethu kufanele zikwazi ukubona ukuthi ukholo lwethu lusenza sihluke kwabanye ngendlela enhle, hhayi engathandeki noma ecasulayo.

“Ukuziphatha kobuKristu okuyisibonelo kubalulekile ukuze isihlobo sibone umphumela omuhle weqiniso ekuphileni kwethu.”—uHans

Umphostoli uPetru wanikeza lesi seluleko esiyigugu emakhosikazini anabayeni abangakholwa: “Zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile. Futhi ukuhloba kwenu makungabi okokwaluka izinwele kwangaphandle nokokufaka imihlobiso yegolide noma okokugqoka  izingubo zangaphandle, kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya onokuthula nobumnene, ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.”1 Pet. 3:1-4.

UPetru wabhala ukuthi umyeni angase athonywe ukuziphatha okuyisibonelo komkakhe. Ecabanga ngaleso siqondiso somBhalo, udade okuthiwa uChrista ubelokhu ezama ukuthinta inhliziyo yomyeni wakhe ngokuziphatha kwakhe kusukela abhapathizwa ngo-1972. Nakuba umyeni wakhe eseke wafunda iBhayibheli noFakazi, akakalenzi iqiniso libe elakhe. Useke waya emihlanganweni ethile yobuKristu futhi unobungane nabasebandleni, nabo bayalihlonipha ilungelo lakhe lokuzikhethela. UChrista uzama kanjani ukufinyelela inhliziyo yakhe?

“Ngizimisele ukunamathela endleleni uJehova afuna ukuba ngihambe ngayo. Ngesikhathi esifanayo, ngiyazama ukumzuza umyeni wami ‘ngaphandle kwezwi’ ngokuziphatha kwami okuhle. Uma kungekho zimiso zeBhayibheli eziphulwayo, ngenza konke okusemandleni ami ukuba ngivumelane nezifiso zakhe. Yebo, ngiyalihlonipha ilungelo lakhe lokuzikhethela futhi ngishiyela izinto ezandleni zikaJehova.”

UChrista ubonisa ukubaluleka kokuzivumelanisa nezimo. Ulondoloza isimiso esihle esakhayo sezinto ezingokomoya, esihlanganisa ukuya njalo emihlanganweni nokuba nengxenye ezuzisayo enkonzweni yobuKristu. Noma kunjalo, ubonisa ukuqonda, eqaphela ukuthi umyeni wakhe unelungelo lokufuna ukuba ambonise uthando, amnike isikhathi sakhe futhi amnake. Kuwukuhlakanipha nganoma ubani kithi onezihlobo ezingebona oFakazi ukuzivumelanisa nezimo nokuqonda. IBhayibheli liyachaza: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.” Lokhu kuhlanganisa nesikhathi esisichitha namalungu omkhaya, ikakhulukazi abangane bomshado abangebona oFakazi. Isikhathi esisichitha ndawonye siyakuthuthukisa ukukhulumisana. Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi ukukhulumisana okuhle kunciphisa ithuba lokuba bazizwe benesizungu, benganakiwe noma benesikhwele.UmSh. 3:1.

UNGALOKOTHI ULAHLE ITHEMBA

“Kubalulekile ukulibonisa uthando leli lungu lomkhaya nokulithandazela,” kuphawula uHolger, uyise owabhapathizwa ngemva kweminyaka engu-20 sebabhapathizwa bonke ekhaya. UChrista unezela ngokuthi ‘akasoze alilahla ithemba lokuthi umyeni wakhe uyogcina engakuJehova futhi amukele iqiniso.’ Isimo sethu sengqondo ngezihlobo zethu ezingebona oFakazi kufanele sibe sihle ngaso sonke isikhathi, sibonise ukuthi sinethemba ngazo.

Umgomo wethu ukugcina ubuhlobo bethu bubuhle, ukuze sinike izihlobo zethu ithuba lokubona iqiniso futhi izinhliziyo zazo zithinteke ngesigijimi seBhayibheli. Kuzo zonke izinto kufanele siziphathe “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”1 Pet. 3:15.