Dlulela kokuphakathi

 Fundisa Izingane Zakho

Okwenza Ukuba UDavide Angesabi

Okwenza Ukuba UDavide Angesabi

INGABE uke ufikelwe ukwesaba?— * Kwabaningi bethu kuyenzeka ngezikhathi ezithile. Lapho wesaba, yini ongayenza?— Ungacela usizo kothile omkhulu futhi onamandla kunawe. Mhlawambe ubaba noma umama bangakusiza. Singafunda okukhulu kuDavide ngokuphathelene nokuthi singalutholaphi usizo. Wahlabelelela uNkulunkulu: “Mina, ngizokwethembela kuwe. . . . Ithemba lami ngilibeké kuNkulunkulu; ngeke ngesabe.”—IHubo 56:3, 4.

UCabanga ukuthi uDavide wafundiswa ubani ukungesabi? Abazali bakhe?— Akungabazeki ukuthi kunjalo. Uyise, uJese, wayewukhokho othembekile kaJesu Kristu, “iSikhulu Sokuthula” esathenjiswa nguNkulunkulu. (Isaya 9:6; 11:1-3, 10) Uyise kaJese—umkhulu kaDavide—kwakungu-Obede. Kunencwadi yeBhayibheli eqanjwe ngonina ka-Obede. Ingabe uyalazi igama lakhe?— URuthe, owesifazane othembekile umyeni wakhe okwakunguBhowazi.—Ruthe 4:21, 22.

Kuyiqiniso ukuthi uRuthe noBhowazi bafa esikhathini eside ngaphambi kokuzalwa kukaDavide. Mhlawumbe uyalazi igama likanina kaBhowazi, ukhokhokazi kaDavide. Wayehlala eJeriko futhi wasiza ekusindiseni izinhloli ezithile ezingama-Israyeli. Lapho kudilika izindonga zaseJeriko, watholela umkhaya wakubo isivikelo ngokulengisa intambo ebomvu efasiteleni lakhe. Kwakungubani igama lakhe?— URahabi, owaba umkhulekeli kaJehova, futhi oyisibonelo sesibindi amaKristu okufanele asilingise.—Joshuwa 2:1-21; 6:22-25; Hebheru 11:30, 31.

Singaqiniseka ukuthi uyise nonina kaDavide bamfundisa ngazo zonke lezo zinceku zikaJehova ezithembekile ngenxa yokuthi abazali babeyalwa ukuba bafundise izingane zabo izinto ezinjalo. (Duteronomi 6:4-9) Safika isikhathi lapho umprofethi kaNkulunkulu uSamuweli aqondiswa ukuba akhethe uDavide, uthunjana kaJese, ukuba abe yinkosi yakwa-Israyeli.—1 Samuweli 16:4-13.

Ngelinye ilanga, uJese uthuma uDavide ukuba ahambisele abafowabo abadala ukudla, ababelwa nezitha zikaNkulunkulu, amaFilisti. Lapho uDavide efika,  ugijimela ezinhlwini zempi futhi uzwa uGoliyati umdondoshiya edelela “izinhlu zempi kaNkulunkulu ophilayo.” Bonke bayesaba ukwamukela inselele evela kuGoliyati. INkosi uSawule izwa ukuthi uDavide uzimisele ukuyokulwa, ngakho iyambiza. Kodwa lapho uSawule ebona uDavide, uthi: “Ungumfana nje.”

UDavide uchazela uSawule ukuthi useke wabulala ibhubesi nebhere okwakuzama ukudla izimvu zomndeni wakubo. UDavide uthi uGoliyati ‘kufanele afane nokunye kwako.’ USawule uyaphendula: “Hamba, kwangathi uJehova angaba nawe.” UDavide ucosha amatshe amahlanu abushelelezi, awafake esikwameni sakhe sabelusi nendwayimane abese ehamba eyokulwa nomdondoshiya. Lapho uGoliyati ebona kusondela umfana nje uyamemeza: “Sondela nje, inyama yakho ngizoyinika izinyoni.” UDavide uyaphendula: “Mina ngiza kuwe ngegama likaJehova,” abese ememeza: “Ngokuqinisekile ngizokubulala.”

Ngemva kwalokho uDavide ugijimela kuGoliyati, akhiphe itshe esikhwameni sakhe, alifake endwayimaneni, ashaye uGoliyati esiphongweni. Lapho amaFilisti ebona ukuthi umdondoshiya usufile, ashaywa uvalo abaleke. Ama-Israyeli ayawajaha futhi ayinqobe impi. Funda nomkhaya wakini yonke le ndaba kweyoku-1 Samuweli 17:12-54.

Njengosemusha, ngezinye izikhathi ungase wesabe ukulandela imiyalo kaNkulunkulu. UJeremiya wayesemusha futhi ekuqaleni wayesaba, kodwa uNkulunkulu wamtshela: “Ungesabi . . . ngoba ‘nginawe.’” UJeremiya wama isibindi washumayela njengoba uNkulunkulu ayemyalile. NjengoDavide noJeremiya, uma uthembela kuJehova, nawe ungafunda ukuba nesibindi.—Jeremiya 1:6-8.

^ isig. 3 Uma ufunda nezingane, udwi ukukhumbuza ukuba ume ubabuze imibuzo.