Dlulela kokuphakathi

 Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini

UJesu Noyise Bamunye Ngamuphi Umqondo?

UJesu Noyise Bamunye Ngamuphi Umqondo?

UJesu wathi: “Mina noBaba simunye.” (Johane 10:30) Abanye bacaphuna lo mBhalo ukuze bafakazele ukuthi uJesu noYise bayingxenye kaZiqu-zintathu. Ingabe yilokho uJesu ayekuqondile lapho esho la mazwi?

Ake sibheke umongo. Evesini 25, uJesu wathi imisebenzi ayenzayo uyenza egameni likaYise. Kusukela evesini 27 kuya evesini 29, wakhuluma ngezimvu ezingokomfanekiso uYise ayemnike zona. La mazwi ayengeke abe nengqondo ezilalelini zakhe uma ayeqonde ukuthi yena noYise bangumuntu oyedwa. Kunalokho, uJesu wayesho ukuthi, ‘Mina noBaba sisondelene kakhulu kangangokuthi akekho ongangiphuca izimvu, njengoba nje engekho ongaziphuca uBaba.’ Kufana nje nendodana etshela isitha sikayise, ithi, ‘Uma uhlasela ubaba, uhlasela mina.’ Akekho ongaphetha ngokuthi lokhu kusho ukuthi le ndodana noyise bangumuntu oyedwa. Kodwa noma ubani angavele abone ukuthi abeve bezwana.

UJesu noYise, uJehova uNkulunkulu, nabo ‘bamunye’ ngomqondo wokuthi banezinhloso, izinjongo nezimiso ezifanayo. Ngokungafani noSathane uDeveli nombhangqwana wokuqala, u-Adamu no-Eva, uJesu akakaze afune ukuzibusa. Wachaza: “INdodana ayikwazi ukwenza nento eyodwa ngokwayo, kodwa yenza kuphela lokho ebona uYise ekwenza. Ngoba noma yiziphi izinto azenzayo Yena, neNdodana izenza ngendlela efanayo.”—Johane 5:19; 14:10; 17:8.

Nokho, lobu buhlobo obuqinile abenzi kube yinto enzima ukuhlukanisa uJesu noNkulunkulu. Bangabantu ababili abangafani. Ngamunye unobuntu bakhe obuhlukile. UJesu unemizwa yakhe, imicabango, okuhlangenwe nakho nenkululeko yakhe siqu yokuzikhethela. Noma kunjalo, wakhetha ukuzithoba entandweni kaYise. NgokukaLuka 22:42, uJesu wathi: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” La mazwi abengeke abe nengqondo ukube wayengenankululeko yokwenza izinqumo ezihlukile kwezikaYise. Uma uJesu noYise ngempela babengumuntu oyedwa, kungani uJesu athandaza kuNkulunkulu futhi wavuma ngokuthobeka ukuthi kunezinto yena angazazi ezaziwa uYise kuphela?—Mathewu 24:36.

Abantu abaningi abasontayo bakhulekela onkulunkulu okuthiwa balwa namalungu emindeni yabo. Ngokwesibonelo, kunenganekwane yesiGreki ethi uCronus, unkulunkulu wamaGreki wasendulo, walwa noyise u-Uranus, wamhlula, futhi wadla abantwana bakhe siqu. Yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani ebunyeni obusekelwe othandweni lweqiniso phakathi kukaJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu! Lobu bunye benza sibathande kakhulu! Eqinisweni, sinelungelo eliyingqayizivele lokuba sebunyeni nalaba Bantu abaphakeme kuyo yonke indawo. UJesu wathandazela abalandeli bakhe: ‘Ngicela ukuba bonke babe munye, njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, ukuba nabo babe munye nathi.’—Johane 17:20, 21.

Ngakho, lapho uJesu ethi, ‘mina noBaba simunye,’ wayengakhulumi ngoZiqu-zintathu oxakayo, kodwa wayekhuluma ngobunye obumangalisayo—ukusondelana okukhulu phakathi kwabantu ababili.