Dlulela kokuphakathi

 Fundisa Izingane Zakho

UJeremiya Akazange Ayeke

UJeremiya Akazange Ayeke

KUYENZEKA yini uzizwe udumazekile uze udikibale ufise sengathi ungavele uyeke?— * Kwabaningi kuyenzeka. Kwenzeka nakuJeremiya ngesikhathi esemusha. Yize kunjalo, akazange avumele lokho okwakushiwo abanye noma ababekwenza kumbangele ukuba ayeke. Ake sixoxe ngendlela uJeremiya ayeyigugu ngayo kuNkulunkulu, yize naye afikelwa ukuvele ayeke.

Ngaphambi kokuba uJeremiya azalwe, uNkulunkulu weqiniso, uJehova, wamkhetha ukuba abe umprofethi axwayise abantu ngokuthi babengamjabulisi. Uyazi ukuthi uJeremiya wathini kuJehova kamuva lapho esemthuma?— “Empeleni angikwazi ukukhuluma, ngoba ngisewumfana nje.”

Ucabanga ukuthi uJehova wathini kuJeremiya?— Ngendlela enomusa kodwa eqinile wathi: “Ungasho ukuthi, ‘Ngisewumfana nje.’ Kodwa kubo bonke labo engizokuthuma kubo, kufanele uye; futhi konke engizokuyala ngakho, kufanele ukukhulume. Ungesabi.” Kungani kwakungafanele esabe? UJehova wathi: “Nginawe ukuba ngikukhulule.”—Jeremiya 1:4-8.

Nokho, njengoba kuboniswe ngenhla, kamuva uJeremiya wadumazeka. Lokhu kwabangelwa ukuthi abantu babemhleka ngoba ekhonza uNkulunkulu. Wathi: ‘Bonke abantu bangihleka usuku lonke futhi bahlekisa ngami.’ Wabe esenquma ukuyeka. Wathi: “Ngeke ngisakhuluma [ngoJehova], futhi ngeke ngisakhuluma egameni lakhe.” Kodwa ingabe wayeka ngempela?

Wathi: ‘Enhliziyweni yami izwi likaJehova laba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami; futhi ngakhathala ukuzibamba.’ (Jeremiya 20:7-9) Nakuba uJeremiya ayefikelwa ukwesaba ngezinye izikhathi, uthando ayenalo ngoJehova lwamenza ukuba angayeki. Ake sibone ukuthi wavikelwa kanjani ngenxa yokuthi akazange ayeke.

UJehova watshela uJeremiya ukuba axwayise abantu ngokuthi iJerusalema lalizobhujiswa uma babengazishintshi izindlela zabo ezimbi. Lapho uJeremiya exwayisa abantu, bathukuthela bathi: “Lo muntu ufanelwe isahlulelo sokufa.” Nokho, uJeremiya wabanxusa ukuba ‘balalele izwi likaJehova.’  Wabe esethi: ‘Kufanele nazi ukuthi uma ningibulala, niyobe nibulala umuntu ongenacala, nguNkulunkulu ongithume ukuba ngikhulume kini.’ Uyazi yini ukuthi kwabe sekwenzekani?—

IBhayibheli lithi: “Izikhulu nabo bonke abantu bathi kubapristi nakubaprofethi: ‘Lo muntu akafanelwe yisahlulelo sokufa, ngoba ukhulumé nathi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.’” Ngakho-ke, lapho uJeremiya engakuvumeli ukwesaba ukuba kumyekise, uJehova wamvikela. Ake sibone ukuthi kwenzekani ku-Urija, omunye umprofethi kaJehova, owenza ngendlela ehlukile.

IBhayibheli lithi: ‘U-Urija waqhubeka eprofetha amazwi afana nakaJeremiya ngokumelene neJerusalema.’ Kodwa lapho iNkosi uJehoyakimi imthukuthelela, uyazi ukuthi u-Urija wenzani?— Wangenwa amanzi emadolweni, wayeka ukwenza intando kaNkulunkulu futhi wabalekela eGibhithe. Ngakho, inkosi yathumela amadoda ukuba amlande. Lapho esemlandile, uyazi ukuthi le nkosi embi yenzani?— Yambulala ngenkemba!—Jeremiya 26:8-24.

Yini ekwenza uthi uNkulunkulu wavikela uJeremiya, kodwa akamvikelanga u-Urija?— Kungenzeka ukuthi uJeremiya wayesaba njengaye u-Urija, kodwa akazange ayeke ukukhonza uJehova futhi akazange abaleke. Akazange ayeke. Ungathi isiphi isifundo esisifunda esibonelweni sikaJeremiya?— Esokuthi ngezinye izikhathi singase sikuthole kunzima ukwenza lokho uNkulunkulu akushoyo, kodwa kufanele simethembe futhi simlalele ngaso sonke isikhathi.

^ isig. 3 Uma ufunda lesi sihloko nezingane, udwí uyisikhumbuzo sokuba ume ubuze izingane umbuzo.