Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelapha Kodokotela?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelapha Kodokotela?

UJesu wathi “abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” (Mathewu 9:12) Ngala mazwi, wayebonisa ukuthi imiBhalo ayikwenqabeli ukuthola usizo lodokotela. Yingakho oFakazi BakaJehova bekwamukela ngenjabulo ukwelapha kodokotela. Bafuna ukuhlala beyimiqemane futhi baphile isikhathi eside. Empeleni, abanye oFakazi BakaJehova bangodokotela, njengoba kwakunjalo ngomKristu wekhulu lokuqala uLuka.—Kolose 4:14.

Nokho, kunezinhlobo ezithile zokwelapha ezingqubuzana nemithetho yeBhayibheli oFakazi BakaJehova abangazamukeli. Ngokwesibonelo, abakwamukeli ukumpontshelwa igazi ngoba iBhayibheli liyakwenqabela ukudla igazi ukuze usindise ukuphila. (Genesise 9:4; Levitikusi 17:1-14; IzEnzo 15:28, 29) IZwi likaNkulunkulu limelene nanezinqubo zokwelashwa ezihlanganisa ukusetshenziswa “kwamandla angaqondakaliyo,” noma imimoya.—Isaya 1:13; Galathiya 5:19-21.

Izisebenzi eziningi zezempilo zisebenzisa izindlela zokwelapha ezingangqubuzani nemithetho yeBhayibheli. Izindlela zokwelapha oFakazi abaningi abakhetha ukuzamukela zivame ukuba ngcono uma ziqhathaniswa nalezo ezephula imithetho kaNkulunkulu.

Yiqiniso, miningi imibono ekhona ngokuqondene nempilo. Okungase kusize omunye, kungase kungamsizi nhlobo omunye. Yingakho kukuhle ngabantu abagulayo abafuna ukuthola ukuthi baphethwe yini nokuthi leso sifo singelashwa kanjani ukuba bathole imibono yodokotela abahlukahlukene.—IzAga 14:15.

OFakazi abakhethi izindlela zokwelashwa ezifanayo. IZwi likaNkulunkulu livumela umuntu ukuba azinqumele ngonembeza wakhe ukuthi ukhethani uma kungenamthetho weBhayibheli ongase wephulwe. (Roma 14:2-4) Ngakho-ke, umuntu ngamunye kufanele azihlolele ngokwakhe uhlobo lokwelashwa olusikiselwayo futhi aqiniseke ukuthi alungqubuzani nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli.—Galathiya 6:5; Hebheru 5:14.

UFakazi uyobheka isinqumo ngasinye njengomshayeli osondela empambana-mgwaqo ephithizelayo. Uma umshayeli engavele nje alandele izimoto eziphambi kwakhe futhi adlule empambana-gwaqo ngejubane, angase adale ingozi embi. Umshayeli ohlakaniphile wehlisa ijubane, abheke ezinye izimoto ngaphambi kokweqa. Ngokufanayo, oFakazi abaphamazeli lapho benza izinqumo eziphathelene nokwelashwa futhi abalandeli umbimbi. Kunalokho, bahlaziya izindlela abangase bazikhethe futhi bahlole imithetho yeBhayibheli ngaphambi kokwenza isinqumo.

OFakazi BakaJehova bakwazisa kakhulu ukuzikhandla nokuzidela kwalabo abanikeza usizo lwezempilo futhi bayalwamukela usizo lwabo.