INQABAYOKULINDA Okthoba 2013 | Likhuluma Ngani IBhayibheli?

IBhayibheli lisitshela ukuthi saba khona kanjani nokuthi yimaphi amalungiselelo uNkulunkulu awenzile okukhulula abantu ngoMesiya.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Kungani Kufanele Uthande Ukufunda IBhayibheli?

IBhayibheli aligcini nje ngokuthi liyincwadi ekhuluma ngoNkulunkulu kodwa lithi liyincwadi evela kuye. Yini ongayifunda kulo?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Saba Khona Kanjani?

Ngendlela elula, ngamagama ambalwa, uGenesise, incwadi yokuqala yeBhayibheli uchaza ukuthi imbulunga yonke yavelaphi. Yini enye esingayifunda kuGenesise?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

UNkulunkulu Ulungiselela Ukukhulula Abantu

UMesiya uhileleke kanjani esithembisweni uNkulunkulu asenza ku-Abrahama? Thola indlela uNkulunkulu ayokhulula ngayo abantu ekuguleni, ekuhluphekeni nasekufeni.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

“Simtholile UMesiya”!

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe. Abanye abakukholelwa lokho. Hlola lokho okushiwo iBhayibheli.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Izindaba Ezihle Zabo Bonke Abantu

Umyalezo otholakala eBhayibheli ovela kuNkulunkulu oya kubo bonke abantu ungakuzuzisa kanjani manje nasesikhathini esizayo?

Ukuqhubeka Nokuphila Ngemva Kwedivosi

Cishe bonke abadivosayo bathola ukuthi ukuphila kuba nzima kakhulu kunalokho abebekulindele. Iseluleko seBhayibheli esisebenzayo singakusiza ubhekane ngokuphumelelayo nedivosi.

SONDELA KUNKULUNKULU

‘UJehova Wanithethelela Ngokukhululekile’

Ngokuzithandela uNkulunkulu uthethelela izoni eziphendukayo. Lokhu kufanele kuyithinte kanjani indlela esiphatha ngayo abanye? Kungani ukuthethelela kubaluleke kangaka?

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Abantu Abaningi Babengizonda”

Thola indlela ukutadisha iBhayibheli okusize ngayo indoda eyayinobudlova ukuba ibe nokuthula.

Ukuthinta Kanjani Umbala?

Imibala ingathinta imizwelo yabantu. Hlola imibala emithathu ubone indlela ekuthinta ngayo.

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Yiliphi ithemba ngabafileyo? Ingabe bangaphinde baphile?

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Kungani OFakazi BakaJehova Beshumayela Endlini Ngendlu?

Funda lokho uJesu atshela abafundi bakhe bokuqala ukuba bakwenze.