Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LIKHULUMA NGANI IBHAYIBHELI?

Izindaba Ezihle Zabo Bonke Abantu

Izindaba Ezihle Zabo Bonke Abantu

Ukuvuswa kukaJesu kwenza abafundi bakhe baqiniseka futhi baba nentshiseko. Umphostoli uPawulu wahamba lonke elase-Asia Minor naseMedithera, ehlela amabandla futhi eqinisa amaKristu ukuba ame eqinile lapho ebhekene nezingcindezi ngokokuziphatha nokuphikiswa okunobudlova. Naphezu kwezinselele ezinjalo, abaningi baba amaKristu.

UPawulu naye waboshwa. Ngisho noma ayesejele wabhalela amabandla amaKristu izincwadi zokuwakhuthaza nokuweluleka. Waxwayisa ngosongo olukhulu ngisho nakakhulu—ukuhlubuka. Eqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu, uPawulu wabona kusengaphambili ukuthi “izimpisi ezicindezelayo” ezikhuluma “izinto ezisontekile” zaziyongena phakathi kwabo futhi ‘zimonyule abafundi ukuba bazilandele.’—IzEnzo 20:29, 30.

Ekupheleni kwekhulu lokuqala, lokhu kuhlubuka kwase kuqalile. Cishe ngaleso sikhathi uJesu ovusiwe wanika umphostoli uJohane isAmbulo, umbono ongokomfanekiso wesikhathi esizayo. Njengoba uJohane abhala, abekho abaphikisi noma abafundisi bamanga abangavimbela uNkulunkulu ukuba ayifeze ngokuphelele injongo yakhe ngomhlaba nabantu. “Zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu” ziyokuzwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (IsAmbulo 14:6) IPharadesi liyobuyiselwa emhlabeni futhi noma ubani ofisa ukwenza intando kaNkulunkulu angaphila kulo!

Ingabe lokhu kuzwakala ‘kuyizindaba ezinhle’ kuwe? Uma kunjalo, funda okwengeziwe eBhayibhelini ngalokho okushiwo uNkulunkulu ngabantu, ufunde nangendlela okungakuzuzisa ngayo namuhla nasesikhathini esizayo.

Ungazifundela iBhayibheli engosini ethi www.pr418.com/zu. Kule ngosi ungafunda nezincwajana ezithi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? nethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!, incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? kanye nezinye izincwadi ezikhuluma ngokuthi kungani singalethemba iBhayibheli nokuthi singasisebenzisa kanjani iseluleko salo esiwusizo emindenini yethu nasekuphileni kwethu komuntu siqu. Noma khuluma noFakazi BakaJehova ukuze uthole amaphuzu engeziwe.

Isekelwe encwadini yezEnzo, yabase-Efesu, yabaseFilipi, yabaseKolose, kaFilemoni, eyoku-1 Johane neyesAmbulo.