Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

“Bheka! Ngenza Konke Kube Kusha”

“Bheka! Ngenza Konke Kube Kusha”

Uyafisa yini ukuba umqemane futhi uphile isikhathi eside nomndeni wakho? Uyakulangazelela yini ukuphila emhlabeni ongenabo ubuhlungu, ukuhlupheka nokufa? Umhlaba onjalo awulona iphupho. Empeleni, maduze nje umhlaba omusha onokulunga uzoba yinto engokoqobo, ngoba yilokho uJehova uNkulunkulu akuhlosile. Phawula ukuthi le njongo iyogcwaliseka kanjani njengoba ichazwe kusAmbulo 21:3-5.—Funda.

“[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo.” (IsAmbulo 21:4) Hlobo luni lwezinyembezi ayozesula? Akuzona izinyembezi zenjabulo noma izinyembezi eziphuma lapho sixhoshiwe. Isithembiso sikaNkulunkulu sikhuluma ngezinyembezi ezibangelwa ukuhlupheka nosizi. UNkulunkulu ngeke amane nje azesule isikhashana; uyozesula unomphelo ngokususa izimbangela zalezo zinyembezi ezingafuneki—ukuhlupheka nosizi.

“Ukufa ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Kukhona yini okubangele izinyembezi ezingafuneki ukwedlula isitha esiwukufa? UJehova uyokhulula abantu abalalelayo kulo noxhaka owukufa. Kanjani? Ngokususa imbangela yangempela yokufa: isono esasizuza njengefa ku-Adamu. (Roma 5:12) UJehova uzokwenza abantu abalungileyo baphelele ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu. * Khona-ke, ukufa, isitha sokugcina, “kuzokwenziwa ize.” (1 Korinte 15:26) Abantu abathembekile bayokwazi ukuphila ngendlela uNkulunkulu ayehlose ukuba baphile ngayo—phakade futhi benempilo ephelele.

“Noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Uhlobo olunjani lobuhlungu olungeke lusaba khona? Bonke ubuhlungu obusengqondweni, obungokomzwelo nobusemzimbeni obuye babangelwa yisono nokungapheleli osebuhluphe izigidigidi zabantu buyophela.

Maduze nje, ukuphila okungenazinyembezi, ukufa nobuhlungu kuzoba yinto engokoqobo. Kodwa ungase ubuze, ‘Kuphi?’ ‘Ingabe mhlawumbe lesi sithembiso sikaNkulunkulu sikhuluma ngokuphila ezulwini?’ Cha. Nakhu okwenza kungabi njalo. Okokuqala, lesi sithembiso siqala ngala mazwi “itende likaNkulunkulu likanye nabantu,” abantu bahlala emhlabeni. (IsAmbulo 21:3) Okwesibili, lesi sithembiso sikhuluma ngomhlaba lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona’—umhlaba oyoba nabantu abangafi. Akukaze kube khona ukufa ezulwini, kodwa sekuyisikhathi eside kukhona lapha emhlabeni. Khona-ke, kusobala ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu sokuphila okungcono siyogcwaliseka khona lapha emhlabeni.

UNkulunkulu uyosula amathantala ezinyembezi abangelwe ukuhlupheka nosizi

UJehova ufuna sisikholelwe isithembiso sakhe somhlaba omusha onokulunga. Ngemva nje kokuchaza izibusiso ezizayo, ube eseqinisekisa isithembiso sakhe ngokuba athi: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.” Ube esenezela: “La mazwi athembekile ayiqiniso.” (IsAmbulo 21:5) Ucelwa ukuba ufunde okwengeziwe mayelana nokuthi yini wena kanye nabathandekayo bakho eningayenza ukuze nibe phakathi kwabakhulekeli abajabulayo abayobona isithembiso sikaNkulunkulu esimangalisayo siba ngokoqobo?

^ isig. 5 Ukuze ufunde okwengeziwe ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.