Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UMBUSO KANKULUNKULU—UNGAKUZUZISA KANJANI?

UMbuso KaNkulunkulu—Okuwenza Ubaluleke KuJesu

UMbuso KaNkulunkulu—Okuwenza Ubaluleke KuJesu

Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wakhuluma ngezihloko eziningi. Ngokwesibonelo, wafundisa abalandeli bakhe indlela yokuthandaza, indlela yokujabulisa uNkulunkulu nendlela yokuthola injabulo yangempela. (Mathewu 6:5-13; Marku 12:17; Luka 11:28) Kodwa isihloko uJesu akhuluma ngaso kakhulu kunezinye—isihloko ayesithanda kakhulu—uMbuso kaNkulunkulu.Luka 6:45.

Njengoba kuphawuliwe esihlokweni esandulele, uJesu wagxilisa ukuphila kwakhe ‘ekushumayeleni nasekumemezeleni izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.’ (Luka 8:1) Wazikhandla, ehamba amakhulu amakhilomitha kulo lonke izwe lakwa-Israyeli ukuze afundise abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. Inkonzo kaJesu yalotshwa emaVangelini amane akhuluma ngoMbuso izikhathi ezingaphezu kweziyikhulu. Kula maVangeli, uJesu owakhuluma kakhulu ngoMbuso, noma kunjalo lokho okulotshwe kuwo kuncane kakhulu uma kuqhathaniswa nakho konke akusho ngoMbuso kaNkulunkulu!Johane 21:25.

Kungani uMbuso kaNkulunkulu wawubaluleke kangaka kuJesu ngesikhathi esemhlabeni? Kungenxa yokuthi uJesu wayazi ukuthi uNkulunkulu wayemkhethile ukuba abe uMbusi wawo. (Isaya 9:6; Luka 22:28-30) Kodwa uJesu wayengagxilile ekuzitholeleni amandla noma udumo. (Mathewu 11:29; Marku 10:17, 18) Akazange amemezele ngoMbuso ukuze kuzuze yena. Ngokuyinhloko, okwenza uMbuso kaNkulunkulu wabaluleka kuJesu nokuwenza ubaluleke kuye namanje * yilokho ozokwenzela labo abathandayo—uYise osezulwini nabalandeli bakhe abathembekile.

LOKHO UMBUSO OYOKWENZELA UYISE

UJesu umthanda ngokujulile uYise wasezulwini. (IzAga 8:30; Johane 14:31) Uyazazisa izimfanelo zikaYise ezithandekayo, njengothando lwaKhe, isihe saKhe nobulungisa baKhe. (Duteronomi 32:4; Isaya 49:15; 1 Johane 4:8) Ngokuqinisekile, kumelwe ukuba kuyamthukuthelisa uJesu ukuzwa kusakazwa amanga ngoYise—amanga anjengokuthi uNkulunkulu akanandaba nokuhlupheka kwabantu nokuthi uNkulunkulu ufuna sihlupheke. Lesi esinye sezizathu esenza uJesu walangazelela ukumemezela “izindaba ezinhle zombuso”—wayazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi lo Mbuso uyohlanza igama likaYise. (Mathewu 4:23; 6:9, 10) Uyokwenza kanjani lokho?

Ngalo Mbuso, uJehova uyokwenza izinguquko ezinkulu eziyozuzisa bonke abantu. “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni” abantu abathembekile. UJehova uyoqeda izimbangela zalezo zinyembezi, eqinisekisa ukuthi “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:3, 4) NgoMbuso wakhe, uNkulunkulu uyoqeda konke ukuhlupheka kwabantu. *

 Akusimangazi-ke ukuthi kungani uJesu ayekushisekela kangaka ukutshela abanye ngalo Mbuso! Wayazi ukuthi uyokwembula indlela uYise anamandla nesihe ngayo. (Jakobe 5:11) UJesu wayazi nokuthi uMbuso uyozuzisa nabanye abantu abathandayo—abantu abathembekile.

LOKHO UMBUSO OYOKWENZELA ABANTU ABATHEMBEKILE

Esikhathini eside ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, wayehlala ezulwini noYise. UJehova wasebenzisa iNdodana yakhe ekudaleni zonke izinto—amazulu, izinkanyezi eziningi nemithala eminingi, iplanethi yethu enhle kanye nezinto eziphilayo ezikuyo. (Kolose 1:15, 16) Nokho, kuzo zonke lezi zinto uJesu ‘wayethanda’ kakhulu abantu.IzAga 8:31.

Inkonzo kaJesu yayishukunyiswa uthando ayenalo ngabantu. Kusukela ekuqaleni, wakwenza kwacaca ukuthi weza emhlabeni ukuze amemezele “izindaba ezinhle” kulabo abaswele. (Luka 4:18) Nokho, uJesu akagcinanga ngokukhuluma ngokusiza abantu kuphela. Wayehlale ebonisa ngezenzo ukuthi uyabathanda abantu. Ngokwesibonelo, lapho isixuku esikhulu sihlangene ukuze simlalele, uJesu “wafikelwa isihawu ngaso, welapha abagulayo kuso.” (Mathewu 14:14) Lapho indoda eyayinesifo esibuhlungu ibonisa ukuthi iyakholelwa ukuthi uJesu angayelapha uma efuna ngempela, uJesu washukunyiswa uthando. Wayelapha le ndoda, ngesihe wathi kuyo: “Ngiyathanda. Hlambuluka.” (Luka 5:12, 13) Lapho uJesu ebona umngane wakhe uMariya elilela umfowabo owayefile, uLazaru, uJesu “wabubula emoyeni futhi wakhathazeka” waze “wakhala izinyembezi.” (Johane 11:32-36) Wabe esenza into emangalisayo—uJesu wavusa uLazaru nakuba kwase kuphele izinsuku ezine efile!Johane 11:38-44.

Kuyiqiniso ukuthi uJesu wayazi ukuthi usizo ayelunikeza ngaleso sikhathi kwakungolwesikhashana. Wayazi ukuthi kungekudala, bonke labo abelapha babezophinde bagule nokuthi labo abavusa babezophinde bafe. Nokho, uJesu wayazi nokuthi uMbuso kaNkulunkulu uzoziqeda ngokuphelele izinkinga ezinjalo. Ngakho akagcinanga ngokwenza izimangaliso, kodwa waphinde wamemezela ngentshiseko “izindaba ezinhle zombuso.” (Matthew 9:35) Izimangaliso zakhe zanikeza amazwibela alokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenza maduzane emhlabeni wonke. Cabanga ngalokho iBhayibheli elikuthembisayo ngokuphathelene naleso sikhathi.

  •  Kuyophela izinkinga zempilo.

    “Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.” “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ ”Isaya 33:24; 35:5, 6.

  • Kuyophela ukufa.

    “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” IHubo 37:29.

    “Uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”Isaya 25:8.

  • Abafile bayovuka.

    “Bonke abasemathuneni [bayokhunjulwa] futhi bayolizwa izwi layo baphume.” Johane 5:28, 29.

    “Kuyoba khona uvuko.”IzEnzo 24:15.

  • Kuyophela ukungabi namakhaya noma ukuntuleka kwemisebenzi.

    “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. . . . Nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.” Isaya 65:21, 22.

  •  Kuyophela izimpi.

    “Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.”IHubo 46:9.

    “Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.”Isaya 2:4.

  • Kuyophela indlala.

    “Umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.”IHubo 67:6.

    “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”IHubo 72:16.

  • Kuyophela ubumpofu.

    “Ompofu ngeke alibaleke ngaso sonke isikhathi.”IHubo 9:18.

    “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.”IHubo 72:12, 13.

Njengoba ucabanga ngalezo zithembiso mayelana noMbuso kaNkulunkulu, uyabona yini ukuthi kungani uMbuso ubaluleke kangaka kuJesu? Ngesikhathi esemhlabeni, wayekushisekela ukukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu kunoma ubani owayelalela ngoba wayazi ukuthi uMbuso uzoqeda zonke izinkinga ezicindezelayo esizibona namuhla.

Ingabe ziyakukhanga izithembiso zeBhayibheli ngokuphathelene noMbuso? Uma kunjalo ungakuthola kanjani ukwaziswa okwengeziwe ngalowo Mbuso? Yini ongayenza ukuze uqiniseke ngokuthi uyozuza ezibusisweni zawo? Isihloko sokugcina salolu chungechunge sizophendula le mibuzo.

^ isig. 5 Lapho sikhuluma ngemizwa kaJesu, lesi sihloko sibhekisela enkathini yamanje ngenxa yokuthi uyaphila ezulwini, futhi selokhu abuyela ezulwini lo Mbuso usabalulekile kuye.Luka 24:51.

^ isig. 8 Ukuze uthole ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ukuba abantu bahlupheke okwesikhashana, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.