Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UMBUSO KANKULUNKULU—UNGAKUZUZISA KANJANI?

Kungani UMbuso KaNkulunkulu Ubalulekile Kithi?

Kungani UMbuso KaNkulunkulu Ubalulekile Kithi?

Izigidi zabantu emhlabeni wonke zibeka amathemba azo eMbusweni kaNkulunkulu. Zilandela isibonelo esabekwa uJesu, owafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze bathi: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni.”Mathewu 6:10, IBhayibheli LesiZulu Elivamile.

Nokho, kuyamangaza ukuthi nakuba abantu abaningi befisa ukwazi ngoMbuso kaNkulunkulu, izinkolo eziningi azikhulumi ngawo. Mayelana nalokhu, isazi-mlando u-H. G. Wells sakhuluma ngokuphawuleka kwendlela uJesu agcizelela ngayo “ngokuyinhloko . . . imfundiso ayibiza ngokuthi uMbuso Wamazulu,” kodwa noma kunjalo, le mfundiso “ayibalulekile kangako emasontweni amaningi obuKristu.”

Ngokungafani nalawo masonto, oFakazi BakaJehova ngokuyinhloko bakhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. Cabanga ngalokhu: Umagazini wethu oyinhloko, owufundayo njengamanje, unyatheliswa ngezilimi ezingu-220. Kunyatheliswa amakhophi angaba ngu-46 000 000 kamagazini ngamunye, okuwenza ube umagazini osakazwa kakhulu kunabo bonke emhlabeni. Ukhuluma ngani ngokuyinhloko lo magazini? Isihloko sawo esiphelele sithi: INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova.  *

Kungani oFakazi BakaJehova bezikhandla kangaka ukuze bamemezele uMbuso kaNkulunkulu? Ngenxa yokuthi sikholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ungumyalezo oyinhloko wencwadi ebaluleke kakhulu emhlabeni—iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, siyaqiniseka ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi lezinkinga zabantu namuhla.

Ngokumemezela uMbuso kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova bazama ukulandela isibonelo sikaJesu. Ngesikhathi esemhlabeni, wenza uMbuso kaNkulunkulu waba into ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe nasenkonzweni yakhe. (Luka 4:43) Kungani lo Mbuso wawubaluleke kangaka kuJesu? Wena ungakuzuzisa kanjani? Sicela ukuba uhlole izimpendulo zeBhayibheli okuzoxoxwa ngazo ezihlokweni ezilandelayo.

^ isig. 5 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.