Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | BANGOBANI OFAKAZI BAKAJEHOVA?

Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16) Sisebenzisa iBhayibheli njengesiqondiso esiwusizo ukuze sifunde ngoMdali futhi siphile ukuphila okunenjongo.

IBhayibheli lithi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Ngakho, sikhulekela uJehova uNkulunkulu kuphela futhi njengofakazi bakhe silwela ukwenza igama lakhe laziwe.​—⁠Isaya 43:​10-12.

NjengamaKristu, sikholelwa ukuthi uJesu, “iNdodana kaNkulunkulu,” * weza emhlabeni futhi waba uMesiya. (Johane 1:​34, 41; 4:​25, 26) Ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuselwa ezulwini. (1 Korinte 15:​3, 4) Kamuva waba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. (IsAmbulo 11:15) Lowo Mbuso unguhulumeni ongokoqobo oyobuyisela iPharadesi emhlabeni. (Daniyeli 2:44) IBhayibheli lithi: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”​—⁠IHubo 37:​11, 29.

“Lapho befunda iBhayibheli, bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nabo. Noma nini lapho kuvela izinkinga ekuphileni kwabo, bathatha iZwi likaNkulunkulu bacwaninge ukuze bathole izixazululo. . . . Kubo iZwi likaNkulunkulu lisaphila.”​—Umfundisi wamaKatolika uBenjamin Cherayath, ephephandabeni laseJalimane i-Münsterländische Volkszeitung

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi izimiso zeBhayibheli zingabazuzisa abantu ngisho nanamuhla. (Isaya 48:​17, 18) Ngakho, senza konke okusemandleni ukuze siphile ngalezo zimiso. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi iBhayibheli lisixwayisa ukuba sigweme izinto ezingcolisa imizimba nezingqondo zethu, asibhemi noma sisebenzise kabi izidakamizwa. (2 Korinte 7:⁠1) Sigwema nezenzo ezenqatshwa iBhayibheli ngokuqondile njengokudakwa, ukuziphatha kabi ngokobulili nokweba.​—1 Korinte 6:9-11.

^ isig. 5 IBhayibheli libuye libize uJesu ngokuthi ‘iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa’ ngoba uyizibulo lendalo futhi uwukuphela kwendalo uNkulunkulu ayidala ngokuqondile.​—⁠Johane 3:18; Kolose 1:​13-15.