Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ukuthola Okungcono Kakhulu Kunobukhazikhazi

Ukuthola Okungcono Kakhulu Kunobukhazikhazi

Ngobunye ubusuku ngo-1984, ngayeka ukuba intombazane evamile, ngaba usaziwayo. Ngaklonyeliswa ngesicoco sika-Miss Hong Kong. Isithombe sami sasisemakhasini okuqala omagazini namaphephandaba. Ngangicula, ngidansa, ngibeka izinkulumo, ngethula izinhlelo zethelevishini, ngigqoka izingubo ezinhle futhi ngihamba nabantu ababalulekile njengomholi waseHong Kong.

Ngonyaka olandelayo ngaqala ukuba umlingiswa kumafilimu futhi ngokuvamile ngangiba umlingiswa ophambili. Abezindaba babefuna ukubhala ngami, abathwebuli babefuna ukungithatha izithombe, abantu babefuna ukungibona lapho kukhangiswa ifilimu entsha, lapho kuvulwa isakhiwo esisha, lapho ngidla emini nalapho ngidla kusihlwa. Abantu babehlale befuna ukwazi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwami.

Efilimini enobudlova

Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi konke lokhu kwakungakhangi ngendlela engangiyicabanga. Iningi lamafilimu engangiwumlingiswa kuwo ayenobudlova futhi kwakuyingozi ukusebenza kuwo. Abalingiswa eHong Kong babezenza ngokwabo izinto eziyingozi emafilimini, njengokweqa imoto ngesithuthu, ngokungafani nabalingiswa baseHollywood, ngakho nami ngangikwenza ngokwami lokho. Amafilimu amaningi engangiwumlingiswa kuwo ayenokuziphatha okubi futhi enobudlova. Amanye ayebonisa ukusebenzelana namademoni.

Ngo-1995 ngashada nomqondisi wamafilimu. Nakuba kwakubonakala sengathi nginakho konke okungenza ngijabule​—ubukhazikhazi, ingcebo nomyeni ongithandayo​—ngangicindezelekile futhi ngilusizi. Nganquma ukuyeka ukuba umlingiswa.

UKUKHUMBULA UKHOLO ENGANGINALO NGISAKHULA

Ngaqala ukukhumbula ukholo enganginalo ngesikhathi ngiseyintombazanyana. Njalo ngoMgqibelo udadewethu wayevakashela umndeni woFakazi BakaJehova. Ubaba wakulowo mndeni, uJoe McGrath, wayefunda iBhayibheli nathi kanye namadodakazi akhe amathathu. Ikhaya labo lalifudumele linothando futhi “uBab’ uJoe” wayephatha umkakhe nezingane zakhe ngenhlonipho. Ngangikujabulela nokuya nabo emihlanganweni yabo yobuKristu. Ngezinye izikhathi sasiya emihlanganweni emikhulu. Lezo kwakuyizikhathi ezijabulisayo. Lapho nginoFakazi ngangizizwa ngiphephile.

Ngokuphambene nalokho, ekhaya kwakwenzeka izinto ezimbi kimi. Indlela kababa yokuphila yayiyimbangela yosizi olukhulu kumama futhi wacindezeleka kakhulu. Lapho ngineminyaka eyishumi, umama wayeka ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova. Nakuba ngangingasamkhonzi ngenhliziyo ephelele uNkulunkulu, ngaqhubeka futhi ngabhapathizwa ngineminyaka engu-17. Kodwa ngokushesha ngemva kwalokho ngayeka ukuba ingxenye yebandla.

NGANQUMA UKUBUYELA

Ngemva nje kokushada, ababonisi ababili abavela ebandleni loFakazi BakaJehova bangivakashela. Bangichazela ukuthi ngingabuyela kuJehova uNkulunkulu futhi bahlela ukuba uCindy oyisithunywa sevangeli angisize. Ngaleso sikhathi, ngangingasenalo ukholo, ngakho ngamcela ukuba anginikeze ubufakazi bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ngempela. Wangibonisa izibonelo zeziprofetho zeBhayibheli eziye zagcwaliseka. Kancane kancane, saba abangane abakhulu futhi wacela ukungifundisa izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Ngavuma. Okokuqala ngqa, ngaqonda ukuthi uJehova unguNkulunkulu wothando ofuna ngijabule.

Lapho ngiphinda ngiya emihlanganweni yobuKristu, ngathola ukuthi ngiyakujabulela kakhulu ukuba phakathi koFakazi kunokuba phakathi kwabantu abasebenza emafilimini. Kodwa indlela engikhule ngayo ingenze ngakuthola kunzima ukwethemba abantu futhi ngangingazithandi. Ilungu lebandla langisiza lapho lingibonisa eBhayibhelini indlela yokubhekana nalezo zinkinga ezingokomzwelo futhi ngafunda nokwakha ubungane beqiniso.

INTO ENGCONO KAKHULU KUNOBUKHAZIKHAZI BALELI ZWE

Ngo-1997, mina nomyeni wami sathuthela eHollywood, eCalifornia, e-U.S.A. Ngafika lapho ngaba matasa ngokusiza abantu ukuba bazuze ekuhlakanipheni kweZwi likaNkulunkulu. Ukufundisa ngeBhayibheli kunginike ukwaneliseka okubudlula kude le ubukhazikhazi bokuba umlingiswa emafilimini. Ngokwesibonelo ngo-2002 ngahlangana noCheri, owayengumngane wami eHong Kong. Ngezindlela eziningi ukuphila kwethu kuthi akufane. Waklonyeliswa ngesicoco sika-Miss Hong Kong kuqala kunami. Empeleni lapho ngiphumelela lo mqhudelwano, nguye owangifaka isicoco. Naye waba umlingiswa, kamuva waba umqondisi wamafilimu esebenza nabaqondisi abadumile. Naye wathuthela eHollywood.

Inhliziyo yami yaba buhlungu lapho ngizwa ukuthi umuntu ayezoshada naye umelwe yinhliziyo. Inkolo yobuBuddha ayizange imduduze uCheri. Njengami, wayebutholile ubukhazikhathi obabufiswa abantu, kodwa wayelusizi futhi engathembi muntu. Ngaqala ukumchazela lokho engangikufunde eBhayibhelini, kodwa kwakunzima ukuba aqonde engangikusho ngenxa yokukholelwa kwakhe kuBuddha.

Umngane wami uCheri, kuqoshwa ifilimu

Ngolunye usuku ngo-2003, uCheri wangithinta ngocingo eseVancouver, eCanada, lapho ayeqopha khona ifilimu. Ejabule, wangitshela ukuthi ubeshayela ebuka izwe lapho kungazelelwe eqala ukuthandaza ngokuzwakalayo: “Ngitshele, Ubani uNkulunkulu weqiniso? Ubani igama lakho?” Ngaso leso sikhathi wadlula ngaseHholo LoMbuso futhi wabona igama elithi Jehova. Waba nomuzwa wokuthi leyo kwakuyimpendulo evela kuNkulunkulu futhi wafuna ukuhlangana noFakazi BakaJehova ngokushesha. Ngenza amalungiselelo futhi ngemva kwezinsuku ezimbalwa waya emhlangaweni webandla lesiShayina eVancouver.

Kamuva uCheri wathi kimi: “Laba bantu bangithanda ngempela. Ngiyakwazi ukubachazela indlela engizizwa ngayo.” Kwangijabulisa ukuzwa lokho ngoba ngesikhathi uCheri esebenza emafilimini, wayengenabo abangane. UCheri waqhubeka eya emihlanganweni yebandla. Kodwa ngo-2005 wathola umsebenzi wokuqondisa amafilimu amabili amakhulu eShayina, okwabangela ukuba abuyele eHong Kong. Ngokujabulisayo ngo-2006 uCheri wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wabhapathizwa waba uFakazi emhlanganweni eHong Kong. Nakuba ayefuna ukukhonza uJehova ngokugcwele, umsebenzi wakhe wamafilimu wenza kwaba nzima ukumkhonza ngokugcwele futhi lokho kwakumdumaza kakhulu.

INJABULO YOKUSIZA ABANYE

Ngo-2009, ukuphila kukaCheri kwashintsha. Wanquma ukuyeka ukwenza amafilimu ukuze akhonze uJehova ngokugcwele. Wathola abangane abasha ebandleni lobuKristu. Waqala ukushumayela izindaba ezinhle ngoMbuso njesikhonzi sesikhathi esigcwele futhi uyakujabulela ngempela ukusiza abanye ukuba bathole indlela engcono yokuphila.​Mathewu 24:14.

Ngemva kwalokho, uCheri wanquma ukufunda isiNepalese ukuze asekele iqembu elikhulayo loFakazi abakhuluma isiNapalese eHong Kong. Mangisho ukuthi abantu abaningi abakhuluma isiNapalese eHong Kong abanakwa noma babukelwa phansi ngoba abasazi kahle isiNgisi nesiShayina futhi amasiko abo ahlukile. UCheri wangitshela ukuthi ukujabulela kakhulu ukusiza laba bantu baqonde iBhayibheli. Ngokwesibonelo, lapho eshumayela endlini ngendlu, wahlangana nowesifazane okhuluma isiNepalese owayazi okuncane ngoJesu kodwa engazi lutho ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova. UCheri wasebenzisa iBhayibheli ukuze ambonise ukuthi uJesu wathandaza kuYise osezulwini. Lapho lona wesifazane eqaphela ukuthi angakwazi ukuthandaza kuNkulunkulu weqiniso, ogama lakhe linguJehova, wazamukela izindaba ezihle. Ngokushesha umyeni nendodakazi yakhe baqala ukufunda iBhayibheli.​—IHubo 83:18; Luka 22:​41, 42.

UCheri namuhla

Lapho ngibona indlela uCheri ayekujabulela ngayo ukushumayela njengesikhonzi sesikhathi esigcwele, ngazibuza ukuthi, ‘Yini engibambile mina?’ Ngaleso sikhathi nami ngase ngihlala eHong Kong. Nganquma ukuhlela ukuphila kwami ukuze ngihlanganyele ngokugcwele ekufundiseni iqiniso leBhayibheli. Ngithole ukuthi ukulalela abantu nokubasiza baqonde iZwi likaNkulunkulu kungenza ngijabule ngempela.

Ngithole ukuthi ukusiza abantu ukuba baqonde iZwi likaNkulunkulu kungenza ngijabule ngempela

Ngokwesibonelo, ngiye ngafunda iBhayibheli nowesifazane waseVietnam owayehlale edabukile futhi evame ukuhlengezela izinyembezi. Manje unombono omuhle ngokuphila futhi ukujabulela ngempela ukuzihlanganisa nebandla.

Mina noCheri siye sathola into engcono kakhulu kunobukhazikhazi baleli zwe. Nakuba ukwenza amafilimu kwakumnandi futhi kusilethela udumo, ukufundisa abantu ngoJehova uNkulunkulu kwanelisa kakhulu ngoba kudumisa Yena. Ngokuqinisekile siye sakubona ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”​—IzEnzo 20:35.