Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Usola UNkulunkulu?

Ingabe Usola UNkulunkulu?

“KUNGANI LOKHU KWENZEKE KIMI? Kungani uNkulunkulu evumele ukuba lokhu kwenzeke kimi?” Lena yimibuzo eyayikhathaza uSidnei waseBrazil oneminyaka engu-24. Ngemva kokulimala endaweni yokushibilika, wakhubazeka wasebenzisa isihlalo sabakhubazekile.

Ukuhlupheka okubangelwa yingozi, ukugula, ukufa kothandekayo, inhlekelele yemvelo noma impi kungenza abantu basole uNkulunkulu. Lokhu akuyona into entsha. UJobe, inzalamizi yasendulo, wabhekana nezinsizi eziningi. Ngephutha wasola uNkulunkulu lapho ethi: “Ngikhala kuwe ngicela usizo, kodwa awungiphenduli; ngimile, ukuze unginake. Uyazishintsha ukuze ube nesihluku kimi; ngamandla aphelele esandla sakho ufukamela inzondo ngami.”​—Jobe 30:​20, 21.

UJobe wayengazi ukuthi ubani obangela ukuhlupheka kwakhe, ukuthi kungani kuhlupheka yena nokuthi kungani uNkulunkulu ekuvumela. Ngokujabulisayo iBhayibheli liyasichazela ukuthi kungani izenzakalo ezinjalo zenzeka nokuthi yini okumelwe thina siyenze.

INGABE UNKULUNKULU WAYEHLOSE UKUBA ABANTU BAHLUPHEKE?

Ngokuphathelene noNkulunkulu iBhayibheli lithi: “Uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) Ngenxa yalokho kuyinto engacabangeki ukuba uNkulunkulu ‘olungile noqotho’ abangele ukuba abantu bahlupheke noma asebenzise izinhlekelele ukuze abajezise noma abahlanze.

Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli lisitshela lokhu: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Empeleni, eBhayibhelini sifunda ukuthi uNkulunkulu wanikeza abantu isiqalo esisha. Wanika abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, ikhaya elihle, zonke izinto abazidingayo ukuze basekele ukuphila kanye nomsebenzi owanelisayo. UNkulunkulu wathi kubo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.” Ngokuqinisekile u-Adamu no-Eva babengenaso isizathu sokusola uNkulunkulu.​—Genesise 1:28.

Kodwa namuhla, izimo zokuphila zimbi kakhulu. Empeleni, kuwo wonke umlando, abantu bebelokhu bebhekana nobunzima obukhulu. Yingakho la mazwi eyiqiniso: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22) Yini ebangele konke lokhu?

KUNGANI KUNOKUHLUPHEKA?

Ukuze siqonde ukuthi kungani kunokuhlupheka, kufanele sithole ukuthi kwaqala kanjani. Bethonywe ingelosi ehlubukile, kamuva eyabizwa ngokuthi uSathane uDeveli, u-Adamu no-Eva benqaba izindinganiso zikaNkulunkulu zokulungile nokungalungile njengoba zazimelelwa umyalo wokungadli ‘emthini wolwazi lokuhle nokubi.’ UDeveli watshela u-Eva ukuthi babengeke bafe uma benqaba ukulalela uNkulunkulu, ngaleyo ndlela esola uNkulunkulu ngokuba umqambimanga. USathane waphinde wasola uNkulunkulu ngokugodlela abantu ilungelo lokunquma phakathi kokuhle nokubi. (Genesise 2:17; 3:​1-6) USathane wabonisa ukuthi abantu bangaphila kangcono ngaphandle kokubuswa uNkulunkulu. Konke lokhu kwaphakamisa umbuzo obalulekile​—Ingabe uNkulunkulu uyakufanelekela ukubusa?

UDeveli waphakamisa nenye inselele. Wasola abantu ngokuthi bakhonza uNkulunkulu ngezisusa zobugovu. Mayelana noJobe othembekile, uDeveli wathi kuNkulunkulu: “Awuzange yini wena umbiyele yena nendlu yakhe nakho konke anakho nxazonke? . . . Kodwa, ngiyacela, ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho ubone ukuthi ngeke yini akuthuke khona kanye ebusweni bakho.” (Jobe 1:​10, 11) Nakuba uSathane ayekhuluma ngoJobe, la mazwi ayesho ukuthi bonke abantu bakhonza uNkulunkulu ngezisusa zobugovu.

INDLELA UNKULUNKULU AXAZULULA NGAYO LEZI ZINSELELE

Iyiphi indlela engcono okungaxazululwa ngayo lezo zinselele ezibalulekile? UNkulunkulu ohlakaniphile, wayenesixazululo esingcono kakhulu​—esingasenzi sisole uNkulunkulu. (Roma 11:33) Wanquma ukuvumela abantu ukuba bazibuse isikhathi esithile ukuze kubonakale ukuthi ubani umbusi ongcono.

Izimo ezidabukisayo ezisemhlabeni namuhla ziwubufakazi obusobala bokuthi ukubusa kwabantu kuhlulekile. Akukhona nje ukuthi imibuso yabantu ihlulekile ukuletha ukuthula, ukulondeka nenjabulo, kodwa iye yonakalisa umhlaba ngendlela edabukisayo. Lokhu kuqinisekisa iqiniso elibalulekile eliseBhayibhelini: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Indlela kaNkulunkulu yokubusa kuphela engasiqinisekisa ngokuthula okuhlala njalo, injabulo nokuthokoza kwesintu sonke ngenxa yokuthi leyo yinjongo kaNkulunkulu​—Isaya 45:18.

UNkulunkulu uyoyigcwalisa kanjani injongo yakhe ngabantu? Khumbula ukuthi uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze ngale ndlela: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Yebo, ngesikhathi esifanele, ngoMbuso wakhe uNkulunkulu uyosusa zonke izimbangela zokuhlupheka. (Daniyeli 2:44) Ubumpofu, izifo kanye nokufa kuyobe kungasekho. Ngokuphathelene nabampofu, iBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu ‘uyokhulula ompofu okhalela usizo.’ (IHubo 72:​12-14) IBhayibheli lithembisa lokhu ngabagulayo: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) UJesu washo nalokhu ngokuphathelene nabafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.” (Johane 5:​28, 29) Yeka izithembiso ezithinta inhliziyo!

Ukwakha ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu kusisiza ukuba sikwazi ukubhekana nemizwa yokusola uNkulunkulu

UKUBHEKANA NOKUDUMAZEKA

Ngemva kweminyaka engu-17 alimala, uSidnei, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wathi: “Angikaze ngisole uJehova uNkulunkulu ngengozi, kodwa ngiyavuma ukuthi ekuqaleni ngangimthukuthelele. Kuba nezinsuku lapho ngizizwa ngidumele futhi ngiyakhala lapho ngicabanga ngokukhubazeka kwami. Nokho, iBhayibheli lingisize ngaqonda ukuthi leya ngozi yayingesona isijeziso esivela kuNkulunkulu. Njengoba iBhayibheli lisho ‘isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.’ Ukuthandaza kuJehova nokufunda imiBhalo kungiqinisile ngokomoya futhi kwangikhuthaza.”​—UmShumayeli 9:​11, IHubo 145:18; 2 Korinte 4:​8, 9, 16.

Ukukhumbula izizathu zokuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ukuhlupheka nokuthi imiphumela yako iyoqedwa kanjani maduzane, kusisiza sibhekane nanoma yikuphi ukudumazeka esingase sibe nakho. Siqinisekiswa ngokuthi uNkulunkulu ‘ungumvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.’ Akekho oba nokholo kuye naseNdodaneni yakhe oyodumazeka.​—Hebheru 11:6; Roma 10:11.