Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

2 Korinte 12:9—“Umusa Wami Ukwanele”

2 Korinte 12:9—“Umusa Wami Ukwanele”

 “Umusa wami omkhulu ukwanele, ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.”—2 Korinte 12:9, IBhayibheli ImiBhalo ENgcwele.

 “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.—2 Korinte 12:9, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yeyesi-2 Korinte 12:9

 UNkulunkulu uthembisa ukunika umphostoli uPawulu amandla awadingayo ukuze abhekane nezilingo.

 “Umusa wami omkhulu ukwanele.” Singabuye siyibeke kanje impendulo uNkulunkulu ayinikeza uPawulu emithandazweni yakhe ephindaphindiwe: “Akukho okudingayo ngaphandle komusa wami.” Ngamanye amazwi, umusa kaNkulunkulu omkhulu wawanele ukuba usize uPawulu abhekane nezilingo zakhe. Kanjani? Inkulumo ethi “umusa omkhulu” noma “umusa” ichaza isipho samahhala futhi esingasifanele esisiphiwa uNkulunkulu ngesandla esivulekile. Ezincwadini azibhala, uPawulu uveza ukuthi wazuza kakhulu kulo musa omkhulu kaNkulunkulu. Nakuba uPawulu ayeshushisa amaKristu, uNkulunkulu wamnika amandla ayewadinga ukuze ashintshe ukuziphatha kwakhe futhi asize abanye ukuba babe amaKristu. (1 Korinte 15:9, 10; 1 Thimothewu 1:12-14) Ukuze anqobe izinkinga ayebhekene nazo uPawulu wancika osizweni lukaNkulunkulu.

 “Ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” INkosi uJehova a ikhumbuza uPawulu ukuthi amandla ayo abonakala ngokucacile lapho esebenza kumuntu obuthakathaka nonesono. (2 Korinte 4:7; 12:8) Lapho amaKristu ebubona ubuthakathaka bawo bese encika kuJehova ukuze athole usizo, asuke evumela amandla kaNkulunkulu ukuba asebenze ngokugcwele kuwo. (Efesu 3:16; Filipi 4:13) Kungalowo mqondo amandla kaNkulunkulu eba sobala ebuthakathakeni bomuntu.

Umongo weyesi-2 Korinte 12:9

 Cishe ngo-55 C.E, uPawulu wabhalela amaKristu aseKorinte incwadi ekhuthazayo ephefumulelwe. Ngasekupheleni kwaleyo ncwadi yakhe, wavikela igunya analo njengomphostoli. Wabona kudingeka lokho ngoba abanye ababezibiza ngabafundisi babemgxeka, mhlawumbe bemahlulela ngokubukeka kwakhe noma ikhono lakhe lokukhuluma.—2 Korinte 10:7-10; 11:5, 6, 13; 12:11.

 Ezivikela, uPawulu wachaza ukuthi wayengeke akwazi ukufeza inkonzo yakhe nokukhuthazelela izilingo eziningi ngamandla akhe. (2 Korinte 6:4; 11:23-27; 12:12) Esahlukweni 12, ukhuluma ‘ngeva enyameni’ elingokomfanekiso, ngokusobala okwakuyinkinga ebeleselayo eyayimbangela ubuhlungu emzimbeni noma ngokomzwelo. (2 Korinte 12:7) Nakuba uPawulu engaluchazanga lolo sizi lwakhe, kodwa wayezimisele ukulwa nalo ngosizo lukaNkulunkulu.

 Nanamuhla amaKristu angabhekana nobunzima futhi ashushiswe. Kodwa kuyawaduduza ukwazi ukuthi amandla kaNkulunkulu angawasiza abhekane nanoma iyiphi inkinga ahlangabezana nayo. NjengoPawulu, nawo angasho ngeqholo athi: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona.”—2 Korinte 12:10.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amabalengwe encwadi yesi-2 Korinte.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Funda isihloko esithi “Ungubani uJehova?