AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA
IHubo 46:10—“Thulani, Niqonde Ukuthi Mina NginguNkulunkulu”
“Celani umaluju, nazi ukuthi nginguNkulunkulu. Ngizodunyiswa phakathi kwezizwe; ngizodunyiswa emhlabeni.”—IHubo 46:10, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.
“Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.”—IHubo 46:10, IBhayibheli Elingcwele.
Incazelo yeHubo 46:10
UNkulunkulu unxusa bonke abantu ukuba bamkhonze nokuba balazi ilungelo lakhe lokubusa emhlabeni. Amandla negunya lakhe akunakuphikwa, okuyinto wonke umuntu ofuna ukuphila phakade okudingeka ayamukele.—IsAmbulo 4:11.
“Celani umaluju, nazi ukuthi nginguNkulunkulu.” Amanye amaBhayibheli ahumusha ingxenye yokuqala kuleli vesi ngokuthi “thulani.” Lokhu kuye kwenza abaningi benza iphutha, bacabanga ukuthi kuwumyalo ukuhlonipha noma ukuthula esontweni. Kodwa inkulumo yesiHebheru ehunyushwe ngokuthi “celani umaluju, nazi ukuthi nginguNkulunkulu” iwukunxusa kukaJehova a uNkulunkulu uqobo lwakhe, enxusa abantu bazo zonke izizwe ukuba bayeke ukumelana naye bazi ukuthi nguye kuphela ofanelwe ukukhonzwa.
Inkulumo efanayo itholakala kumaHubo 2. Lapho, uNkulunkulu uthembisa ukubathathela isinyathelo bonke abamelana naye. Ngakolunye uhlangothi, labo abamukela igunya likaNkulunkulu bancika kuye ukuze bathole isiqondiso, amandla nokuhlakanipha. Labo “abaphephela kuye [uNkulunkulu],” bayajabula futhi bathole isivikelo, ikakhulukazi ezikhathini ezinzima.—IHubo 2:9-12.
“Ngizodunyiswa phakathi kwezizwe; ngizodunyiswa emhlabeni.” Endulo, uJehova uNkulunkulu wadunyiswa lapho esebenzisa amandla akhe ukuze avikele abantu bakhe. (Eksodusi 15:1-3) Esikhathini esizayo, uyodunyiswa ngisho nakakhulu lapho wonke umuntu emhlabeni ezithoba egunyeni lakhe futhi emkhonza.—IHubo 86:9, 10; Isaya 2:11.
Umongo weHubo 46:10
Enye incwadi ibiza iHubo 46 ngokuthi “ingoma edumisa amandla kaNkulunkulu, umvikeli onamandla wabantu bakhe.” Lapho becula iHubo 46, abantu bakaNkulunkulu baveza indlela abamethemba ngayo uJehova ukuthi uzokwazi ukubavikela nokubasiza. (IHubo 46:1, 2) Lawo mazwi ayebakhumbuza ukuthi uJehova wayehlez’ enabo.—IHubo 46:7, 11.
Ukuze iqinise ukwethembela kwabo emandleni kaJehova okuvikela, le ngoma yabakhuthaza ukuba bacabange ngemisebenzi yakhe yamandla. (IHubo 46:8) Yagxila emandleni akhe okuqeda izimpi. (IHubo 46:9) Enye indlela uJehova akwenza ngayo lokho, ukuqeda izimpi ngezikhathi zeBhayibheli ngokuvikela abantu bakhe ezitheni zabo. Nokho, iBhayibheli lithembisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzophinde akwenze lokho ngezinga elikhulu kakhulu lapho eqeda izimpi emhlabeni wonke.—Isaya 2:4.
UJehova usazisiza yini izikhonzi zakhe namuhla? Yebo. Empeleni, umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba athembele kuNkulunkulu ukuze awasize. (Hebheru 13:6) Amazwi akumaHubo 46 aqinisa ukwethembela kwethu emandleni kaNkulunkulu okuvikela. Ayasisiza sibheke uNkulunkulu ‘njengesiphephelo namandla ethu.’—IHubo 46:1.
Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yamaHubo.
a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?“