AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA
IzAga 22:6—“Khulisa Umntwana Ngendlela Eyakuba Ngeyakhe”
“Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo; ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.”—IzAga 22:6, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.
“Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”—IzAga 22:6, IBhayibheli Elingcwele.
Incazelo yezAga 22:6
Abazali abafundisa izingane zabo ukuthanda uNkulunkulu nokuhlonipha imithetho yakhe bangalindela ukuthi lokho kuqeqesha kube nomthelela omuhle nohlala njalo kuzo.
“Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo.” La mazwi angaphinde abekwe ngokuthi “nika umntwana isiqalo esihle.” Amavesi amaningi ahlukahlukene encwadini yezAga, akhuthaza abazali ukuba bafundise izingane zabo ngokuhle nokubi lapho zisencane. (IzAga 19:18; 22:15; 29:15) Noma kunjalo, abazali abanothando bayaqonda ukuthi izingane zabo, njengabantu abadala, zinenkululeko yokuzikhethela. Ngakho kunokumane batshele izingane zabo okumele zikwenze, babonisana nazo, bazisize zikhule zibe abantu abadala abavuthiwe futhi abakwazi ukuzimela, nabakwazi ukuzenzela izinqumo ezihlakaniphile.—Duteronomi 6:6, 7; Kolose 3:21.
Ezinye izazi zeBhayibheli zithi la mazwi asho ukuthi “qeqesha ingane ngokuvumelana nendlela eyiyo ngokwemvelo,” noma ngokuvumelana nobuntu bayo. Le ncazelo ingazwakala iphusile, kodwa inkulumo yesiHebheru ehunyushwe ngokuthi “ngendlela okufanele ihambe ngayo” izwakala ibhekisela ekulandeleni inkambo enhle nelungile ekuphileni. Incwadi yezAga iqokomisa izindlela ezimbili umuntu angahamba ngazo. Enye ibizwa ngokuthi “indlela yabantu abalungile,” “indlela yokuhlakanipha,” ‘nendlela efanele.’ (IzAga 2:20; 4:11; 23:19) Enye ibizwa ngokuthi ‘indlela yababi,’ “indlela yesiwula,” ‘nendlela okungeyona.’ (IzAga 4:14; 12:15; 16:29) Indlela ingane “okufanele ihambe ngayo” ibhekisela “endleleni efanele”—indlela yokuphila efundiswa eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.—IHu. 119:105.
“Ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.” Lapho abazali befundisa ingane yabo imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha, aba maningi amathuba okuthi ihlale endleleni elungile ekuphileni kwayo. Lokhu akusho ukuthi ingane eqeqeshwe ngendlela efanele ayisoze “isuke” endleleni efanele noma iqhele emithethweni kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uma umuntu echitha isikhathi nabantu abakhuthaza izinto ezimbi, angase ashiye “izindlela zobuqotho” bese enza okubi. (IzAga 2:12-16; 1 Korinte 15:33) Noma kunjalo, lapho abazali beqeqesha izingane zabo ukuba zilandele imithetho kaNkulunkulu, bazandisela amathuba okuphumelela ekuphileni.—IzAga 2:1, 11.
Umongo wezAga 22:6
Isahluko 22 encwadini yezAga siqukethe izisho nezaga ezimfishane ezisisiza sibone ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ezimweni ezihlukahlukene ekuphileni. Lezi zaga zigcizelela ukubaluleka kokuba negama elihle noJehova, a okuyinto umuntu angayithola ngokubonisa ukuthobeka, ukupha, kanye nokusebenza kanzima. (IzAga 22:1, 4, 9, 29) Ngokuphambene nalokho, amanye amavesi asitshela ukuthi labo abayishaya indiva imithetho kaNkulunkulu bacindezele abahluphekayo, bayobhekana nemiphumela ebuhlungu.—IzAga 22:8, 16, 22-27.
Nakuba amavesi amaningi encwadini yezAga isahluko 22 engabhekiseli ekuqeqesheni ingane, ayichaza kahle indlela yokuphila eholela ekwamukelweni uNkulunkulu nasenjabulweni yangempela. (IzAga 22:17-19) Ngokuqeqesha izingane zabo ukuba zihambe ngale ndlela, abazali bakhombisa ukuthi bazifunela okungcono kakhulu izingane zabo.—Efesu 6:1-3.
Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yezAga.
a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”