AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA
IzEnzo 1:8—“Nizakwamukeliswa Amandla”
“Kodwa nina nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, nizoba ofakazi bami eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.
“Kodwa nizakwamukeliswa amandla‚ uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu‚ nibe ngofakazi bami eJerusalema‚ naseJudiya lonke‚ naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”—IzEnzo 1:8, IBhayibheli Elingcwele.
Incazelo yezEnzo 1:8
UJesu wathembisa abalandeli bakhe ukuthi umoya kaNkulunkulu ongcwele wawuzobanika amandla okufeza inkonzo yabo ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.
“Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu.” UJesu uphinda isithembiso ayesenze kubafundi bakhe sokuthi babezothola usizo lomoya kaNkulunkulu a ngemva kokubuyela kwakhe ezulwini. (Johane 14:16, 26) Ngemva kwezinsuku eziyishumi uJesu enyukele ezulwini ngonyaka ka-33 C.E., abalandeli bakhe bawuthola umoya ongcwele othenjisiwe. (IzEnzo 2:1-4) Umoya kaNkulunkulu ongcwele awugcinanga nje ngokubenza bakhulume izilimi ezihlukahlukene nokuba benze izimangaliso, kodwa wabanika nekhono lokushumayela ngesibindi ngokholo lwabo kuJesu.—IzEnzo 3:1-8; 4:33; 6:8-10; 14:3, 8-10.
“Nizoba ofakazi bami.” Igama elithi “ufakazi” lisho “umuntu owethula ubufakazi” noma “oveza ubuqiniso bento ethile” ngenxa yalokho akubonile noma akwaziyo. Njengofakazi bokuzibonela ekuphileni kukaJesu, abaphostoli babengakwazi ukufakaza ngezinto ezenzeka phakathi nenkonzo yakhe, kuhlanganise nasekufeni nasekuvusweni kwakhe. (IzEnzo 2:32; 3:15; 5:32; 10:39) Ubufakazi babo obuqandikhanda baqinisekisa abantu abaningi ngokuthi uJesu wayenguKristu, uMesiya othenjisiwe. (IzEnzo 2:32-36, 41) Abantu ababakholwa abaphostoli baba ofakazi bakaJesu, nabo bashumayela ngokuphila, ukufa, nokuvuka kukaJesu.—IzEnzo 17:2, 3; 18:5.
“Ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” Le nkulumo ingabuye ihunyushwe ngokuthi “emikhawulweni yomhlaba” noma “kwamanye amazwe.” Amazwi kaJesu asitshela ukuthi abalandeli bakhe babeyofakaza ngaye ngezinga elingakanani. Babeyofinyelela ngisho nasezindaweni ezikude kakhulu neJudiya neSamariya ukuze batshele abanye ngezinkolelo zabo. Empeleni, babeyohamba izindawo eziningi kakhulu futhi bafinyelele abantu abaningi kunalabo uJesu abafinyelela. (Mathewu 28:19; Johane 14:12) Kungakapheli ngisho neminyaka engu-30 uJesu ekhulume la mazwi, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi izindaba ezinhle ngoJesu sezishunyayelwe “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu” ngisho nasezindaweni eziqhelile, njengaseRoma, eParte (eningizimu-mpumalanga yeCaspian Sea), naseNyakatho Afrika.—Kolose 1:23; IzEnzo 2:5, 9-11.
Umongo wezEnzo 1:8
Incwadi yezEnzo iqhubeka lapho kugcina khona iVangeli likaLuka. (Luka 24:44-49; IzEnzo 1:4, 5) Umbhali wayo, umfundi uLuka, uqala ukulandisa kwakhe ngokuchaza indlela uJesu abonakala ngayo kubalandeli bakhe ngemva kokuvuswa kwakhe. (IzEnzo 1:1-3) Ube esechaza indlela ibandla lobuKristu elaqala ngayo nelakhula ngayo kusukela ngo-33 C.E. kuye ngabo-61 C.E.—IzEnzo 11:26.
Umongo wezEnzo 1:8 uveza ukuthi abalandeli bakaJesu babezibuza ukuthi uJesu wayezoqala ngesikhathi sabo yini ukubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. (IzEnzo 1:6) Ebaphendula, uJesu ubatshela ukuba bangakhathazeki kakhulu ngokuthi uMbuso uyomiswa nini. (IzEnzo 1:7) Esikhundleni salokho, abalandeli bakhe kwakufanele bagxile ekunikezeni ubufakazi ngoJesu “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) AmaKristu namuhla enza okufanayo, ashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko.—Mathewu 24:14.
Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yezEnzo.
a Umoya kaNkulunkulu ongcwele ungamandla akhe asebenzayo. (Genesise 1:2) Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, funda isihloko esithi “Uyini Umoya Ongcwele?”