Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

UmShumayeli 3:11—“Wenze Konke Kwaba Kuhle Ngesikhathi Sakho”

UmShumayeli 3:11—“Wenze Konke Kwaba Kuhle Ngesikhathi Sakho”

 “Wenze konke kwaba kuhle ngesikhathi sako. Uze wafaka ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo; kodwa abantu abasoze bawuthole umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.”—UmShumayeli 3:11, IBhayibheliImiBhalo Engcwele.

 “Wenze konke kwaba kuhle ngesikhathi sakho, ubeke nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.”—UmShumayeli 3:11, New International Version.

Incazelo kamShumayeli 3:11

 “Wenze konke kwaba kuhle ngesikhathi sako.” Kuleli vesi, igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “kuhle” aligcini nje ngokubhekisela entweni ebukeka kahle. Lingaphinde lihunyushwe nangokuthi “okuhlelwe kahle,” “okufanele” noma “okufanelekayo.” (UmShumayeli 3:11, umbhalo waphansi) Imisebenzi emihle kaNkulunkulu ayihlanganisi nje kuphela izinto azidalile, kodwa nakho konke akwenzile ukuze afeze intando yakhe.—Daniyeli 2:21; 2 Petru 3:8; IsAmbulo 4:11.

 “Uze wafaka ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo.” UNkulunkulu wadala abantu ukuze baphile kuze kube phakade. (IHubo 37:29) Ngokusobala, nabo wabenza baba naleso sifiso. Nokho, indoda nowesifazane bokuqala, u-Adamu no-Eva abamlalelanga uNkulunkulu, umphumela kwaba ukuthi bona nenzalo yabo bafe. (Genesise 3:17-19; Roma 5:12) Nokho, uNkulunkulu uthembisa ‘ukwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo,’ okuhlanganisa isifiso sabantu sokuphila phakade. (IHubo 145:16) IBhayibheli lichaza indlela uJehova abavulele ngayo abantu ithuba lokuphinde bathole ukuphila okuphakade.—Roma 6:23.

 “Abantu abasoze bawuthole umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.” Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kujule kakhulu futhi kukhulu ngendlela yokuthi iBhayibheli lize lithi izindlela zakhe “azinakuthungathwa.” (Roma 11:33) Noma kunjalo, uNkulunkulu uzimisele ukwambula izinjongo zakhe kubantu abafuna ukumjabulisa.—Amose 3:7.

Umongo kamShumayeli 3:11

 Incwadi kamShumayeli yabhalwa uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, owayedume ngokuhlakanipha akunikwa uNkulunkulu. Isitshela ukuthi yini ebaluleke ngempela ekuphileni nokuthi yini eyize. (UmShumayeli 1:2, 3; 2:1, 17; 7:1; 12:1, 13) Esahlukweni 3, uSolomoni uchaza eminye yemijikelezo evamile ekuphileni. Kukhulunywa ngezinto noma imisebenzi ehlukahlukene. (UmShumayeli 3:1-8, 10) UNkulunkulu unikeze abantu inkululeko yokuzikhethela ukuthi yini abazoyenza kulezi zinto nokuthi bazokwenza nini. (Duteronomi 30:19, 20; Joshuwa 24:15) USolomoni wathi abantu bayojabulela umsebenzi wabo onzima kuphela uma behambisana nenjongo kaNkulunkulu futhi behlonipha isikhathi sakhe esimisiwe noma i-timetable yakhe. Lokhu uSolomoni ukubiza ngokuthi “isipho sikaNkulunkulu.”—UmShumayeli 3:1, 12, 13.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi kamShumayeli.