Yini Noma Ubani ‘U-Alfa no-Omega’?
Impendulo yeBhayibheli
‘U-Alfa no-Omega’ nguJehova uNkulunkulu uMninimandla Onke. Le nkulumo ivela kathathu eBhayibhelini.—IsAmbulo 1:8; 21:6; 22:13. a
Kungani uNkulunkulu ezibiza ngokuthi ‘ungu-Alfa no-Omega’?
Ezinhlamvwini zolimi lwesiGreki okwabhalwa ngalo ingxenye yeBhayibheli ebizwa ngokuthi ITestamente Elisha, u-Alfa wuhlamvu lokuqala kanti u-Omega wuhlamvu lokugcina. Ukuba sekuqaleni nasekugcineni kwalezi zinhlamvu kubonisa ukuthi nguJehova kuphela oyisiqalo nesiphetho. (IsAmbulo 21:6) Kusukela kudala ubelokhu enguNkulunkulu uMninimandla Onke, futhi uzoqhubeka enguye kuze kube phakade. Uyena kuphela onguNkulunkulu kusukela “nini nanini kuze kube nini nanini.”—IHubo 90:2.
Ubani ‘ongowokuqala nowokugcina’?
EBhayibhelini le nkulumo ibhekisela kuJehova nakuJesu, kodwa inezincazelo ezingafani. Nazi izibonelo ezimbili.
Ku-Isaya 44:6, uJehova uthi: “Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina. Ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.” Lapha uJehova uveza ukuthi uyena yedwa onguNkulunkulu weqiniso, ngaphandle kwakhe akekho omunye. (Duteronomi 4:35, 39) Ngakho kuleli vesi, amazwi athi “ngingowokuqala futhi ngingowokugcina,” anencazelo efanayo namazwi athi “ngingu-Alfa no-Omega.”
Ngaphezu kwalokho, inkulumo ethi “owokuQala [ngesiGreki kusetshenziswe elithi pro’tos, hhayi elithi alfa] nowokuGcina [ngesiGreki kusetshenziswe elithi e’skha·tos, hhayi elithi omega]” itholakala emiBhalweni yesAmbulo 1:17, 18 no-2:8. Lapho ufunda indaba iyonke uyabona ukuthi le nkulumo ibhekisela kothile owafa waphinde wavuswa. Ngakho akukhulunywa ngoNkulunkulu kula mavesi, ngoba yena akakaze afe. (Habakuki 1:12) NguJesu owafa waphinde wavuswa. (IzEnzo 3:13-15) Ungumuntu wokuqala owavuswa, wabe esethola ukuphila okungenakufa ezulwini eseyingelosi. Manje uphila ezulwini “kuze kube phakade naphakade.” (IsAmbulo 1:18; Kolose 1:18) Bonke abanye abavuswayo bavuswa nguJesu. (Johane 6:40, 44) Ngakho waba owokugcina owavuswa uJehova ngokuqondile. (IzEnzo 10:40) Yingakho uJesu ebizwa ngokuthi “owokuQala nowokuGcina.”
Ingabe isAmbulo 22:13 sibonisa ukuthi nguJesu ‘ongu-Alfa no-Omega’?
Cha. Baningi abantu abakhulumayo kulesi sahluko, futhi kusAmbulo 22:13 akushiwo ngokuqondile ukuthi ubani okhulumayo. UProfesa uWilliam Barclay wabhala lokhu ngaleli vesi: ‘Kunzima ukuqiniseka ngokuthi ubani okhulumayo ngoba izenzakalo azibhaliwe ngokulandelana kwazo.’ (I-The Revelation of John, Umqulu 2, Revised Edition, ikhasi 223) Ngakho kunengqondo ukuphetha ngokuthi “u-Alfa no-Omega” okukhulunywa ngaye encwadini yesAmbulo 22:13, kusenguMuntu ofanayo nalowo okukhulunywe ngaye kwamanye amavesi ale ncwadi—uJehova uNkulunkulu.
a Le nkulumo iphinde ivele enguqulweni i-King James encwadini yesAmbulo 1:11. Nokho, izinguqulo eziningi aziwafaki la magama kuleli vesi ngoba awekho emiBhalweni yesandla yakudala.