Lithini IBhayibheli Ngama-dinosaur?
Impendulo yeBhayibheli
IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngama-dinosaur. Nokho, lisitshela ukuthi uNkulunkulu “wadala zonke izinto,” ngokusobala nama-dinosaur aphakathi kwalezo zinto. a (IsAmbulo 4:11) Nakuba iBhayibheli lingakhulumi ngokuqondile ngama-dinosaur, liyakhuluma ngezinhlobo zezilwane ezazingase zihlanganise nawo:
“Izilo ezinkulu zasolwandle.”—Genesise 1:21.
“Zonke izilwane ezihamba emhlabathini.”—Genesise 1:25.
“Izilo zasendle zomhlaba.”—Genesise 1:25.
Ingabe izilwane ezithile zashintsha zaba ama-dinosaur?
Amathambo atholakele awabonisi ukuthi kunezilwane ezashintsha kancane kancane zaba ama-dinosaur. Kunalokho, abonisa isilwane esase sivele siphelele. Lokhu kuhambisana nolokho okushiwo iBhayibheli, ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izilwane. Ngokwesibonelo, iHubo 146:6 lichaza uNkulunkulu ngokuthi “uMenzi wezulu nomhlaba, wolwandle, nowakho konke okukukho.”
Ayephila ngayiphi inkathi ama-dinosaur?
IBhayibheli lithi izilwane zasolwandle nezihamba emhlabathini, zadalwa ngosuku lwesihlanu nolwesithupha. b (Genesise 1:20-25, 31) Ngakho, ngokwalokho okushiwo iBhayibheli kubonakala sengathi ama-dinosaur aba khona isikhathi eside.
Ingabe uBhehemoti noLeviyathani kwakungama-dinosaur?
Cha. Nakuba lezi zilwane okukhulunywa ngazo encwadini kaJobe zingaziwa ngokuthe ngqo, kuvame ukuthiwa uBhehemoti imvubu, kanti uLeviyathani kuthiwa ingwenya. Indlela lezi zilwane ezakheke ngayo iyafana nendlela iBhayibheli elichaza ngayo uBhehemoti noLeviyathani. (Jobe 40:15-23; 41:1, 14-17, 31) Kunoma ikuphi, igama elithi “Bhehemoti” nelithi “Leviyathani” awanakubhekisela kuma-dinosaur. UNkulunkulu watshela uJobe ukuba abukisise lezi zilwane. Ngesikhathi uJobe etshelwa lokho, ayengasekho ama-dinosaur.—Jobe 40:16; 41:8.
Ashonaphi ama-dinosaur?
IBhayibheli alisho ukuthi ashonaphi ama-dinosaur. Nokho, lisitshela ukuthi zonke izinto zadalwa “ngenxa yentando” kaNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu wayazi ukuthi wayewadaleleni ama-dinosaur. (IsAmbulo 4:11) Ngokuhamba kwesikhathi, waba nesizathu sokuwaqeda ama-dinosaur.
a Amathambo atholakele ayakufakazela ukuthi ama-dinosaur ake aba khona. Empeleni, la mathambo abonisa ukuthi kwakunezinhlobonhlobo zama-dinosaur nokuthi ayeshiyana ngobukhulu.
b Ngezinye izikhathi lapho iBhayibheli likhuluma ‘ngosuku,’ lisuke libhekisela enkathini engaba iminyaka engaphezu kwengu-1000.—Genesise 1:31; 2:1-4; Hebheru 4:4, 11.