Ingabe UNkulunkulu Uyawushintsha Umqondo Wakhe?
Impendulo yeBhayibheli
Yebo, ngomqondo wokuthi uyasishintsha isimo sakhe sengqondo lapho abantu beshintsha indlela abaziphatha ngayo. Ngokwesibonelo, lapho uNkulunkulu ekhipha isahlulelo kubantu bakwa-Israyeli wasendulo, wathi: “Mhlawumbe bayolalela babuye, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngizisola ngenhlekelele engicabanga ukuyikhipha phezu kwabo ngenxa yobubi bezenzo zabo.”—Jeremiya 26:3.
Izinguqulo zeBhayibheli eziningi zihumusha leli vesi ngokuthi uNkulunkulu “angaphenduka” enhlekeleleni abeyihlosile, okunganikeza umqondo wokuthi usuke enze iphutha. Nokho, igama lesiHebheru lokuqala lingasho “ukushintsha umqondo noma inhloso.” Esinye isazi sabhala: “Ukushintsha kwendlela umuntu aziphatha ngayo, kushintsha isahlulelo sikaNkulunkulu.”
Nokho, ukuthi uNkulunkulu angawushintsha umqondo wakhe akusho ukuthi uphoqelekile ukuba awushintshe. Cabanga ngezimo iBhayibheli elibonisa kuzo ukuthi uNkulunkulu akawushintshanga umqondo:
UNkulunkulu akamvumelanga uBhalaki ukuba amenze ashintshe umqondo waKhe futhi aqalekise isizwe sakwa-Israyeli.—Numeri 23:18-20.
Lapho uSawulu, iNkosi yakwa-Israyeli, egxila ekwenzeni okubi uNkulunkulu akazange awushintshe umqondo waKhe wokumenqaba njengenkosi.—1 Samuweli 15:28, 29.
UNkulunkulu uzosifeza isithembiso sakhe sokwenza iNdodana yakhe ibe umpristi phakade. UNkulunkulu ngeke awushintshe umqondo waKhe.—IHubo 110:4.
IBhayibheli alisho yini ukuthi uNkulunkulu akalokothi ashintshe?
Yebo, iBhayibheli licaphuna uNkulunkulu ethi: “NginguJehova; angizange ngishintshe.” (Malaki 3:6) Ngokufanayo, iBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘akashintshashintshi njengokuphenduka kwethunzi.’ (Jakobe 1:17) Nokho, lokhu akuphikisani nalokho okushiwo iBhayibheli ngokushintsha kukaNkulunkulu umqondo. UNkulunkulu akashintshi ngomqondo wokuthi ubuntu bakhe nezimiso zakhe zothando nobulungisa azilokothi zishintshe. (Duteronomi 32:4; 1 Johane 4:8) Noma kunjalo, anganika abantu iziqondiso ezihlukahlukene ngezikhathi ezingafani. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wanika iNkosi uDavide iziqondiso ezingafani mayelana nokulwa izimpi ezimbili ezazilandelana, nokho zombili lezi zindlela zaphumelela.—2 Samuweli 5:18-25.
Ingabe uNkulunkulu uyazisola ngokuthi wadala abantu?
Cha, kodwa uyazisola ngokuthi abantu abaningi abamnaki futhi bayamenqaba. Lapho lichaza izimo zangaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa, iBhayibheli lithi: “UJehova wadabuka ngokuthi wayebenzile abantu emhlabeni, futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.” (Genesise 6:6) Kuleli vesi, igama elithi “wadabuka” livela egameni lesiHebheru elingase lisho “ukushintsha umqondo.” UNkulunkulu washintsha umqondo ngeningi labantu abaphila ngaphambi kukaZamcolo ngoba base bebabi. (Genesise 6:5, 11) Nakuba kwamdumaza ukuthi bakhetha ukwenza okubi, akazange ashintshe indlela asibheka ngayo sonke isintu. Eqinisweni, walondoloza abantu kuZamcolo ngoNowa nomndeni wakhe.—Genesise 8:21; 2 Petru 2:5, 9.