Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?
Impendulo yeBhayibheli
IBhayibheli lifundisa ukuthi kuzo zonke izidalwa eziphila emhlabeni, inani elincane kuphela labantu elizoya ezulwini. (IsAmbulo 14:1, 3) Bazoya khona ukuze bayobusa njengamakhosi nabapristi kanye noJesu. (Luka 22:28-30; IsAmbulo 5:9, 10) Iningi labantu lizovuswa ukuze liphile epharadesi emhlabeni.—IHubo 37:11, 29.
EBhayibhelini akukhulunywa ngesilwane esifuywayo sasezulwini noma inja yasezulwini—kube kufanele. Izilwane ngeke zikwazi ukuthatha izinyathelo ezidingekayo ukuze zifanelekele ‘ubizo lwasezulwini.’ (Hebheru 3:1) Lezi zinyathelo zihlanganisa ukufunda, ukubonisa ukholo nokulalela imiyalo kaNkulunkulu. (Mathewu 19:17; Johane 3:16; 17:3) Abantu kuphela abadalwa benethuba lokuphila phakade.—Genesise 2:16, 17; 3:22, 23.
Ukuze ziye ezulwini, izidalwa zasemhlabeni kumelwe zivuswe ekufeni. (1 Korinte 15:42) IBhayibheli likhuluma izikhathi eziningana ngovuko olwenzeka. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37; 13:20, 21; Luka 7:11-15; 8:41, 42, 49-56; Johane 11:38-44; IzEnzo 9:36-42; 20:7-12) Kodwa lonke lwaluphathelene nokuvuswa kwabantu, hhayi izilwane.
Izilwane zinawo yini umphefumulo?
Cha. IBhayibheli lifundisa ukuthi kokubili abantu nezilwane kuyimiphefumulo. (Numeri 31:28) Lapho kudalwa umuntu wokuqala, u-Adamu, akanikezwanga umphefumulo kodwa “waba umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7, umbhalo waphansi) Umphefumulo wakhiwa yizinto ezimbili: ‘uthuli lomhlabathi’ kanye ‘nomoya wokuphila.’
Ingafa yini imiphefumulo?
Yebo, iBhayibheli lifundisa ukuthi imiphefumulo ingafa. (Levitikusi 21:11, umbhalo waphansi; Hezekeli 18:20) Lapho abantu nezilwane befa, babuyela othulini lomhlaba. (UmShumayeli 3:19, 20) Ngamanye amazwi, basuke bengasaphili ndawo. a
Ingabe izilwane zingasenza isono?
Cha. Inkulumo ethi ukona isho ukucabanga, ukuba nemizwa noma ukwenza into engqubuzana nemithetho kaNkulunkulu. Ukuze isidalwa sone, kumelwe sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi, kodwa izilwane azikwazi ukukwenza lokhu. Ngokuvamile zenza ngokuvumelana nomuzwa wemvelo phakathi nesikhathi sokuphila kwazo okufushane. (2 Petru 2:12) Lapho isikhathi sokuphila kwazo siphela, ziyafa, ngisho noma zingasenzi isono.
Kwamukelekile yini ukuziphatha ngonya izilwane?
Cha. UNkulunkulu wanikeza abantu igunya lokubusa izilwane kodwa hhayi ilungelo lokuziphatha kabi. (Genesise 1:28; IHubo 8:6-8) UNkulunkulu uyayikhathalela inhlalakahle yesilwane ngasinye—ngisho neyezinyoni ezincane. (Jona 4:11; Mathewu 10:29) Uyala labo abamkhonzayo ukuba baziphathe kahle izilwane.—Eksodusi 23:12; Duteronomi 25:4; IzAga 12:10.
a Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, bheka isahluko 6 sencwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli?