Ingabe Iziprofetho Ezabikezelwa NgoMesiya Zifakazela Ukuthi UJesu WayenguMesiya?
Impendulo yeBhayibheli
Yebo. Ngesikhathi esemhlabeni uJesu wagcwalisa iziprofetho eziningi ezazimayelana ‘noMesiya uMholi,’ owayezoba ‘uMsindisi wezwe.’ (Daniyeli 9:25; 1 Johane 4:14) Nangemva kokufa kwakhe, uJesu waqhubeka egcwalisa iziprofetho ezazimayelana noMesiya.—IHubo 110:1; IzEnzo 2:34-36.
Kusho ukuthini ukuthi “Mesiya”?
Igama lesiHebheru elithi Ma·shiʹach (Mesiya) nelesiGreki elithi Khri·stos (Kristu) womabili asho ukuthi “Ogcotshiwe.” Ngakho ukuthi “uJesu Kristu” kusho ukuthi “uJesu Ogcotshiwe” noma “uJesu uMesiya.”
Ngezikhathi zeBhayibheli, uma umuntu egcotshwa ukuba abe sesikhundleni esikhethekile wayethelwa ngamafutha ekhanda. (Levitikusi 8:12; 1 Samuweli 16:13) UJesu wagcotshwa uNkulunkulu ukuba abe uMesiya, okuyisikhundla esiphezulu. (IzEnzo 2:36) Nokho kunokuba agcobe uJesu ngokumthela ngamafutha, uNkulunkulu wamgcoba ngomoya ongcwele.—Mathewu 3:16.
Ingabe iziprofetho ezimayelana noMesiya zazingagcwaliswa abantu abaningi?
Cha. Njengoba imigqa yeminwe ingeke ikhombe abantu abaningi, neziprofetho zeBhayibheli zazizogcwaliseka kumuntu oyedwa kuphela owayezoba uMesiya noma uKristu. Nokho iBhayibheli lixwayisa ngokuthi “kuyovela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga futhi bayokwenza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso ukuze badukise ngisho nabakhethiweyo, uma kungenzeka.”—Mathewu 24:24.
Ingabe uMesiya uzovela esikhathini esizayo?
Cha. IBhayibheli labikezela ukuthi uMesiya wayeyovela ozalweni lwenkosi yakwa-Israyeli uDavide. (IHubo 89:3, 4) Nokho kubonakala sengathi amarekhodi ohlu lozalo lukaDavide alahleka lapho amaRoma enqoba iJerusalema ngo-70 C.E. a Kusukela ngaleso sikhathi, kunzima ukuba umuntu akwazi ukufakazela ukuthi uvela ohlwini lozalo lukaDavide. Nokho ngesikhathi uJesu esemhlabeni ayekhona lawo marekhodi, ngisho nezitha zakhe zahluleka ukuphikisa ukuthi wayevela ohlwini lozalo lukaDavide.—Mathewu 22:41-46.
Zingaki iziprofetho eziseBhayibhelini ezikhuluma ngoMesiya?
Kunzima ukusho ngokuthe ngqo ukuthi zingaki iziprofetho ezikhuluma ngoMesiya. Ziyahluka izindlela zokubala iziprofetho emiBhalweni ekhuluma ngoMesiya. Ngokwesibonelo, u-Isaya 53:2-7 ukhuluma ngezinto eziningi ezaziyokwenzeka kuMesiya. Abanye bangabala wonke la mavesi njengesiprofetho esisodwa esibikezela ngoMesiya, kanti abanye bangathi ingxenye ngayinye echaza okwakuzokwenzeka iyisiprofetho esisodwa esizimele.
Ezinye iziprofetho ezimayelana noMesiya ezagcwaliswa uJesu
Isiprofetho |
Sitholakala |
Ukugcwaliseka kwaso |
---|---|---|
Wayezovela ozalweni luka-Abrahama |
||
Wayezovela ozalweni luka-Isaka indodana ka-Abrahama |
||
Wayezozalwa esizweni sakwaJuda |
||
Wayezovela ozalweni lweNkosi uDavide |
||
Wayezozalwa intombi nto |
||
Wayezozalelwa eBhetlehema |
||
Wayezobizwa ngokuthi u-Imanuweli b |
||
Wayenganakekile ekuqaleni |
||
Izingane zabulawa ngemva kokuzalwa kwakhe |
||
Wabizwa ukuba aphume eGibhithe |
||
Wabizwa ngokuthi umNazaretha c |
||
Wandulelwa yisithunywa |
||
Wagcotshwa ukuba abe nguMesiya ngo-29 C.E. d |
||
UNkulunkuku wathi uyiNdodana yaKhe |
||
Wayenetshiseko ngendlu kaNkulunkulu |
||
Wayezoba ummemezeli wezindaba ezinhle |
||
Ukushumayela kwakhe eGalile kwakuzoletha ukukhanya okukhulu |
||
Wenza izimangaliso njengoMose |
||
NjengoMose wayekhuluma okuvela kuNkulunkulu |
||
Welapha abaningi |
||
Akazifunelanga udumo |
||
Wabazwela ababecindezelekile |
||
Wabonisa ubulungisa bukaNkulunkulu |
||
UMeluleki Omangalisayo |
||
Wazisa abanye igama likaNkulunkulu |
||
Wakhuluma ngemifanekiso |
||
UMholi |
||
Abaningi abazange bamkholwe |
||
Waba itshe elikhubekisayo |
||
Abantu bamphika |
||
Wazondwa ngaphandle kwesizathu |
||
Wangena eJerusalema egibele imbongolo |
||
Wadunyiswa yizingane |
||
Weza egameni likaJehova |
||
Wadayiswa umuntu ayemethemba |
||
Wadayiswa ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30 e |
||
Abangane bakhe bamshiya |
||
Abantu bafakaza izinto ezingamanga ngaye |
||
Wathula lapho bembeka amacala |
||
Bamkhafulela |
||
Bamshaya ekhanda |
||
Bambhaxabula |
||
Akazange alwisane nalabo ababemshaya |
||
Izikhulu zikahulumeni zahlangana ukuze zimelane naye |
||
Izandla nezinyawo zakhe zabethelwa esigxotsheni |
||
Benza inkatho (bagembula) ukuze bathole izingubo zakhe |
||
Wabalwa kanye nezoni |
||
Wazondwa, wagconwa |
||
Wahlupheka ngenxa yezoni |
||
Kwabonakala sengathi uNkulunkulu umlahlile |
||
Wanikwa uviniga nenyongo ukuze aphuze |
||
Wayomile ngaphambi kokuba afe |
||
Wanikela umoya wakhe kuNkulunkulu |
||
Wanikela ngokuphila kwakhe |
||
Waba isihlengo ukuze kususwe izono |
||
Amathambo akhe awazange aphulwe |
||
Bamgwaza |
||
Wangcwatshwa nabantu abacebile |
||
Wavuswa ekufeni |
||
Isikhundla sowamdayisa sathathwa omunye |
||
Wayezohlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu |
a I-Cyclopedia kaMcClintock noStrong ithi: “Kubonakala sengathi imibhalo yohlu lwezizwe zakwaJuda nemindeni yazo yalahleka lapho kubhujiswa iJerusalema, hhayi ngaphambi kwalokho.”
b Igama lesiHebheru elithi Imanuweli, elisho ukuthi “UNkulunkulu Unathi,” liyichaza kahle indima kaJesu njengoMesiya. Ukufika kwakhe emhlabeni nomsebenzi awenza, kwabonisa ukuthi uNkulunkulu uzinakile izinceku zaKhe.—Luka 2:27-32; 7:12-16.
c Igama elithi “umNazaretha” kubonakala sengathi liqhamuka egameni lesiHebheru elithi neʹtser okusho ukuthi “ihlumela.”
d Ukuze uthole imininingwane mayelana nezenzakalo ezikhomba ukuthi u-29 C.E. uwunyaka uMesiya avela ngawo, bheka isihloko esithi “Indlela Isiprofetho SikaDaniyeli Esibikezela Ngayo Ukufika KukaMesiya.”
e Lesi siprofetho sisencwadini kaZakariya kodwa umbhali wencwadi yeBhayibheli uMathewu uthi ‘kwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi.’ (Mathewu 27:9) Kubonakala sengathi incwadi kaJeremiya yayisekuqaleni eqoqweni lemiBhalo ebizwa ngokuthi “abaProfethi.” (Luka 24:44) Ngakho kungenzeka ukuthi uMathewu wayesebenzisa igama elithi “Jeremiya” lapho ebhekisela kulelo qoqo lezincwadi elalihlanganisa nencwadi kaZakariya.