UMariya UnguMama KaNkulunkulu Yini?
Impendulo yeBhayibheli
Cha, iBhayibheli alifundisi ukuthi uMariya ungumama kaNkulunkulu nokuthi amaKristu kufanele akhonze noma adumise uMariya. a Cabanga ngalokhu:
UMariya akakaze athi ungumama kaNkulunkulu. IBhayibheli alisho ukuthi wazala uNkulunkulu kodwa lithi wazala ‘iNdodana YoPhezukonke,’ noma “iNdodana kaNkulunkulu.”—Luka 1:32, 35.
UJesu Kristu akakaze athi uMariya ungumama kaNkulunkulu, noma athi kumelwe adunyiswe. Empeleni wakhuza owesifazane owayedumisa uMariya ngokuba umama kaJesu, wathi kuye: “Cha, kunalokho, bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—Luka 11:27, 28.
Inkulumo ethi “uMama kaNkulunkulu” nethi “Theotokos” (ozala uNkulunkulu), ayikho eBhayibhelini.
EBhayibhelini inkulumo ethi “iNdlovukazi Yamazulu” ayibhekiseli kuMariya, kunalokho ibhekisela kunkulunkulukazi wamanga owayekhonzwa ama-Israyeli ayehlubukile. (Jeremiya 44:15-19) Kungenzeka ukuthi leyo “Ndlovukazi Yamazulu” yayingu-Ishtar (u-Astarte), unkulunkulukazi waseBhabhiloni.
AmaKristu okuqala awazange amkhonze uMariya noma amdumise. Esinye isazimlando sithi amaKristu okuqala “ayengeke ahambisane nalowo mkhuba, futhi kungenzeka ayesaba ukuthi ukunaka kakhulu uMariya kwakungawenza abhekwe njengakhonza onkulunkulukazi bamanga.”—In Quest of the Jewish Mary.
IBhayibheli lithi uNkulunkulu ubelokhu ekhona. (IHubo 90:1, 2; Isaya 40:28) Njengoba engenaso isiqalo, ngeke kwenzeke ukuthi unomama. Ngaphandle kwalokho, uMariya wayengeke akwazi ukuthwala uNkulunkulu esibelethweni sakhe, iBhayibheli lithi ngisho namazulu awakwazi ukumthwala.—1 AmaKhosi 8:27.
UMariya ungumama kaJesu, akayena “uMama kaNkulunkulu”
UMariya wayengumJuda, engowesizukulwane seNkosi uDavide. (Luka 3:23-31) UNkulunkulu wayemthanda ngoba wayenokholo futhi ezinikele. (Luka 1:28) UNkulunkulu wamkhetha ukuba abe umama kaJesu. (Luka 1:31, 35) UMariya nomyeni wakhe uJosefa babenazo ezinye izingane.—Marku 6:3.
Nakuba iBhayibheli libonisa ukuthi uMariya waba umfundi kaJesu, alisho okuningi ngaye.—IzEnzo 1:14.
a Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi uMariya ungumama kaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi zimbiza ngokuthi “iNdlovukazi Yamazulu” noma ngokuthi u-Theotokos, okuyigama lesiGreki elisho ukuthi “ozala uNkulunkulu.”