Kufanele Yini UmKristu Elashwe Odokotela?
Impendulo yeBhayibheli
Yebo. UJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe kufanele bafune usizo lwezokwelapha lapho ethi: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” (Mathewu 9:12) Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yezempilo, linikeza labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu iziqondiso.
Imibuzo ongazibuza yona
1. Ngiyaluqonda yini lolu hlobo lokwelashwa? IBhayibheli liseluleka ukuba sifune ukwaziswa emthonjeni onokwethenjelwa kunokuba “nokholo kuwo wonke amazwi.”—IzAga 14:15.
2. Ingabe kufanele ngithole umbono wodokotela ababili noma abathathu lapho ngizokwelashwa? ‘Abeluleki abaningi’ bangaba usizo ikakhulukazi uma isimo sakho sibucayi.—IzAga 15:22.
3. Ingabe lokho kwelashwa kuzokwenza uphule umthetho weBhayibheli ‘wokudeda egazini’?—IzEnzo 15:20.
4. Ingabe kulokho kwelashwa kuzosetshenziswa imimoya? IBhayibheli liyawulahla “umkhuba wokusebenzisa imimoya.” (Galathiya 5:19-21) Ukuze ubone ukuthi lokho kwelashwa kusebenzisa imimoya yini cabangela le mibuzo:
Ingabe olaphayo usebenzelana nemimoya?
Ingabe ngelashwa ngenxa yenkolelo yokuthi ukugula kwami kubangelwa ulaka lwamadlozi noma ukuthakathwa izitha?
Ingabe ukuthaka la makhambi noma ukuwasebenzisa kuhambisana nemihlatshelo, ukukhuluma nemimoya, noma eminye imicikilisho yokusebenzelana nemimoya?
5. Ingabe sengikhathazeka ngokweqile ngempilo yami? IBhayibheli liyeluleka: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Ukuba ocabangelayo kuyokusiza ukuba ugxile ezintweni “ezibaluleke kakhulu,” njengezinto ezingokomoya.—Filipi 1:10; Mathewu 5:3.