Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Ngibe Nomndeni Ojabulayo?
Impendulo yeBhayibheli
Yebo. Nazi izeluleko ezimbalwa ezisekelwe eBhayibhelini ezisize izigidi zamadoda nabesifazane ukuba zibe nemindeni ejabulayo:
Shada ngokusemthethweni. Isibopho sokuphila konke osenza ngokushada ngokusemthethweni siyisisekelo somndeni ojabulayo.—Mathewu 19:4-6.
Bonisa uthando nenhlonipho. Lokhu kuhlanganisa ukuphatha oshade naye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo.—Mathewu 7:12; Efesu 5:25, 33.
Gwema amazwi ahlabayo. Khuluma ngendlela enomusa, ngisho nalapho oshade naye esho noma enza okuthile okukuzwisa ubuhlungu. (Efesu 4:31, 32) IzAga 15:1 zithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.”
Thembekani komunye nomunye. Izenzo zothando nezocansi zibonise kuphela koshade naye. (Mathewu 5:28) IBhayibheli lithi: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa.”—Hebheru 13:4.
Qeqesha izingane zakho ngothando. Gwema ukuthambisa kakhulu isandla nokuba nokhahlo.—IzAga 29:15; Kolose 3:21.