INTSHA IYABUZA
Kungani Abazali Bami Bengafuni Ngizijabulise?
Abangani bakho bakumemele ephathini kule mpelasonto. Ucela abazali bakho imvume yokuya, kodwa impendulo yabo ingu-“cha.” Ayikuthusi impendulo yabo. Bakuphendule ngendlela abakuphendula ngayo ngokudlule.
Okukulesi sihloko
Kungani abazali bami behlale bethi cha?
Uma ubona sengathi abazali bakho bahlale bezinqaba izicelo zakho, ungase uphethe ngokuthi abazali bakho abafuni ujabule.
UMarie osemusha wazizwa kanjalo lapho ethola ifoni yakhe yokuqala. Uthi: “Ubaba wangibekela imingcele eminingi ngokuthi yimaphi ama-app engingawadawuniloda, yibaphi abantu engingakhuluma nabo, nokuthi ngingakhuluma nabo kuze kushaye siphi isikhathi. Kuyilapho-ke abangani bami babengenza noma yini abayifunayo!”
Ongacabanga ngakho: Ingabe ngempela ubaba kaMarie wayengafuni ajabule? Yini enye okungenzeka yayimkhathaza?
Zama lokhu: Awenze sengathi uwena umzali, futhi unengane esanda kuba nefoni. Yiziphi izinto ezingase zikukhathaze wena? Imiphi imithetho wena ongayibeka ukuze uvikele ingane yakho? Yini wena ongayisho uma ingane yakho ithi awufuni nje ngijabule?
“Ubaba wayehlale ethi, ‘Awuzifake ezicathulweni zami.’ Ukwenza kanjalo kwakungisiza ngingaboni nje kuphela ukubaluleka kwemithetho yakhe kodwa ngibone nezizathu zakhe zokuyibeka. Ukube nami benginezingane, ngicabanga ukuthi nami bengingalindela kuzo lokhu ubaba akulindele kimi.”—UTanya.
Ngingabenza kanjani abazali bami bavume?
“Ukuklabalasa akusizi ngalutho, kunalokho kukhandla wena kanye nabazali bakho. Uma uqagulisana nabo, abazali bakho bazozitshela ukuthi uhlaza futhi ayikufanele inkululeko eyengeziwe.”—URichard.
“Ngokuvamile basuke benezizathu ezinhle zokubeka imithetho. Akukhona ukuthi abazali bami abafuni ngijabule, kodwa basuke befuna ngibe nenjabulo yangempela—injabulo engeke ingibangele izinkinga.”—U-Ivy.
Okushiwo iBhayibheli: “Isiphukuphuku siyikhipha yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uyilawula ngomoya ozolile.”—IzAga 29:11.
“Ngazama ukweqa imingcele ubaba ayeyibekile yendlela engingayisebenzisa ngayo ifoni. Ngafuna izindlela zokubhalela abangani bami imiyalezo ebusuku nokudawuniloda ama-app ayengafuni ngiwadawunilode. Wagcina engibambile futhi imithetho yakhe yaqina kakhulu ngoba wayengasangithembi. Ukuzama ukuthola izindlela zokweqa imithetho akulona icebo elihle.”—UMarie.
“Yiba nesineke. Kungase kubathathe isikhathi abazali bakho ukuba bashintshe umthetho, kodwa uma bekubona uyilalela imithetho yabo abayibekile, bangase bathambekele ekukunikezeni inkululeko ethe xaxa.”—UMelinda.
Okushiwo iBhayibheli: “Lalelani abazali benu kukho konke.”—Kolose 3:20.
“Ukufuna ngenkani izinto ngeke kwenze izinto zibe lula noma kukusize uthole okufunayo.”—UNatalie.
“Umzali ufuna ukubona ukuthi uyakwazi ukwenza izinqumo ezinhle. Ngakho lapho ngikhuluma nabazali bami, ngizama ukubonisana nabo ngamaqiniso kunokuba ngisebenzise imizwa ukuze ngibenze bangizwe. Lapho ngenza kanjalo, maningi amathuba okuba bangilalele.”—UJoseph.
Okushiwo iBhayibheli: “Hlonipha uyihlo nonyoko.”—Efesu 6:2.